Ubugebengu buyinkinga enkulu kosomabhizinisi njengoba buthinta amakhasimende, izindleko zokuphepha, ukutshala imali nokukhula kwamabhizinisi eThekwini. Izithombe: Zithunyelwe

Ubugebengu bubambezela ukukhula kwamabhizinisi – osomabhizinisi abancane

WUTHOBILE ZWANE

UBUGEBENGU sebuyinkinga enkulu kosomabhizinisi abasebenza emalokishini nasemadolobheni, njengoba buthinta amakhasimende, imali namathuba okukhulisa amabhizinisi.

Umbele uxoxe nosomabhizinisi abambalwa baKwaZulu-Natali ukuzwa ukuthi ubugebengu bubathinta kanjani nokuthi babhekana kanjani nalezi zinselelo. Njengoba kusondela ukhetho lohulumeni bendawo,  osomabhizinisi  babheke omasipala babheke ukuphepha njengengxenye ebalulekile ekuthuthukiseni umnotho wendawo.

UMnu uMfundo Dubazane, umsunguli weMBL Guest House, indawo yokulala yekhethelo eseNtuzuma, eThekwini, uthi ubugebengu sebuphoqe ibhizinisi lakhe lilahlekelwe yimali eningi ekuvikeleni izivakashi, izisebenzi nezimpahla.

“Ubugebengu busenze sakhathazeka ngokuphepha kwezivakashi, izisebenzi nezimpahla zethu. Kwadingeka siqikelele kakhulu kwezokuphepha ngezindlela ezihlukene, ikakhulu ebusuku,” kusho yena.

Uthi indawo yakhe isisebenzisa amakhamera ukuqapha, amasango aphephile, ama-burglar bars, izibani nezinye izindlela zokuvikela impahla.

UDubazane uthi ukuphepha sekuyizindleko ezingeke zibalekele ibhizinisi lakhe, kanti ukwesaba ubugebengu kungadala ukuthi ezinye izivakashi zikhethe ukuhlala kwezinye izindawo. Lokhu kusho ukuthi ibhizinisi lingagcina lilahlekelwa amakhasimende nemali.

UDubazane uthi ubugebengu bubafake ezindlekweni zokuqinisa ezokuphepha

Uthi ubugebengu sebumenza acabangisise ngaphambi kokukhulisa ibhizinisi. Uma efuna ukwengeza amagumbi, ukuthenga imishini noma ukuqasha izisebenzi, kufanele aqale abheke nokuthi uzozandisa kangakanani ezokuphepha ukuvikela lezi zimpahla.

Uthi akusibona osomabhizinisi kuphela abathintekayo, ubugebengu budala nokuthi amakhasimende nabantu abafuna ukutshala imali bacabangisise ngaphambi kokuseka amabhizinisi akulezi zindawo.

Uthi ukusaba ubugebengu bungenza ukuthi abantu bakhethe ukusebenzisa imali ezindaweni abazibona ziphephe kakhulu. Loku kungeza  abatshalizimali bangasheshi ukufaka imali emabhizinisini asemalokishini ngoba besaba ukuthi ukuphepha kungaphazamisa ukusebenza nokukhula kwawo. Uthi: “Ukuphepha kubalulekile kumakhasimende nakubatshalizimali. Uma indawo ingaphephile, kungabanzima ukuthi amabhizinisi akhule futhi ahehe abatshalizimali.”

UDubazane ufisa uMasipala waseThekwini uphucule ukukhanyisa imigwaqo nengqalasizinda eseduze namabhizinisi. Ucela ukubambisana okukhulu phakathi kukamasipala, amaphoyisa, osomabhizinisi nezinhlaka zokuphepha emiphakathini.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/19/kusasebenze-ur57-million-kuphela-kur500m-obekelwe-ukusiza-abanikazi-bamaspaza/

UNksz uZinhle Zwane, umsunguli we-Orchid Crowns Beauty Bar, yaseNanda, eThekwini, uthi umphumela wobugebengu ubonakala kakhulu kwisibalo samakhasimende avakashela ibhizinisi lakhe. Uthi amanye amakhasimende ayanqena ukuza ebhizinisini ngenxa yokwesaba indawo elikuyo.

Yize engakaze alahlekelwe yimali ngenxa yokuntshontshelwa noma ukucekelwa phansi kwezimpahla, uNksz uZwane uthi usebenzisa imali engangoR1 000 ngenyanga ezindlekweni zokuphepha.

UNksz uZwane uthi ukuqinisa ezokuphepha kumandisela izindleko zebhizinisi

Uthi ukwehla kwamakhasimende kwenza kubenzima ukuthi acabange ukukhulisa ibhizinisi. “Uma amakhasimende engasafiki ngobuningi, ukukhulisa ibhizinisi ngeke kubenomphumela omkhulu ekukhuleni kwalo,” kusho yena.

UNksz uZwane uthi umasipala kufanele ubugebengu ubuthathele phezulu futhi uqinisekise ufisa ukuthi kuqiniswe ezokuphepha ezindaweni ezinamabhizinisi.

UNksz u-Amahle Rilityana, umsunguli weMahle Agric Enterprise, yaseThekwini uthi akakaze agetshengwe kodwa uke wabona kugileka amanye amabhizinisi, okumenze wabona ukuthi buyinselelo enkulu.

Uthi omasipala kufanelele bathathe izinyathelo zokulwa nobugebengu ezinqala ngokuphucula ukukhanya emigwaqweni nasezindaweni zamabhizinisi, ikakhulu emalokishini, futhi bafake amakhamera okuqapha. 

UNksz  uRilityana uthi omasipala banomsebenzi wokuphucula ezokuphepha

Uthi ukubambisana nezigcawu zokuphepha emphakathi kungaqinisa ubudlelwano phakathi komphakathi namaphoyisa kanti ukuhlela izindawo zokudayisa eziphephile kunganciphisa ingozi kubanikazi  bamaspaza nabadayisi basemgwaqweni.

Uthi kufanele kubelula ukubika ubugebengu nokuthola usizo njengoba abanye osomabhizinisi bengasabiki ngenxa yokulinda isikhathi eside.

“Uma izinhlelo zokubika ubugebengu zishesha, osomabhizinisi bangasebenza ngokuzethemba, bakhulise amabhizinisi abo futhi badale amathuba omsebenzi,” kusho yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page