‘Injabulo yesikhashana ingakuqedeli imali’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noMthokozisi ‘uMkay Music’ Mbele, umsakazi no-DJ. Manje wethula izinhlelo ezimbili zeGagasi FM Umsindo Takeover njalo ngoMgqibelo ngo-4 kuya ku-7 ntambama ne-The Lounge njalo ngeSonto ngo-2 kuya ku-6 ntambama
WUSIMANGALISO NTSHANGASE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo ngangiphiwa kodwa hhayi enkulu futhi hhayi njalo ngoba umama wayencamela ukungithengela yena engikudinga ngaleso sikhathi kunokunginika imali.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngaqala sengiyokwenza unyaka wokuqala e-UKZN (e-University of KwaZulu-Natal) ngo-2019, ngayivula eCapitec.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngafunda ukuthi kubalulekile ukubeka imali, into esayifundiswa wumama ekhaya sisebancane, esikhuthaza ukungayisaphazi ezintweni ezingenasidingo.
Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngaqala sengenza unyaka wokuqala, ngisebenza esitolo, ngihola ngaphansana kukaR5 000.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathenga ukudla ngawo, izinto ezincane zasekhaya nezingubo ezimbalwa zokugqoka.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukuqinisekisa ukuthenga igrosa yanyanga zonke ekhaya, ngiqikelele ukuthenga enye esuke idingeka ngaleso sikhathi, ngaqopha ne-EP (i-extended play) yami yokuqala yomculo.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Engalenza mhla ngiqala ukusebenza kwiGagasi FM. Ngenxa yokuthi ngangisebenza ebusuku futhi ngingenamoto, ngacela umuntu wangasekhaya onemoto ukuthi abe wumshayeli wami wokungiyisa futhi angilande emsebenzini. Ngaqala ngokumkhokhela imali singakaqali ukusebenzisana, wadla phansi nemali yami. Angazi nokuthi ukuphi kumanje.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Cha angikaze.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Esokuthi kumele uhlale ubeka, wonge imali ukusiza ukuhlomela izikhathi zobunzima, nokuthi uyitshale kuwena, ikakhulukazi kithina esingamaciko.
Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingalungisa ikhaya, ngithenge imoto bese uma kukhona esalayo ngiqale ibhizinisi elithile ngayo.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngokuthi asingavumeli ubumnandi nenjabulo kwesikhashana kumoshe yonke imali esinayo nesiyitholayo. Nokuthi asingajabuleli ukwenza izinto ezimnandi nezijabulisa thina ekubeni emakithi kunezinto eziningi ezingalungile.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/05/17/ungavumeli-imali-ikushintshe/