UmXazululi weziNdaba zemPesheni uMnu uLebogang Mogashoa ufuna zijeze izisebenzi zezikhwama zempesheni ezingawenzi kahle umsebenzi. Isithombe: Sithunyelwe

UmXazululi weziNdaba zemPesheni usize umndeni urojwa imali yomufi



YINTATHELI YOMBELE

UMXAZULULI weziNdaba zemPesheni uMnu uLeboganga Mogashoa uzincisha umoya izikhwama zempesheni ezingawenzisisi umsebenzi njengoba efuna abaphathi besikhwama sempesheni ebesigweve noR325 000 yomufi bachaze.

Unina womufi uzitholele ukuthi iBecsa Provident Fund ikweleta umndeni ngemva kokuthi singayibalanga kahle imali okufanele uyithole.

Kuthiwa lesi sikhwama asigcinanga ngokurobha umndeni kodwa besesikhokhele nomuntu wesifazane owayethe wayekipite nomufi. Kuthe uma sekuphenywa kwatholakala ukuthi uqamba amanga, ubengeyona intombi yomufi.

Umufi washona ngo-Agasti wango-2022, kwase sekuphuma imali ewuR2 million eyayizokwabelwa ayebondla nenzalo engaphezu kukaR121 000. Kule mali kwaphuma intela ewuR709 000.

FUNDA NALAPHA:  https://www.umbele.co.za/2026/08/04/umasihlalisane-obebangiswa-wumndeni-uthole-ifa-eliwu-45/

Ngo-2024 ibhodi yesikhwama sempesheni yanquma ukuthi imali izokwabelwa abazali bomufi nodadewabo ababezothola u-30% umuntu emunye. Intombi mbumbuli yona yabelwa u10%. Kuthe sekwabiwa imali ngoNovemba wango-2023 umndeni wathola imali encane kunowawuyilindele.

UMogashoa uthi ngesikhathi umndeni ubuza ukuthi iphi imali yawo eshodayo, watshelwa ukuthi ikhokhelwe owesifazane obeyintombi yomufi, ekipite naye futhi eyondla.

Unina womufi wabikela umxazululi, okwathi uma esephenya wathola ukuthi lo wesifazane ubengeyona intombi yomufi. Okuxaka umxazululi wukuthi lesi sikhwama sithi sasinesitatimende esifungelwe esifakazela ukuthi lo wesifazane ubekipite nomufi.

“Isikhwama sempesheni sikwamukelile ukuthi owesifazane ubekipite nomufi futhi sathatha nesitatimende esifungelwe ngaphandle kokwenza uphenyo lwaso. Kuyangikhathaza loku ngoba kufanele izikhwama ziqinisekise ukuthi imali iya kubantu abafanele. Ngifuna abathintekayo bajeze kanzima. Ngifuna kubenophenyo olunzulu ngoba isikhwama sempesheni asenzanga kahle,” kusho yena.

Isinqumo sisho ukuthi umndeni womufi uzoyithola yonke imali obekufanele uyithole, umxazululi wanxusa abantu ukuthi bafundisise izincwadi zezikhwama zempesheni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page