‘Imali iwumuntu, nayo inomona’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noLungelo Hlongwane. Uwumculi womculo wokholo odume ngamaculo okubalwa kuwona elithi Qhubeka Nkosi, Seng’yabala Nkosi, Sengiyacela Nkosi nelithi Akasoze. Uthi maduze uzokhipha amaculo amabili amasha futhi usezinhlelweni zokuqopha bukhoma umculo wakhe omusha ngonyaka ozayo. Useke wasebenza nabaculi okubalwa kubo  noDumi Mkokstad engomeni ethi Endaweni Ebanzi noJumbo

Impi yaseMiddle East iphazamisa ukukhula komnotho

IZIBALO ngesimo somnotho ngekota yokuqala yonyaka zibezinhle njengoba ziveze ukuthi umnotho ukhule ngo-0,5% kodwa osomnotho sebexwayisile ngokuthi sezivele zikhona izimpawu zokuthi ikota yesibili ayizukuhamba kahle, okubangelwa kakhulu yimpi equbuke eMiddle East.

Umasipala uvulele intsha ithuba lokwenza izinto zokuhlanza

INTSHA ewu-30 yaseThekwini esafufusa kwezamabhizinisi namalungu emifelandawonye ithola ithuba eliyingqayizivele lokufunda ukwenza imikhiqizo yokuhlanza ukuze ikwazi ukusungula nokukhulisa amabhizinisi anekusasa.

Wenza izinto zibelula ngokuya kumakhasimende

KUBANTU abaningi, impelasonto yisikhathi sokuphumula. Kwabanye yisikhathi sokuma kulayini omude, belinde ukuwasha imoto amahora amaningi esikhundleni sokuthi baphumula. Insizwa edabuka yaKwaZulu-Natali kodwa esihlala eGauteng yathola umqondo webhizinisi lapho.

Abantu baseNingizimu Afrika ababazondi abokufika – ingqapheli

NGEMVA kwezinyanga imibhikisho ngabantu bokufika eNingizimu Afrika ithe chithi saka ezweni, umengameli wezwe uthembise ukuthi uhulumeni uzosukumela izikhalo zabantu.

Ukubheda kwezinto eGoli kudlisela umnotho wezwe, kuloba uBusi Mavuso

NJENGOBA kuzoqala iNdebe yoMhlaba eNorth America kuleli sonto ngikhumbula ngesikhathi lo mqhudelwano useNingizimu Afrika ngo-2010. Umdlalo wokuqala uzophinde ubephakathi kweNingizimu Afrika neMexico, umdlalo wokuqala okwavulwa ngawo le midlalo ngesikhathi ilapha.

Abantu baseNingizimu Afrika bakhala kufanele – uRamaphosa

WULANGA KHANYILE NGEMVA kwemibhikisho esisabalele ezweni mihla yonke ikhala ngabantu bokufika, nesiqubule impikiswano phakathi kwezakhamuzi, umengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa ugcine ephoqeke ukuphinde akhulume nesizwe. Ukhulume nesizwe ngeSonto ntambama. Le … Read More

Kubalulekile ukuba nomshwalense wokugada ingozi – umeluleki

ABANTU abaningi baseNingizimu Afrika babhekene nesimo sokuthi uma kungabanomshophi owodwa kungabheda isimo sabo sezimali. Kungabawukudilizwa emsebenzini, ukugula noma ukukhubazeka, isimo sezimali emakhaya abantu ezweni lonke siyaqhubeka nokubabucayi ngenxa yokunyuka kwezindleko zokuphila nesimo somnotho esicikizelayo.

Ukwehla kwamanani kadizili ngeke kwehlise imali yokugibela – inhlangano yabampofu

INHLANGANO elwela amalungelo abantu abaswele i-Abahlali baseMjondolo isinxuse uhulumeni nabantu abenza ucwaningo ukuthi beze emazingeni aphansi uzobona ukuthi azoncipha yini amanani ezimpahla njengoba ilitha kadizili yehle ngoR2,61 noR3,35 kuleli sonto. 

Ukuphatha imali yezwe kahle kuyasiza. Sesidinga kuphuthunyiswe izinguquko, kuloba uBusi Mavuso

IBHANGE lomBuso lenze isinqumo esifanele ngesonto elidlule ngokunyusa imalimboleko ngo-25 basis points ngenxa yokunyuka kwamanani ezimpahla emhlabeni. Umphathi uMnu uLesetja Kganyago neKomiti eleNgamele uMgomo weMali abangabazanga.

Izindleko zempilo zishaya ngisho nabahola kangcono – iDebtBusters

UCWANINGO olusha olwenziwe yinkampani esiza abantu abanezikweletu iDebtBusters luthole ukuthi ukunyula imali yomhlalaphansi ebhodweni nokwehla kwemalimboleko kubasizile abantu kodwa ukukhuphuka kwezindleko ngenxa yezinkinga ezenzeka emhlabeni kubafake ezikweletini.

Kusenzima ukuthola umsebenzi kwizifundiswa ezimnyama – ucwaningo  

INTSHA yaseNingizimu Afrika ithwele kanzima njengoba ewu-4.7 million ingasebenzi. Ucwaningo olusha lwase-University of Cape Town (i-UCT) lukhombisa ukuthi ayiqashwa ngisho isihlome ngeziqu zemfundo ephakeme.

Ukungaboni emehlweni akumvimbi ukwakha amabhilidi 

ZONKE izinsuku ngo-4:30 ekuseni, ngaphambi kokungena kwezingcingo zamakhasimende, aye ezindaweni zokusebenza, kuqale isiphithiphithi somsebenzi, usomabhizinisi waseGoli ongaboni emehlweni uvuka aye ejimini. Ngemva kwaloko ungena ehhovisi lakhe azindle.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page