Isabambe ngakho ngokwamanani ezimpahla kodwa…

UKWEHLA kwamandla emali i-Consumer Price Inflation kufinyelele ku-3.0% ngoDisemba kanti bese kungokwesibili izinyanga zilandelana njengoba ngoNovemba kwakube ku-2.9%, kusuka ku-2.8% ngo-Okthoba.

Lizovalwa Ithala eseliphelelwe wushwele wesikhashana 

AZOVALWA ama-akhawunti acela ku-257 000 abantu abasebenzisa Ithala emva kokuthi uphiko lweBhange loMbuso elingamele ukusebenza kwamabhange iPrudential Authority selufake isicelo eNkantolo ePhakeme eMgungundlovu sokuvala ukusebenza kwaleli bhange elingaphansi kukahulumeni waKwaZulu-Natali.  

Kunxuswa abathengi bangadidiswa wukwehla kwemalimboleko 

KUSUKELA namhlanje inzalo iBhange loMbuso eliyikhokhisa amabhange isizoba wu-7.75% njengoba seliphinde lehlisa imalimboleko ngo-25 basis points. Loku kusho ukuthi inzalo amabhange asezoyikhokhisa abathengi isizoba wu-11.25%.

Ubuchwepheshe bokukhokha obusha obuzofukula amabhizinisi amancane

UBUCHWEPHESHE obusha bokukhokhela izimpahla obethulwe yiStandard Bank abugcini nje ngokusiza osomabhizinisi abancane babenendlela elula yokukhokhisa amakhasimende kodwa buhlose nokubasiza nangezinye izinto ezithinta ukuphatha ibhizinisi.

‘UMboweni ufukule umnotho waseNingizimu Afrika’ 

UZOKHUNJULWA ngokuba ngomunye wabaholi ababenesandla esikhulu ekusimamiseni umnotho waseNingizimu, izinhlaka zawo nokubambelela ezimisweni zokukhulula abantu abamnyama uMnu uTito Mboweni, ongasekho emhlabeni. Ubeneminyaka ewu-65.

Siphelile isikhathi sokukhokha ngokheshi – uKganyago

SEKUFIKE isikhathi sokuthi iNingizimu Afrika ibheke okufanele ikwenze ukuhambisana noshintsho lwangalesi sikhathi ezindleleni okukhokhwa ngazo njengoba sekukhona ama-digital currency ukuze ihlale ikwazi ukuncintisana.

Kusinda kwehlela embonini yamatekisi ngenxa yezikweletu, kuloba uJabulani Sikhakhane

BATHWELE kanzima osomatekisi, imboni eyaduma umhlaba wonke ngesikhathi sobandlululo ngokuba yindlela yabantu abamnyama yokuzizamela phezu kokucindizelwa nokuncishwa amathuba okuzithuthukisa ngokomnotho.

I-G20 yithuba elihle lokuqhuba umgqigqo wesasasa abatshalimali abanalo ngeNingizimu Afrika, kuloba uNksz uBusi Mavuso 

ISINQUMO seBhange loMbuso sokwehlisa imalimboleko ngo-25 basis points ngesonto elidlule sisho ukushintsha kwezinto endleleni izinto ebezenzeka ngayo ngaloku.

Bazophefumula abathengi baseNingizimu Afrika

SEBEZOQALA baphefumule abathengi baseNingizimu Afrika ngemva kokuthi iBhange loMbuso lehlise imalimboleko ngo-25 basis points namhlanje kanti zikhona nezinkomba zokuthi isazophinde yehliswe.

Thokola themba ngokwehla kwemalimboleko!

LINYUKE kakhulu ithemba ngokuthi iBhange loMbuso lizokwehlisa imalimboleko namhlanje njengoba ukukhuphuka kokwehla kwamandla emali kufinyelele ku-4.4% ngo-Agasti, kusuka ku-4.6% ngoJulayi.

Usho lukhulu umbiko weBhange loMbuso ngezindlela zokukhokha kwabantu nabelungu, kuloba uJabulani Sikhakhane 

YINKULU indaba exoxwa wumbiko okhishwe iBhange loMbuso ngesonto elidlule ngezindlela ezisetshenziswa yizakhamuzi ukukhokha, phakathi kwazo okubalwa amakhadi asemabhange nokheshi.

Amanqampunqampu osuku

UKUTHENGA izimpahla, phecelezi, ama-retail trade sales, kunyuke ngo-4.1% ngoJuni uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule.

Kusazosinda kwehlela kubathengi yize sekuzolunga – usomnotho

IBHANGE loMbuso aliyishintshanga imalimboleko njengoba isazoqhubeka ibewu-8.75%, okusho ukuthi inzalo amabhange abolekisayo ngayo izoqhubeka ibewu-11.75%.

Ukuphatha ibhange kufana nokuphatha izikhali zenuzi, kuloba uJabulani Sikhakhane 

LUSEMATHENI udaba lwebhange elaqunjwa phansi ngabaphathi balo ngo-2018, iVBS Mutual Bank. Leli bhange lagcina livaliwe ngemva kokuthi abaphathi balo bezitamuzele imali ebekwe kulo  bebambisene nabangani babo nosomabhizinisi.

Isizohlale ivikelekile imali ebhange ngenxa yomshwalense omusha

ISIZOVIKELEKA kangcono imali yabantu ababeka imali yabo emabhange abhaliswe ngokusemthethweni eNingizimu Afrika njengoba sekwethulwe isikhwama somshwalense esizobhekelela lokhu.  

Kuzozisiza izimali zikahulumeni ukuqhubeka kukakhomishana okhona, kuloba uJabulani Sikhakhane

Kuzozisiza izimali zikahulumeni ukuqhubeka kukakhomishana okhona, kuloba uJabulani Sikhakhane

IBHANGE loMbuso aliyishintshanga imalimboleko, okusho ukuthi isazoqhubeka ime ku-8.25% ngonyaka kanti imali amabhange aboleka amakhasimende awo ngayo izoqhubeka ime ku-11.75%.

Umphathi weBhange loMbuso uMnu uLesetja Kganyago uthe ukukhuphuka kokwehla amandla emali, phecelezi i-inflation, kubuyele lapho kufanele kube khona ngoJuni futhi kubhekwe ukuthi kubuyele phakathi nendawo ngekota yesithathu ngo-2025.

NGOLWESINE iBhange loMbuso lizomemezela isinqumo esisha ngemalimboleko kanti osomnotho abaningi babheke ukuthi izonyuswa okokugcina kuleli sonto njengoba sekulindelwe ukuthi iqale yehle emhlanganweni olandelayo. 

Kusukela ngoNovemba wango-2021 iBhange loMbuso belilokhu linyusa imalimboleko, okuyiyona ndlela eliyisebenzisa kakhulu ukunqanda ukukhuphuka kokwehla kwamandla emali.  Osomnotho baseFNB bathe balindele ukuthi imalimboleko inyuke ngo-25 basis points kuleli sonto.  Isinqumo … Read More

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page