Amanqampunqampu esonto
INTATHELI YOMBELE
USUSAYINIWE umthetho ozokwenza ukuthi kube nesikhwama esisodwa sezempilo, iNational Health Insurance (iNHI).
Umengameli uCyril Ramaphosa usayine lo mthetho ngoLwesithathu. URamaphosa uthe inhloso yalo mthetho wukuthi wonke umuntu athole usizo lwezempilo olufanayo futhi olulinganayo.
Yize isisemthethweni iNHI kodwa akukashintshi lutho ngendlela ezempilo ezihlinzekwa ngayo ngoba kuneminye imicikilisho okusafanele iphothulwe ngaphambi kokuthi isikhwama siqale sisebenze.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/05/14/i-blsa-ishaya-amakhala-ngokusayina-inhi/
Khonamanjajloo, isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika sinyuke ngo-330 000, safinyelela ku-8.2 million ngekota yokuqala yango-2024.
Izibalo ezikhishwe yiStatistics South Africa kuleli sonto zisho ukuthi abantu abangasebenzi sebenyukele ku-32.9% besuka ku-32.19% ngekota yokugcina yango-2023.