‘Kunamandla ukukwazi ukuphatha imali ngobuhlakani’
YINTATHELI YOMBELE
KUSUKELA namhlanje kuze kubemhlaka-30 kuqala isonto lokufundisa abantu ngokuphatha imali ngobuhlakani iMoney Smart Week South Africa.
Lona wumkhankaso waminyaka yonke womGcinimafa, umlawuli wemboni yezimali iFinancial Sector Conduct Authority neNational Consumer Financial Authority wofundisa abantu ngokuphatha imali.
Indikimba yalo nyaka ithi “Money Smart: The Power of Possible”, okusho ukuthi ukukhalipha ngemali namandla okungenzeka.
Inhloso wukuqinisekisa ukuthi abantu bayazi ngezimali, baqonda amalungelo abo futhi bazi ukuthi kufanele benzenjani uma beqolwa.
Umkhankaso uthulwe ngokusemthethweni ngesonto elidlule lapho kunxuswe izinkampani zezimali, ezobuchwepheshe nezinye ezisembonini yemali ukuthi zibeyingxenye yaleli sonto ukufundisa abantu ngezimali.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/26/uyanyelela-umkhankaso-wokufundisa-ngokuphatha-imali-kahle/
Inkampani yobuchwepheshe eqinisekisa ukuthi abantu bayavikeleka emaqoleni asebenzisa ubuchwepheshe iFacephi ithe njengoba amaqola esebenzisa ubuchwepheshe kubalulekile ukuthi abantu baqonde ukusebenza kwabo.
Ithe inqume ukuba yingxenye yalo mkhankaso ngoba ikhathalele abantu baseNingizimu Afrika, ifuna babenolwazi lokuzivikela uma besebenzisa amaselula, amakhompyutha nobunye ubuchwepheshe ukuthola izinsiza zemali.
Esitatimendeni esikhiphile, iFacephi ithe: “Kubalulekile ukuthi abantu babenolwazi lokuvikela imali yabo uma besebenzisa ubuchwepheshe. Amabhange nezinye izikhungo zemali ayabafundisa abantu, nathi sifuna ukuqinisekisa ukuthi baqonda ukubaluleka kokuqinisekisa imininingwane yabo ezintweni ezithinta imali besebenzisa ubuchwepheshe.”
Ithe uma abantu bekwazi ukuzivikela kumaqola kusho ukuthi bazokwazi ukuwabalekela kalula uma esezama izindlela ezihlukene zokubaqola. Kuzona ibale ukushintsha imininingwane kancane, ukushushumbisa imali, ukuqola abantu ngothando ikakhulu abasuke befuna omaqondana ezinkundleni zokuxhumana, ukuzenza abanye abantu kusebenza ubuchwepheshe nobunye.
Iphethe ngokuthi amathimba ayo azoqinisekisa ukuthi abantu banolwazi olufanele lokuzivikela ngaso sonke isikhathi. Eminye imininingwane itholakala ngokungena ku: mswsa.co.za.

