Ubuciko nezokuvakasha kungalekelelana: amaciko

AMACIKO anxusa uhulumeni nezinkampani zawo ukuthi uwaxhase ngemali ukuze umsebenzi wawo ufinyelele emhlabeni jikelele njengoba kwenzeka kubalingani bawo baseMelika. Athe loku kunesandla ekuheheleni izivakashi ezweni. 

Akubanjiswane ukwandisa intsha kwezokuvakasha: Africa’s Travel Indaba

KUFANELE amazwe ase-Afrika abambisane ukugqugquzela intsha yaleli zwekazi ukuthi ivakashele amanye amazwe. 

Ukholwa wukuthi inkunzi isematholeni otshala uthando lwezolimo ezikoleni

Ukholwa wukuthi inkunzi isematholeni otshala uthando lwezolimo ezikoleni

Ushiye umsebenzi wasebhange wagxila ekufuyeni izinkukhu. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

WAYENGAKAZE azicabange eqala ibhizinisi ngelinye ilanga futhi wayejabule ngomsebenzi ayewenza kwelinye lamabhange kodwa inkinga yaqala mhla ezwa engasawuthandi umsebenzi awenzayo, esefuna inselelo entsha.

Ukwesekwa ngabangani kumkhuthaze ukuqala ibhizinisi osedayisa ukudla ezitolo zesikhondlakhondla. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

NGAPHAMBI kokuqala ibhizinisi ubevame ukumema abangani bakhe kubo, abaphekele ukudla, badle bashaye esentwala. Kugcine kuwumkhuba wabo ukuhlangana kudliwe ukudla okuphekwe kuye.

Wabona ithuba, washiya phansi ukufundisa ukuze angene ebhizinisini lokudiliva inyama enqabile. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKHULE enothando lwamabhizinisi, yingakho ebengathembele emsebenzini wokufundisa kwelinye lamakolishi azimele njengoba ebenebhizinisi lokuhambisela abantu amaveji nezithelo emalokishini aseThekwini, KwaZulu-Natali.

Bahlose ukuqeda ubumnyama ezweni ngenkampani yama-globe onga ugesi. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

BAZALWE futhi bakhulela endaweni yasemakhaya ebingenawo ugesi ngaleso sikhathi. Kuthe uma sebethuthele endaweni ethuthukile kodwa bebebuye bahlale ebumnyameni ngoba ugesi uvama ukucinywa

Owashiya izifundo zobuchwepheshe ilandele iphupho layo lokuzisebenza ngokungenisa ngamaketelo ekhethelo. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

ESIKHUNDLENI sokuphelelwa yithemba ngoba engeke esakwazi ukuqhubeka nezifundo zobuchwepheshe ayezenza kwelinye lamakolishi azimele, insizwa yasePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natali, ilandele umqondo owawuke wayifikela wokusungula ibhizinisi.

Wehlisa umthwalo kubantu abanemicimbi ngenqola yeziphuzo ezikhala kahle. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUBONA omakhelwane nabantu akhule nabo bejuluka babemanzi te uma sekuyisikhathi sokupha abantu ukudla neziphuzo emicimbini abasuke beyenzile kwenze wafisa ukubethula umthwalo ngokubahlinzeka ngeziphuzo ezidingeka emcimbini.

Kucijwe osomabhizinisi abancane ngemigudu yokusimamisa amabhizinisi. USIMANGALISO NTSHANGASE uyabika

UMASIPALA waseThekwini ubambisene nezinhlaka ezihlukene ezibheke ukuthuthukisa umphakathi nosomabhizinisi abasafufusa ucije osomabhizinisi nomphakathi waseClermont, entshonalanga yaseThekwini, KwaZulu-Natali, ngoLwesibili.

Uthando lobuciko namasiko luzale ibhizinisi akade afisa ukuliqala. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

NJENGENINGI labantu abaphothula izifundo zomkhakha abawufundele, naye uqede ukucijelwa i-public relations wagxila emsebenzini awuqeqeshelwe ukuze abeke isinkwa etafuleni.

Abadilizwa emsebenzini sebeziphilisa ngefenisha yangaphandle ‘kaNokusho’. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

ISINTU sithi ukuwa indlu wukuvuka kwenye. Kube njalo nakuMnu uThabani Radebe nobangani bakhe beminyaka ngemva kokudilizwa emsebenzini ngo-2021.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page