Inhloko yeziko lobuchwepheshe bezempilo i-Unu Health UMnu uThemba Mchunu ithi ubuchwepheshe bubalulekile ekuphuculeni ezempilo. Isithombe: Sithunyelwe

Sekuneziko lezempilo elenza izinto zibelula nakwabantulayo

WUSLINDILE KHANYILE 

UKUHLINZEKA ezempilo ngendlela ehlukile futhi okuphucula nendlela abantu abantulayo abasizakala ngayo yindaba esematheni kulezi zinsuku njengoba kubhungwa ngokwethula umshwalense wezempilo ezweni lonke i-National Health Insurance (iNHI). 

I-Unu Health yinkampani ezizimele esiqhamuke nesixazululo sezempilo ngokwethula iziko lezempilo elisebenza ngobuchwepheshe okwazi ukwelashwa ngabo ngaphandle kokuphuma ekhaya. Kulobu buchwepheshe ukhokhela kuphela usizo onikwe lona.

I-Unu Health iyingxenye yeStandard Bank Group. Bangaphezu kuka-3 000 abantu asebebhalisile kuyo kanti ngosuku kubhalisa okungenani abantu abawu-100.  

UMnu uThemba Mchunu, inhloko yaleli ziko, uthe basebenzisa ubuchwepheshe ukuhlola izifo ezifana nomfutho wegazi, ukushaya kwenhliziyo nobungako besisindo somzimba uma siqhathaniswa nobude bomuntu mahhala kuleli ziko. 

“Ungasizwa unesi nodokotela kanti noma ngabe wubani uyasizakala kanti ukhokhela lolo sizo olusebenzisile kuphela, nokwenza ukuthi ezempilo zingabizi. Ezempilo ezingambi eqolo kufanele zitholwe yiwo wonke umuntu, kungabi yinto yedlanzana,” kusho yena.

UMchunu uthe abantu baxakwa wukuthi kufanele babambe olayini abade, ukushoda kwengqalasizinda uma bedinga ezempilo kanti abanye bahlushwa nawukungabi nemali eyenele ukuze babenomshwalense wezempilo ozimele, nokungakho bebone kungcono basebenzise ubuchwepheshe ukuqhamuka nesixazululo. 

“Ubuchwepheshe buyasiza. Uma sikwazi ukwenza izinto ezithinta ibhange ngobuchwepheshe nokufunda, yini engasivimba ngezempilo? Ubuchwepheshe sebuvele bukhona, sekuwukuthi nje abantu bashintshe umqondo bazi ukuthi bangabuthemba njengoba kwenzeka uma siqala senza imisebenzi yasebhange khona. 

“Imibuzo okufanele abantu bazibuze yona wukuthi kufanele yini ngigibele amatekisi amabili kuya kwamathathu futhi ngihlale usuku lonke ngibambe ulayini ekubeni ngingathola ezempilo ngobuchwepheshe, ngonge isikhathi nemali. Asisadingi ukwenza izinto ngendlela ebesijwayele ukuzenza ngayo,” kusho yena. 

UMchunu uthe umuntu uyakwazi ukuxoxa nonesi ngisho kuWhatsApp kanti awuyidingi i-data ukusebenza iziko. Sebeqalile nokutholakala ezitolo o-Ackermans, okusizayo kubantu abangafisa ukusebenzisa iziko labo kodwa abahlala ezindaweni lapho ubuchwepheshe bungadonsi kahle khona.  

Ephawula ngeNHI, uthe izinhloso zayo ziyahambisana ngqo nalokhu nabazama ukukwenza uwukuphucula usizo lwezempilo olutholwa yiwo wonke umuntu eNingizimu Afrika.  

UMchunu uthe njengoba ukubambisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele kuzobaluleka, nobuchwepheshe buneqhaza elikhulu obuzolidlala.  

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/02/27/basiza-izisebenzi-ezihola-utiki-zithole-usizo-lwezempilo-oluvame-kwabahola-kahle-uxoxe-noslindile-khanyile/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page