Umbiko omusha we-Operation Vulindlela ukhombisa ukuthi ziqhubeka kahle izinhlelo zokuhlela kabusha i-Eskom. Izithombe: Zithunyelwe

Izinhlelo ze-Operation Vulindlela zihamba ngononina

YINTATHELI YOMBELE

ZIHAMBA kahle izinguquko zokusimamisa umnotho wezwe ezingaphansi kwe-Operation Vulindlela. Umbiko we-Operation Vulindlela wekota yokuqala yalo nyaka ukhombisa ukuthi izinguquko ezenziwa kwezokuthutha izimpahla, kwingqalasizinda nasekutshaleni imali ziyanyakaza.

Imenenja ye-Operation Vulindlela eHhovisi likaMengameli uMnu uCyril Ramaphosa uMnu uRudi Dicks ithe ngendlela okuqhubeka ngayo abakuhlelile babona umnotho ukhula ngo-3% ngo-2029.

Esithangamini nabezindaba, uDicks uthe kwikota ababika ngayo babone umsebenzi wenzeka ezimbonini ezihlukene futhi bayabona ukuthi okwenzekayo kuzokhuthaza abatshalimali ukuthi bafake imali emnothweni wezwe.

Embonini kagesi lo mbiko uveze ukuthi sesiphothuliwe isigaba sokuqala sokuhlela i-Eskom kabusha njengoba usuphumile nombiko wokusungula inkampani ezosabalalisa ugesi, iNational Transmission Company of South Africa (iNTCSA).

“Lesi yisigaba esibalulekile ekuhleleni kabusha i-Eskom esizoqikelela ukuthi sehlisa izindleko zokusebenza kodwa kubekunogesi owanele ezweni. Uhulumeni uyaqhubeka nezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi kunokuncintisana okuhle embonini kagesi,” kusho umbiko.

Yize kukhona okwenzekayo kodwa umbiko ukhombisa ukuthi kunomsebenzi osasele obekufanele ukuthi ngabe usuphothuliwe.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/04/23/umbiko-omusha-ukhombisa-ukuthi-i-operation-vulindlela-ithela-izithelo/

Embonini yokuthutha izimpahla nakhona sezingasemaphethelweni izinhlelo zokunikezela ingxenye yomzila wamaguzu ezinkampani eziwu-11 ezizolekelela iTransnet National Port Authority ezinhlelweni zayo zokuthutha izimpahla. Loku kuzophucula umsebenzi futhi kuqinisekise ukuthi uyakhuphuka umthamo wezimpahla ezithuthwayo.

Amaguzu ezinkampani ezizimele azolekelela aweTransnet ukuthutha izimpahla

Kulindeleke ukuthi ngo-2029 amaguzu abe esethutha izimpahla ezingamathani awu-250 million esuka kwawu-168m. Izitimela ezithutha abantu bazo ziyaqhubeka nomsebenzi omuhle njengoba imizila ewu-40 ebalulekile isisebenza, izibalo zokuhamba kwezitimela zikhuphukile zisuka kweziwu-17m zabawu-101m.

Embonini yamanzi, uhulumeni ubeke uR100 billion ukuqinisekisa ukuthi ingqalasizinda isesimweni esifanele futhi bonke abantu bathola amanzi ahlanzekile.

Ngokombiko uR60bn ususebenzile ukulungisa ingqalasizinda kodwa inselelo isekhona kwabanye omasipala njengoba benengqalasizinda egugile nedinga ukulungiswa.

Odabeni lwama-visa, izinhlelo zokufaka izicelo zawo online seziphothuliwe kanti abantu abaningi sebekwazi ukufaka izicelo zabo noma kuphi. Ukuphucuka kohlelo lokufaka izicelo zama-visa ngale ndlela kuholelele ekutheni izicelo eziwu-300 000 zawo ziphothulwe, okusho ukuthi awasekho ama-visa aduvile.

Omasipala baziqalile izinhlelo zokuguqula indlela abasebenza ngayo ngokusebenzisa uhlelo i-Metro Trading Services Reform kodwa inselelo enkulu wukuthi abaningi ababeki imali eyanele ukulungisa ingqalasizinda.

Ukuqinisekisa ukuthi omasipala benza okufanele i-Operation Vulindlela ifuna baqashwe ngeso lokhozi ukuthi bayilandela yonke imithetho yokusebenzisa imali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page