Kunengozi yokubaleka kwamabhizinisi athutha izimpahla, kuloba uJabulani Sikhakhane
UKUTHUTHA impahla, okungaba ukudla, izingubo zokugqoka nezinye izidingo, kubalulekile ekusebenzeni komnotho wamazwe. Kungafaniswa negazi emzimbeni womuntu.
Uma imithambo yegazi icinene noma ivalekile, iyaphazamiseka impilo noma ime nse. Abantu bangashaywa isifo sohlangothi uma igazi labo lingahambi ngendlela efanele, ikakhulukazi eliya ebuchosheni.
Kanjalo nomnotho wezwe uyaphazamiseka uma ezokuthutha zingasebenzi ngendlela. Loku kuphazamiseka kunemiphumela egcina inabele emnothweni wezwe wonkana, ize ifinyelele nasemaphaketheni abathengi ngenxa yokwenyuka kwamanani ezimpahla ezitolo noma ukwenyuswa kwama-interest rates.
INingizimu Afrika ibhekene nale nkinga, ongoti kwezomnotho ababeka ukuthi ingesinye sezizathu zokuthi umnotho wezwe ukhule ngezinga eliphansi. Esinye isizathu wukushoda kukagesi owenele izidingo zezwe notholakala sikhathi sonke.
Kwezokuthutha, izitimela namachweba ezwe akusebenzi ngendlela kanti nasemgwaqeni kunezinkinga. Yimizila esemqoka lena ekuthutheni izimpahla. Izimpahla eziphuma nezithunyelwa kwamanye amazwe zingena noma ziphume ngamachweba, zilethwa yizitimela noma amaloli.
Osomabhizinisi nongoti kwezomnotho sekuneminyaka bekhononda ngokuthi ezokuthutha izimpahla azisebenzi ngendlela egculisayo. Loku kwaqala ngaphambi kokungena kukaMnu uJacob Zuma esikhundleni sokuba wumengameli wezwe. Nokho isimo sabhebhetheka ngaphansi kwakhe, ikakhulukazi ngesikhathi esengene esigabeni sesibili sokuphatha.
Isimo asikhombisanga bungcono noma uhulumeni kaMnu uCyril Ramaphosa usuthathe izinyathelo, esokuqala okwaba wushintsho kubaphathi beTransnet, inkampani kahulumeni engamele amachweba nephethe ojantshi bokuthutha izimpahla.
Kuphindwe kwafakwa abanye abaphathi emva kokukhononda kosomabhizinisi ukuthi ababoni mehluko ekusebenzeni kwamachweba, ikakhulukazi eThekwini. Leli chweba ngelibaluleke kakhulu emnothweni wezwe njengoba ingxenye engaphezu kuka-50% wezimpahla ingena futhi iphuma khona. Yingoba liseduze neGauteng, isifundazwe esiyisizinda esikhulu somnotho wezwe, uma liqhathaniswa namanye, njengelaseKapa noma eGqeberha.
Yingakho uhulumeni usukhiphe umhlahlandlela wezinguquko kwezokuthutha izimpahla ezweni. Lo mhlahlandela waphasiswa yiKhabhinethi ngoDisemba wango-2023. Phakathi kwezinguquko esezenziwe wukufaka amabhizinisi azimele ekuphatheni izingxenye zamachweba.
Kulindeleke ukuthi osomabhizinisi abazimele benyuse izinga lokusebenza kwamachweba ngokuthenga imishini emisha, osekuneminyaka abaphathi beTransnet bekhononda ngokuthi isimidala.
Uma imizila yokuthutha izimpahla ingasebenzi ngendlela, kuyaphazamiseka ukusebenza komnotho wezwe. Lokhu kungaba nemiphumela emibi, phakathi kwayo okungaba wukunyuka kwamanani ezimpahla ezitolo. Asenze isibonelo. Uma imikhumbi eletha izimpahla kuleli zwe ithatha isikhathi eside ukungeniswa emachwebeni ezwe futhi kuthatha eside isikhathi ukuthi izimpahla ezithwele zehliswe kuyo, ziyanyuka izindleko zokuqasha le mikhumbi njengoba ikhokhelwa ngosuku.
