Umengameli waseNingizimu Afrika uMnu uCyril Ramaphosa, osanda kuhlanganisa izikhulu zikahulumeni nezamabhizinisi, ubhekene nemicibisholo nxa zonke. Izithombe: Zithunyelwe

Ukungacaci kwekusasa likaRamaphosa kubeka imizamo yokufukula umnotho engcupheni, kuloba uJabulani Sikhakhane

SELITHAMBENE kumengameli we-African National Congress neNingizimu Afrika uMnu uCyril Ramaphosa, njengoba iqembu lakhe  lizobanokhetho lwabaholi abasha ekupheleni kwangonyaka ozayo, kuthi maphakathi no-2029 kubenokhetho lwamalungu ePhalamende ezweni nezishayamthetho zezifundazwe.

Yingakho isimemezelo sikaRamaphosa ngokubambisana nosomabhizinisi kungenzeka singabinamphumela otheni. Umemezele ukuthi uhulumeni wakhe usuvumelene nosomabhizinisi ukuthi basebenzisane ukuze kunyuswe izinga lokukhula komnotho lifinyelele ngaphezu kwango-3%, kuphindwe kudalwe amathuba emisebenzi abalelwa ku-1 million ngo-2030.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/26/kufanele-sikhulise-umnotho-ngokungaphezu-kwango-3-futhi-sakhe-imisebenzi-eyizigidi-kuloba-ubusi-mavuso/

Impumelelo kuloku incike kwipolitiki. Eminyakeni emibili ezayo, konke loku kuncike ekutheni uRamaphosa uyaqhubeka yini ekubeni wumengameli wezwe. Kuphinde kuncike ekutheni wubani othatha ubuholi be-ANC emva kwakhe.

Ngaphezu kwaloku, kuncike nasekutheni yiliphi iqembu elizothatha izintambo zombuso, noma amaqembu avuma ukubusa ngokubambisana, emva kokhetho lwango-2029. Ukuthatha izintambo zombuso kwamaqembu afana neMKP ne-EFF kungehlisa umdlandla wosomabhizinisi ukwandisa amabhizinisi.

Ukushonelwa yilanga kukaRamaphosa kubeka yonke imizamo kahulumeni wakhe yokufukula umnotho wezwe engcupheni. Okokuqala, kubalulekile ukuthi wubani ozothatha ubuholi be-ANC ngoDisemba wangonyaka ozayo, ikakhulu ukuthi umuntu ohambisanayo yini nemizamo kaRamaphosa.

Okwesibili, kubalulekile ukuthi umholi omusha we-ANC uyovuma yini ukuthi uRamaphosa aqhubeke nokubawumengameli wezwe kuze kufike isikhathi sokuphela kwesikhathi sakhe ngo-2029.

Izimpendulo zale mibuzo zizobanegalelo elikhulu ekutheni leli liyakwazi yini ukuzitakula kule nkinga yokukhula komnotho wezwe ngezinga eliphansi. Izinga lokukhula komnotho libalulekile njengoba inani lemali engaqoqwa ngentela incike kakhulu kulo. Izwe liqoqa imali yentela ngonyaka ebalelwa kwingxenye yesikali somkhiqizo wezwe, phecelezi i-GDP, engaphezudlwana kwango-25%.

Loku kusho ukuthi uma isikali somkhiqizo wezwe sinyuka ngesivinini nenani lentela eqoqwayo lingenyuka futhi libaluleke ngenxa yokuthi ukudaleka kwamathuba omsebenzi kuncike kulona. Nokho kuphawuleka ukuthi ukudaleka kwamathuba omsebenzi kubuye kuncike kakhulu futhi kwizinqumo zosomabhizinisi. Uma osomabhizinisi bethatha izinqumo zokusebenzisa imishini ezishintshayo emkhiqizweni, amathuba omssebenzi angaqhubeka anciphe.

Okunye wukuthi ukwanda ngesivinini kokusebenzisa ubuchwepheshe obuzishaya samuntu kuzonciphisa amathuba emisebenzi.

