I-Africa’s Travel Indaba ingenise uR547 million eThekwini

 I-AFRICA’s Travel Indaba 2025 (i-ATI) ibenomphumela omuhle emnothweni waseThekwini ingenisa cishe uR574 million, kanti abantu basebenzise ngaphezu kukaR232m. 

Uyancomeka umsebenzi ngeSabelomali – osomabhizinisi

ISABELOMALI sesithathu sango-2025/26 sisahlela ukusebenzisa imali ngendlela okwakuhlelwe ngayo kwesathulwa ngomhlaka-12 wangoMashi, yize ungasekho uR75 billion obuzongena ukube iqhubekile nokunyuka intela ebanjwa ezimpahleni, i-value-added-tax (i-VAT). 

Zizovalwa izinhlelo ezingawenzeli lutho uhulumeni – uGodongwana 

UHULUMENI uzobuyekeza indlela owaba imali ngayo kusukela ngo-2026/27 ngenhloso yokuvala izinhlelo ezingabalulekile futhi ezingenzi kahle ukuze uphucule indlela othenga  izimpahla  ngayo nowengamela ezobuchwepheshe nengqalasizinda ngayo.

I-TPT imi ngomumo njengoba kuqala isikhathi sokusama-orintshi eNingizimu Afrika

INKAMPANI elawula ukusebenza kwamachweba nokuthutha izimpahla eNingizimu Afrika iTransnet Port Terminals (iTPT) isiqalile ukulawula ngobunono ukuthutha kwezithelo ezinjengama-orintshi aseNingizimu Afrika aya kwamanye amazwe, okunyuke ngo-20% unyaka nonyaka kuze kubewu-Ephreli wango-2025.

Umnotho wethu uyahluleka kanti kufanele sikulungise loku, kuloba uBusi Mavuso 

ISINQUMO senye yezinhlangano ezibuyekeza indlela amazwe aphatha ngayo umnotho nokuthi akwazi kangakanani ukukhokha izikweletu zawo iS&P Global sokuphinde iklelise kahle iNingizimu Afrika uma ibheka okulindeleke kuyona siwubufakazi bokuthi yini eyingozi. 

Kuzoba wumqansa ukunconzula iSabelomali – ongoti bomnotho 

CISHE isikweletu sikahulumeni sizonyuka kakhulu kunokulindelekile njengoba umNyango wezeziMali kuzodingeka ukuthi uzame ukuvala isikhala semali engaphezudlwana kukaR42 billion ebizongeniswa wukunyuka kwentela yezimpahla i-value-added tax (i-VAT), okungeke kusenzeka.  

INingizimu Afrika iwumholi omusha wezifunda zezikhungo zentela

UHAMBE kahle umhlangano obuphethwe yiSouth African Revenue Service (iSars) i-41st Regional Steering Group yeWorld Customs Organization (iWCO) East and Southern Africa ophele ngoLwesihlanu.

Amabhizinisi aseKZN asebenzisa i-Africa’s Travel Indaba ukusabalala

AMABHIZINISI amancane asemkhakheni wezokuvakasha KwaZulu-Natali abeke amathemba awo embukisweni omkhulu wezokuvakasha i-Africa’s Travel Indaba (i-ATI)  yalo nyaka ukuze kuvuleke amathuba amasha okukhula nokwaziwa kakhulu.

Amabhizinisi azoqhubeka nokubambisana ne-Operation Vulindlela, kuloba uBusi Mavuso  

I-OPERATION Vulindlela ingazishaya isifuba ngendima esikhathuliwe ukuxazulula inkinga kagesi, ukuphucula ezokuthutha izimpahla, ukuhlinzeka izisebenzi zakwamanye amazwe ezinamakhono izimvume zokusebenza eNingizimu Afrika nokunye okuningi.

IBhange loMbuso liphikisa isinqumo senkantolo evune Ithala

ITHALA selizoqhubeka nomsebenzi walo wokwamukela amadiphozithi emva kokuthi iNkantolo ePhakeme eMgungundlovu inqume ukuthi kufanele leli bhange lidedelwe liqhubeke nomsebenzi walo esikhundleni sokuthi lenganyelwe wumlawuli owaqokwa yiBhange loMbuso. 

UMasipala waseThekwini awusongile izandla ngezinkinga zamanzi

KUBANTU abaningi abahlushwa wukuphela kwamanzi eThekwini kubukeka sengathi akukho okwenziwayo ukuxazulula le nkinga kodwa uSomlomo kaMasipala waseThekwini uMnu uThabani Nyawose uthi ziningi izinhlelo abeza nazo zokuqinisekisa ukuthi abantu bathola amanzi ahlanzekile.

Kuzothuthukiswa uhlelo lokusebenza esikhungweni sezingcingo sezamanzi

NGENHLOSO yokuqinisekisa ukusizakala kangcono kwamakhasimende nokuhambisa kangcono izidingo, kuzothuthukiswa uhlelo lokusebenza lwesikhungo sezingcingo soPhiko lwaManzi neNhlanzeko, okuzofaka uhlelo lwesimanje oluzosiza ukubhekana nezinselelo ezining

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page