Inhlangano yosomabhizinisi incoma inkulumo kaMengameli uCyril Ramaphosa yokuvula iPhalamende, kusho isikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa uNks uBusi Mavuso. Isithombe: Sithunyelwe

Amabhizinisi ayithakasele inkulumo yokuvula iPhalamende

INTATHELI YOMBELE


I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) imshayela ihlombe uMengameli uCyril Ramaphosa ngokuvula kwakhe iPhalamende okokuqala kusukela kusungulwe uHulumeni woBumbano.

Ukuvula iPhalamende kukhomba ukuqhubeka kwezinguquko ezinhle ezaqalwa wuhulumeni odlule. “Umyalezo wakhe (umengameli) wobumbano nokusebenzisana ukuxazulula izinselelo eziphuthumayo zeNingizimu Afrika siyawamukela kanti simagange ukusebenzisana nabaholi bakahulume ukwenza loku,” kusho isikhulu esiphezulu seBLSA uNks uBusi Mavuso ngemva kwenkulumo kamengameli.

UMengameli uRamaphosa uthe ukhetho lucacisile ukuthi izinhlangano zepolitiki kudingeka zibumbane, zibambisane futhi zisebenzisane ukuxazuluka izininga ezintathu ezweni okuwububha, ukungalingani nokusweleka kwemisebenzi; okwenzeke ngokubumbeka kukaHulumeni woBumbano. 

“Singosomabhizinisi, ngeBLSA, siyayeseka indlela yokusebenzisana kanti besisebenzisana nohulumeni ukuxazulula lezi zinselelo ngendlela efanayo,” kusho yena.

URamaphosa ugcalise ukuthi i-Medium-Term Development Plan isaphuculwa ukuze ibewumhlahlandlela lo hulumeni ozogxila kuyona eminyakeni emihlanu ezayo, okusho ukuthi le nkulumo ayigxilanga embonweni ophelele kahulumeni wobumbano.  

“Ubalule umongo weqhinga okuvunyelwane ngawo kwikhabhinethi,” kusho uNks uMavuso. “Le nkulumo ibalule inhloso kahulumeni yokubeka eqhulwini nokugxila kwizinguquko ezimqoka ezivele ziqhubeka, kwengezwa inhlowo yokusukumela ohulumeni bendawo. Sikubheke ngamehlo abomvu ukuphuculwa kohlelo oseluphelelwe yisikhathi lokwakha amathuba azobhekana kangcono nezinkinga zezwe lethu.”

“Lo Hulumeni weSikhombisa uzogxila ezintweni ezintathu ezimqoka; okukuqala okuwumnotho ofaka wonke umuntu nokwakha amathuba omsebenzi, okwesibili okuwukunciphisa ububha nokulwa nokubiza kwezindleko zempilo kuthi okwesithathu kubewukwakhe uhulumeni wentuntukho onamandla noqotho.

“Lezi zinto zizokwenza uHulumeni woBumbano ukwazi ukugxila ezinjongweni zawo ezifanayo futhi ziqinisekise ukuthi izinhlangano ezihlukene zikwazi ukusebenzisana ukufeza lezi zinhloso ezibanzi,” kusho uNks uMavuso.

Umengameli ugcizelele isidingo sokubhekana nezinselelo omasipala abaningi ababhekene nazo ezweni lonke. “Omasipala badinga usizo kabi ukuxazulula izinselelo eziningi ababhekene nazo; kusukela kwingqalasizinda yamanzi nokuphatha izibi. Ukugxila ekuqasheni abantu abazi umsebenzi nabanamava ezikhundleni ezibalulekile komasipala kudinga ukushayelwa ihlombe,” kusho uNks uMavuso.

URamaphosa uthe uhulumeni uzogxila ekuqinisekiseni ukuthi uhlaka lomsebenzi nendlela yokuxhasa omasipala ihambisana nesidingo sokukwazi ukwenza umsebenzi nokuthi omasipala basesimweni sokungesweli amandla okusebenza futhi abawi ngasezimalini. 

UNks uMavuso uthe:   “Siwabonile amandla ohulumeni abanezikweletu abanawo kuhulumeni jikelele, kubalwa imikhakha kagesi namanzi. Kumqoka ukugxila kuloku ukuletha impumelelo ezinhlosweni ezimqoka zenhlalo nezomnotho.”

Umengameli uthe uhulumeni uzoqhube nokulandela inqubo enkulu yomnotho eyeseka ukusimama nentuthuko ngendlela ehlelekile nenempumelelo. I-BLSA ithakasela ukugxila ekuphatheni kahle izimali zikahulumeni ukuphungula isikweletu. Ukunciphisa izindleko zokukhokha izikweletu kumqoka ekusimamiseni umnotho nokuheha izimali zabatshalimali baphesheya.