Ukunyuka kwezindleko zokuqasha imikhumbi kusho ukuthi izinkampani ezithumela izimpahla zigcina ziphoqeke ukunyusa amanani ezikudayisayo.
Okwesibili, uma kuthatha isikhathi ukuthi izimpahla zawamanye amazwe zingene kuleli zwe zingagcina zishoda ezitolo zethu. Umphumela kungaba wukunyuka kwanani azo ezitolo. Uma impahla edingwa ngabathengi ishoda ezweni, abadayisi bayayinyusa, ngaphandle uma kungatholakala enye indlela yokuyithola noma uma abathengi beshintsha bethenga ezinye izinhlobo zezimpahla ezenza umsebenzi ofanayo noweshodayo.
Ukunyuka kwezindleko zokungenisa izimpahla ezweni kungadalwa futhi wukuthatha isikhathi eside ukuthi izimpahla eziphuma kwamanye amazwe zithole imvume yokungena eSouth African Revenue Service (iSARS). Ngaphandle kokuqoqa intela emiholweni yezisebenzi nasenzuzweni eyenziwa yizinkampani, i-SARS inomsebenzi wokuqoqa imali ezinkampanini ezingenisa izimpahla ezivela kwamanye amazwe.
Intela yalolu hlobo iya ngenhlobo yempahla nezivumelwano zohwebo izwe elinazo namanye. Amazwe angavumelana ukuthi awazukhokhisana intela ezimpahleni ezithile ahwebelana ngazo.
Ukunyuka kwalezi zindleko nentengo yezimpahla kungagcina sekunomunye umphumela omubi. Lona wokunyuka kwezinga lokwehla kwamandla emali, phecelezi inflation, okulandelwa ukunyuswa kwezindleko zokuboleka imali ebhange.
Sikhuluma nje isiqubu esisha sokunyuka kwalezi zindleko senze abantu abaningi basala bemphitshekile ngokwezimali, ikakhulukazi ngoba izinga lokunyuka kwemiholo yabo lingaphansi kakhulu kunelokwenyuka kwama-interest rate. Iningi labantu imiholo yabo esezingeni elibavumelayo ukuboleka imali lithembele emabhange ukuthenga imizi nezimoto.
Izindleko zokuboleka le mali zisuselwa kwintengo amabhange ayikhokhayo uma eboleka imali eBhange loMbuso. Yile ndlela esetshenziswa yiBhange loMbuso uma ilwa nokwehla kwamandla emalihla. Inyusa intengo eboleka amabhange ngayo bese ephoqeka ukunyusa aboleka amakhasimende awo ngayo.
Uma uhulumeni uhluleka ukwenza umehluko kwezokuthutha izimpahla osomabhizinisi bangagcina bebheke kwamanye amazwe, lapho kulula khona ukuthutha izimpahla beyingenisa kulelo zwe noma beyoyithengisa kwamanye amazwe.
Uma landa kakhulu inani losomabhizinisi abathatha lezi zinyathelo, iNingizimu Afrika ingabhekana nokuncipha kwamathuba emisebenzi nemali yentela eqoqwa wuhulumeni.
Konke lokhu – ukunyuka kwezindleko zokuhweba ezweni, intengo yezimpahla ezitolo nezindleko zokuboleka imali emabhange nokufulathela kosomabhizinisi ezweni – kukhomba kubaluleka kwezokuthutha izimpahla ezweni.
Le miphumela emibi engadalwa wukungasebenzi ngendlela egculisayo kwezokuthutha ikhomba ukuthi le ngxenye yezomnotho kumele isukunyelwe ngomfutho nangokushesha.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/02/29/i-blsa-ikushayela-ihlombe-ukuqokwa-kwesikhulu-esiphezulu-etransnet/