Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noZusakhe ‘Rhasatsha’ Zide, imbongi, i-content creator, umbhali, umculi nomlingisi

Usemncane wawuphiwa imali? Yebo, ngangiyiphiwa. Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wayivula kuliphi? Ngayivula eCapitec ngineminyaka ewu-17. Yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali ekukhuleni kwakho? Ngikhumbula ukuthi uR5 wawuyigugu kakhulu, (wawukhipha isidlo)  … Read More

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa no-Mxolisi ‘Dr Stressless’ Mhlongo, usomabhizinisi, oseke waqokwa kuma-SA Radio Awards ngo-2021, wawina indondo kumaSA Radio Awards ngo-2022. Uphinde futhi abe umsingathi wohlelo lwase kuseni kumsakazo Izwi Lomzansi FM

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa no-Mxolisi ‘Dr Stressless’ Mhlongo, usomabhizinisi, oseke waqokwa kuma-SA Radio Awards ngo-2021, wawina indondo kumaSA Radio Awards ngo-2022. Uphinde futhi abe umsingathi wohlelo lwase kuseni kumsakazo Izwi Lomzansi FM

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noMduduzi Nombela, umculi, umdansi nomlingisi wemidlalo yeshashalazi neyethelevishini. KwiMbewu: The Seed udlala indawo kaPhunyuka Khanyile kanti kuZalo wayewuBhomu. Kweminye imidlalo yeshashalazi aseke walingisa kuyona yiBigly Yuge, i-Mashu The Musical, i-10 Days in a Shebeen, i-House of Shaka ne-Lion King

Usemncane wawuphiwa imali?
Hhayi cha, ngangingaphiwa. Isikole sasiduze nasekhaya, ngakho ngangivele ngigijime ngiyodla ekhaya bese ngiphindela esikoleni.

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noMxolisi Ngubane, umlingisi ne-production manager. UNgubane walingisa indawo yeSilo uCetshwayo kwi-Cetshwayo The Musical eyashisa izikhotha eWales, e-United Kingdom, ngaphambi kokuvula eNingizimu Afrika. Eminye imidlalo aseke wadlala kuyona yi-Moipone ne-Buffalo

Usemncane wawuphiwa imali?

Yebo, ngangiphiwa imali. Ngangiphiwa ngisesemabangeni amancane esikoleni. Kwaze kwaba ngifika e-high school sengiqala ukusebenza emajalidini.

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSindani Mbatha, usomahlaya nomlingisi. Uke waneziqephu zikasomahlaya kwiVukukhanye Afrika kuKhozi FM, kwiGagasi FM, kwiZwi Lomzansi. Wake walingisa kwiSarafina! (The Movie),  i-video ye-One More Time kaJames Ingram. Manje unesiqephu samahlaya kwi-Inanda FM kanti unandisa nasemicimbini

Usemncane wawuphiwa imali?

Yebo, ngangiphiwa kodwa ngangisuke ngisebenze ngokulingisa nokusho izibongo zamakhosi akwaZulu ngisese-primary (school).

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page