Isigaba sesibili se-Operation Vulindlela sizogxila emsebenzi wohulumeni bendawo, ukuhlinzeka izidingo zomphakathi, ingqalasizinda yobuchwepheshe nomhlaba kahulumeni wezindlu zomphakathi. 

Kuzosukunyelwa nemikhakha evele iseqhulwini enjengowamanzi, ugesi nengqalasizinda. I-BLSA ithakasela umphumela omuhle we-Operation Vulindlela ngokuphothula izinto ebezisele esigabeni sokuqala. Isigaba sesibili sidinga ukuthi kuphuculwe izinto.

Siyavuma ukuthi kudingeka iqhinga elididiyele neliphelele lokuqeda ububha. Umengameli uthe izindleko zezidingo zokuphila ziyakhatha kanti uhulumeni uzimisele ukwandisa oshwele be-VAT futhi ubuyekeze indlela yokubala intengo kaphethroli ukunciphisa amanani. Le ndlela izobamqoka ekuqedeni ububha, isimamise ukukhula komnotho.

I-BLSA ithakasela umsebenzi kahulumeni wokudala umsebenzi ekupholisheni izinto ezimbawayo ukuze izwe likwazi ukudayisa imikhiqizo phesheya kunokudayisa izinto ezimbiwe ukuyokwenza imikhiqizo ngazo phesheya nokugxila ezimbonini ezidinga izikhwepha zabantu njengeyemisebenzi, eyolimo, eyemikhiqizo eyonga imvelo neyezokuvakasha.

UNks uMavuso uthe: “Okumqoka wukubeka eqhulwini ukuheha abantu abanamakhono nentuthuko nezinguquko kuma-visa ukuqinisekisa loku kumqoka ekuxazululeni izinselelo ezintathu zeNingizimu Afrika.

“Seseka isibopho sikamengameli sokuthi lapho engekho khona amakhono, sidinga ukuheha abantu abanamakhono namava ngohlelo lwama-visa oluheha abantu.”

Kuzoqhutshekwa nokugxila kwi-Freight Logistics Roadmap ukuguqula ingqalasizinda yokuthutha eNingizimu Afrika nge-National Logistics Crisis Committee. Lolu hlelo lwezinguquko ludinga ukusebenza ngokushesha kanti i-BLSA izoqhubeka nokweseka loku.

Kwezithinta ingqalasizinda, uMengameli uRamaphosa uthe iNingizimu Afrika izoqhubeka nendlela ephelele nedidiyele yokwandisa ukutshala imali ezweni. “I- Infrastructure South Africa isiyenze umsebenzi obalulekile kusukela yasungulwa ngo- 2020 kanti simagange ukusebenzisana naleli thimba ukwandisa ngamandla ukutshala  kwingqalasizinda, okugxile ekucabeni indlela yalo msebenzi; okuyinto edinga ukunakwa,” kusho uNks uMavuso. 

“Ukugxila ekuqedeni imicikilisho ekubambisaneni kwezinkampani ezizimele nezikahulumeni sekuvele kuqalile kanti lo msebenzi ubalulekile uma kuqhutshekwa nomsebenzi,” kuqhuba yena.

I-BLSA ithakasela umkhankaso oqhubekayo kaRamaphosa wokwethula ugesi ovuselelwayo, ozogxila emkhakheni okhiqiza ugesi owonga imvelo. I-BLSA ikholwa wukuthi kudingeka ukuthi kucaciswe ngamaqhinga nokusebenza kwe-hydrogen eyonga imvelo, izimoto zikagesi nomkhakha okhiqiza izinto ngendlela eyonga imvelo.

I-BLSA iyayibona indlela entsha yobunikazi bezinhlangano zikahulumeni ukuphucula ukukwazi ukuphendula kwezikhulu, ukuphatha kangcono nokwelusa nokunciphisa ukufathuza nenkohlakalo. 

UNks uMavuso uthe: “Le ndlela idinga iso elibukhali ukusebenzisa leli qhinga ukuqinisekisa ukuthi izinhloso zikaRamaphosa zifezeka ngendlela efanele.”

Umengameli uthe uhulumeni uzohlanganisa abalingani abehlukene ukuxazulula ukungaboni ngaso linye nokucaciselana ngomshwalense wezempilo i-National Health Insurance. I-BLSA ithakasela uthando lwakhe lokuvuselela lezi zingxoxo kanti imagange ukubamba iqhaza ekuqhamukeni nesixazululo.

I-BLSA iwushayela ihlombe umsebenzi kahulumeni wokulwa nobugebengu nenkohlakalo, okudinga izinhlaka ezazi umsebenzi, ezithuthukile nezizimele. 

Njengoba umengameli eshilo kufanele kubekwe eqhulwini impi yokulwa nokumba amagugu okungekho emthethweni, ukubamba izimoto zemali nezigelekeqe eziqhwaga inzuzo yomsebenzi wokwakha ukuqinisekisa ukuthi umnotho awufadalali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page