UNgqongqoshe weziMali KwaZulu-Natali omusha uMnu uFrancois Rodgers nenhloko yomnyango uNks uCarol Coetzee okukekwabhebhetha amanga ezinkundleni zokuxhumana ngokwazana kwabo. Izithombe: Zithunyelwe

Osopolitiki babuye babebudedengu ezinkundleni zokuxhumana – izingqapheli

WUSLINDILE KHANYILE 

NGENKATHI uNgqongqoshe weziMali KwaZulu-Natali omusha ethula inhloko yomnyango entsha kukhona abazame ukusebenzisa lesi simemezelo ukwakha isithombe sokuthi isinqumo senziwe ngokobuhlanga. 

Abanye abaphawule ezinkundleni zokuxhumana bazame nokutshala umqondo wokuthi inhloko yomnyango uNks uCarol Coetzee uyilungu leDemocratic Alliance (iDA) njengongqongqoshe uMnu uFrancois Rodgers. 

Nokho kukhona abashesha bakhuza futhi bakhumbuza abantu ukuthi uNks uCoetzee uyilungu elidala le-ANC futhi akayena umafikizolo kulesi sikhundla nasekuphatheni iminyango kahulumeni njengoba wake wayinhloko yomNyango wokuThuthukisa umNotho, ezokuVakasha nezeMvelo. 

Lesi ngesinye sezibonelo sendlela okusheshe kubhebhetheke amanga ngayo emphakathini ezinkundleni zokuxhumana. 

Umhlaziyi wepolitiki nomnotho ozimele uSolwazi uBonke Dumisa uthe yize izinkundla zokuxhumana zizinhle kodwa zibuye zibezimbi futho osopolitiki yibona impela ababuye bazisebenzise budlabha.

Uthe loku kugqame kakhulu ngesikhathi kunezingxoxo zokwakha uhulumeni wobumbano. 

“Osopolitiki vele bangabantu abakhuluma noma yini ukuvukuza abantu futhi bayazisebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuthola (abantu) abazobaseka. Okungemukelekile wukuthi abantu babebudlabha futhi bazobhadlaza izinto ezisuke zixoxwa ngasese zingakaphothulwa izingxoxo. Kunezinto ezibucayi okunesidingo sokuthi zixoxwe ngasese kuqala.  

“Uma sibuka nje indlela (uNkk) uHelen Zille abenza ngayo efuna ngenkani ukuthi babenongqongqoshe abawu-12 namaphini awu-12 futhi baziqokele bona abaqondisi-jikelele. Babatholile ongqongqoshe abayisithupha namaphini ayisithupha kodwa hhayi ukuzikhethela abaqondisi-jikelele ngoba loko akuhlukile nalokhu abebekhala ngakho ngokuqoka abantu ngokwamaqembu,” kusho uDumisa.  

UMengameli uCyril Ramaphosa umemezele iKhabhinethi entsha ngesonto elidlule ebunjwe enongqongqoshe bawo wonke amaqembu epolitiki ahlanganise uhulumeni wobumbano. Kwezinye izinqumo azenzile, kubonakele ukuthi kubasebenzele ukusebenzisa nezinkundla zokuxhumana.

“Indlela (uMnu) uGayton McKenzie asebenzise ngayo izinkundla zokuxhumana njengoba asho ukuthi uma engatholi isikhundla ngeke angene ibingeyimbi kangako futhi ngezinye izinto abaningi bethu siyaziqonda ukuthi uyazihlekisela,” kusho uDumisa. UMcKenzie uwuNgqongqoshe omusha wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko. 

Ephawula ngohulumeni omusha, uNksz uZukiswa Kota, inhloko yePublic Service Accountability Monitor eRhodes University, uthe uhulumeni wobumbano uyithuba lokuletha izinguquko ezibonakalayo ikakhulukazi loku uRamaphosa akade azibophezela kukona okuwukubeka eqhulwini ukukhula komnotho okufaka wonke umuntu ngokushesha ngokulwa nobubha nokungalingani.

UNksz uKota, inhloko yePublic Service Accountability Monitor eRhodes University

Uthe nokho kufanele kukhunjulwe ukuthi kunemali eningi ephelela emiholweni yongqongqoshe namaphini abo njengoba inyusiwe ekuqaleni kwalo nyaka.  

“Kuyakhuthaza ukubona ukuqhubeka kukangqongqoshe weziMali nephini lakhe uma sibheka ukuthi kuzosho ukuqhubeka kwezinto ngokweSabelomali nezinye izinguquko okufanele zenzeke. Nokho sisakhathazekile ngomgomo wezimali oholela ekutheni kuncishiswe imali ezinhlelweni ezithile zezenhlalakahle,” kusho uNksz uKota.

  • Lolu daba luxhaswe yiMedia Monitoring Africa 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/05/27/bayazicanasela-osopolitiki-ngenxa-yobumpumputhe-babantu-ngezomnotho/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page