Inkinga enkulu uRamaphosa abhekene nayo wukuthi kunezingxenye zeqembu lakhe eziphikisanayo nemizamo yakhe. Isibonelo yi-Eskom. Kunabaphikisanayo nokuhlukanisa i-Eskom imikhakha emithathu, ikakhulu ukukhipha uphiko olusabalalisa ugesi ngaphansi kwe-Eskom ukuze ibeyinkampani ezimele.

Ukusabalalisa ugesi wuphiko lwe-Eskom olubheke ukuthutha ugesi eziteshini eziwukhiqizayo, usondezwe lapho uzosetshenziswa khona (amabhizinisi nemizi). Kunqunywe ukuthi kuhlukaniswe ukusabalalisa ugesi kwi-Eskom ukuze izinkampani ezizimele ezikhiqiza ugesi zithole ithuba lokuncintisana nengxenye ye-Eskom ephehla ugesi ngokuqhudelana ngendlela eneqiniso.

Mkhulu umdonsiswano ngokuhlukanisa i-Eskom

Ibhizinisi lokusabalalisa ugesi lidinga izindodla zezimali ukuze lithuthukise futhi landise olayini (ogelenja ngelinye igama) abathwala ugesi neziteshi lapho ugesi wehliswa khona amandla ngaphambi kokuthi uhanjiswe kumakhasimende. Inkinga enkulu njengamanje wukuthi olayini abaningi abasuka eziteshini zamalahle ze-Eskom, iningi lazo eliseMpumalanga naseLimpopo.

Ingxenye enkulu yeziteshi zokukhiqiza ugesi ezisebenzisa imisebe yelanga nomoya yiNyakatho Kapa neMpumalanga Kapa, lapho bengekho ogelenja abanele ukuthwala ugesi usondezwe eduze kwamakhasimende.

Kodwa ukususa ukusabalalisa ugesi e-Eskom kuphikiswa abanye kwi-ANC, iSACP, izinyunyana  nabanye abantu ezweni. Nezikhulu ze-Eskom ziyavungama ngako, zibeka ukuthi cishe lesi sinyathelo kufanele simiswe iminyaka emine. Izikhulu ze-Eskom zikhononda ngokuthi ukuhlukanisa ingxenye yale nkampani ebheke ukusabalalisa ugesi  kuzodalela le nkamnpani izinkinga zezimali njengoba abathengi bamabhondi e-Eskom bengasibonisisi lesi sinyathelo.

Abomkhakha wepolitiki (phakathi kwabo okukhona neSACP) nabezinyunyana babona lesi sinyathelo njengomzamo wokuthatha ingxenye ka-Eskom ibekwe ezandleni zosomabhizinisi abazimele. Izinyathelo ezintsha nje ze-Eskom zokunciphisela intengo kagesi izingxenye zezimboni ezweni ezizithola zisezinkingeni zezimali nezinika umdlandla kwabezinyunyana, ababona isinyathelo se-Eskom njengomzamo wokuhlenga imisebenzi kulezi zimboni.

Kuzokhumbuleka ukuthi imboni yezomkhiqizo ikhokha amaholo angcono kakhulu kunaweminye imikhakha yomnotho. Izinyunyana zisenezwi elikhulu ezingxenyeni zezimboni ezweni, njengakwezokukhiqiza izinsimbi nezimoto.

Konke loku kubeka izinguquko ezihlosiwe engcupheni, ikakhulu ezithathwa yizinyunyana njengezinganciphisa amandla azo. Lezi zinququko, uRamaphosa athi zibalulekile ukuze osomabhizinisi abazimele bafake isandla ekunyuseni izinga lokukhula komnotho, ziphikiswe yimbumba yabantu abamnyama abanezimfuno zokungena emabhizinisi.ni KwaZulu-Natali baningi osomabhizinisi balolu hlobo abahambisana neMKP. Bathi babethola amathuba amaningi ngesikhathi umholi weMKP ewumengameli wezwe.

Loku kusho ukuthi imizamo kaRamaphosa yokunyusa izinga lokukhula komnotho ibhekene nezitha, eqenjeni lakhe, izinyunyana nosomabhizinisi abamnyama abasafufusa nezikhulu zezinye zezinkampani zikahulumeni ezithintwa yimizamo kaRamaphosa. Uzobhekana nalezi zitha uRamaphosa ngasekupheleni kwesikhathi sokuphatha kwakhe ewumengameli we-ANC nowezwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page