Abalimi abasanda kubuyelwa wumhlaba bashaya amakhala ngemayini ehlongozwayo endaweni. UMOKGADI MOGY MASHAKO uyabika

EMVA kweminyaka ulindile, umphakathi waseMakhasaneni, KwaZulu-Natali, uthole amatayitela nezinsizakusebenza zokulima zenani elingaphezu kukaR1 billion. Kepha laba balimi sebenovalo lokuthi izinhlelo zabo zokukhula kwezolimo zingase ziphazanyiswe wukuthi kuhlongozwa umsebenzi wemayini endaweni.

Ukuhlehlela emuva empilweni kumvulele ithuba lebhizinisi ayengakaze alicabange. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UKUPHINDA kwakhe amabanga amathathu kabili kanjalo nokuthola ithuba lokuyofunda kwamgqugquzela ukuthi afise ukusiza abanye abafundi, ikakhulukazi abasezindaweni zasemakhaya njengakubo. Ngesikhathi ewuqala lo msebenzi kwakungesilo ibhizinisi futhi wayengaboni ukuthi kungaba yibhizinisi.

Namhlanje KUSAZIWAYO NEMALI sikuphathele intandokazi yomrepha, uDuncan ‘Skuva Maguluva’ Mbambo odume ngamanoni athi Ring of Lies, Tsikitsiki Remix ne-AmaWeave. U-Duncan useke wahlabana ngezindondo eziningi, enye yazo yeBest Remix ayithola kumaMetro FM Awards ngeTsiki Tsiki

Usemncane wawuphiwa imali?

Yebo, kodwa ngangiyithola uma kade ngikhalela umama uma ehamba noma (ngikhumuke) izinyo bese ethi ugogo angilibeke esicathulweni igundane lizongipha imali.

Abasafufusa bakhala ngomasipala abathi ubaphuca isinkwa. USLINDILE KHANYILE uyabika

OSOMABHIZINISI abasafufusa baKwaMhlabuyalingana, eNyakatho yeKwaZulu-Natali, bakhala ngomasipala ngokubabulala ngendlala njengoba bethi baxoshwe emakethe asebeneminyaka besebenzela kuyona. Basola omunye wabaphathi bakamasipala abathi usanda kuqashwa kanti uzenzela umathanda.

Iseyinde indlela okusafanele ihanjwe yiNingizimu Afrika ukuthuthukisa asafufusa ngobuchwepheshe kodwa sekuntwela ezansi. USLINDILE KHANYILE uyabika

AMABHIZINISI amancane asengozini yokuwa noma kuzoncipha inzuzo ayenzayo uma engayisukumeli indaba yokuguqula indlela asebenza ngayo ukuze ahambisane nobuchwepheshe besimanje kanti loku kubeka imisebenzi engcupheni.

Izingqapheli zixwayisa ngokuthi abathengi basazodonsa kanzima njengoba nemalimboleko kubhekwe ukuthi inyuswe. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUSAZOTHATHA isikhathi ngaphambi kokuthi amanani okudla nokubiza kwezinye izinto, okudalwa wukwehla kwamandla emali kuyeke ukuqonga, kanti kudingeka ukuthi abathengi bazibambe ziqine ngoba nophethroli kulindelwe ukuthi unyuke ngamawala ngenyanga ezayo, ngaphandle uma uhulumeni uzophinde ungenelele.

Inyunyana ishaya amakhala ngesinqumo seBhange loMbuso nge-Ubank. USLINDILE KHANYILE uyabika

I-NATIONAL Union of Mineworkers (iNUM), engabanye babanikazi be-Ubank, ithi isinqumo seBhange loMbuso sokufaka leli bhange ngaphansi komlawuli yiqhinga lokuphoqa ukuthi ivume ukuthengwa yi-African Bank, nethi ifuna ukukhokha “utiki” owuR100 million ukulithenga lonke leli bhange.

Uthisha onentshisekelo yokukhulula ingane yomdabu, isiboshwa sepolitiki, isisebenzi somphakathi nebandla, isifundiswa nosomabhizinisi ufafaza ivangeli lokuzimela. Uxoxe noLANGA KHANYILE

NGEMVA kwango-1994 uhulumeni wobandlululo usugobe uphondo ekucindezeleni abantu bomdabu e-Afrika, umuntu esenevoti eNingizimu Africa, kunohlobo losomabhizinisi olwaqubuka – amaRupert amnyama.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page