Ungqongqoshe womNyango weziNdaba zangaPhandle eBrazil uMnu uMaurio Vieira nomlingani wakhe waseNingizimu Afrika uMnu Ronald ngemva kokubhunga ngokubambisana ePitoli. Izithombe: Zithunyelwe

Isivumelwano neBrazil sikhombisa ukuthi kukhona kuyabhimba ngezivumelwano zokuhwebelana namanye amazwe, kuloba uBusi Mavuso

ISIMEMEZELO sangesonto elidlule ebesigcizelela ukusebenzisana kweNingizimu Afrika neBrazil nesihambisana nezifiso zokubambisana kakhulu kwezomnotho sethulwe njengento enhle ngokobudlelwano phakathi kwalamazwe.

Kepha ukuthi senziwe wumNyango weziNdaba zangaPhandle nokuBambisana esikhundleni sowezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana kusho into ebalulekile: bekuhlangenwe ngepolitiki, hhayi umnotho. Ubalulekile lowo mehluko.

INingizimu Afrika idinga iqhinga elizwakalayo ngempela lezohwebo, elihlanganiswe ngokubuyekeza ukuthi yikuphi ngempela lapho singancintisana khona, hhayi nje ukwenzela ukubukwa ngoba kunezingqungquthela. I-Brazil iyisibonelo esingafunda ngaso ukuthi uyini umphumela wokubhedisa izinto.

Sengike ngabhala kudala ngokubaluleka kokuhwebelana namazwe ahlukene, ikakhulu kusukela ngesikhathi sokushintsha komgomo wentela ekhokhiswa izimpahla eMelika, nokubenomphumela ongemuhle emnothweni wethu.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/10/08/ukuphela-kwe-agoa-yithuba-lokuqala-kabusha-eningizimu-afrika-kuloba-ubusi-mavuso/

Ukuhwebelana namazwe aphesheya kubalulekile uma sibheka indlela esilindele ukuthi umnotho ukhule ngayo, sidinga izimpahla zethu zifinyelele emazweni ahlukene lapho zingancintisana khona.

Umsebenzi esiwenzayo wokuphucula ezokuthutha zethu kuyingxenye yaloko kuncintisana. Ukukwazi ukufinyelelisa izimpahla zethu emikhunjini ngamanani aphansi kwenza sikwazi ukuncintisana kakhulu kodwa lokho kufanele kuhambisane neqhinga lezohwebo elenza izivumelwano namazwe afanele ukususa izingqinamba zezohwebo. Ngaphandle kwaloko, lawo mazwe ngeke sikwazi ukungena kuwona ngisho singenza konke okufanele ezweni lethu.

Nokho noma yisiphi isivumelwano sezohwebo kufanele kubewukuthi izandla ziyagezana. Isivumelwano ngeke senzeke kahle uma kuwukuthi imboni yethu izokhinyabezeka ngenxa yokungena kwenqwaba yezimpahla ezicoshwa phansi.

Iqhinga lezohwebo kufanele ligxile emazweni angabhalansisa izinto, imakethe efanele izimpahla zethu ngaphandle kokuthi thina kufanele sivumele ukuthi kuvele kulethwe izimpahla ezishibhile zizogcwala ezweni lethu. Ngaphambi kokusayina isivumelwano esisha kufanele sibheke umphumela emnothweni wethu.

INingizimu Afrika ayihwebelani kahle neBrazil. Ngonyaka odlule, sadayisela iBrazil izimpahla zenani eliwuR5,2 billion kodwa sathenga khona ezenani eliwuR27,3bn. Ukuhwebelana kwenganyelwe yisivumelwano i-SACU-Mercosur Preferential Trade Agreement esithi kunemikhiqizo ethile engakhokhiswa intela yezimpahla kodwa izimpahla eziningi azingeni kulesi sivumelwano.

Kunezinto eziningi ezifanayo eminothweni yala mazwe womabili. Womabili anezimboni ezinkulu zezimoto, izimayini, ukuguqula imikhiqizo yezolimo, ugesi ovuselelwayo, amakhemikhali nemboni yokukhiqiza imithi. Ingozi ekhona wukuthi iBrazil iwumkhiqizi omkhulu kakhulu wezimpahla eziningi ezibucayi, ikakhulu izinkukhu, ushukela nezimoto. Isivumelwano sokuhwebelana samahhala sizosusa izingqinamba ezenza ukuthi leyo mikhiqizo ingafuhleleki ezweni lethu, nokuzobeka engcupheni imikhiqizo yethu.

Inkukhu ngeminye yemikhiqizo iNingizimu Afrika ehwebelana ngayo neBrazil

Siyayazi nje eyezinkukhu, kuvamile ukukhulunywa ngayo njengoba kunezinkukhu ezishibhile eziqhamuka eBrazil eziphazamisa umkhiqizo wezinkukhu ezweni. Nomkhiqizo kashukela uyazwela ngenxa yemikhiqizo eshibhile eqhamuka kwamanye amazwe.

Uma sibheka izibalo zendlela zokuhwebelana, kubukeka kuyiBrazil ezohlomula kakhulu uma kubanesivumelwano sokuhwebelana mahhala. Kodwa asazi sizokwamukelwa kanjani lesi sivumelwano uma sibakhona. Kufanele kwenziwe ucwaningo lokuthi kuzosetshenziswana kanjani ngaphambi kokuthi kusayinwe futhi imiphumela yalo kufanele ishicilelwe emphakathini.

Empeleni kufanele sifune izivumelwano zokuhwebelana mahhala namazwe anomnotho ohlukile kunowethu. Isibonelo nje, amazwe amaningi aseMiddle East awanayo imboni yokukhiqiza efana neyethu futhi ayayidinga imikhiqizo efana neyezolimo zethu. Thina sithenga uwoyela neminye imikhiqizo yawo esingakhiqizi etheni vele ezweni lethu.

Ngakho, amazwe womabili angasizakala uma kunesivumelwano sezohwebo samahhala. Isivumelwano esinaso sokusebenzisana ne-United Kingdom siyisibonelo esihle sesivumelwano sohwebo esivuna amazwe womabili. Sathenga izimpahla ezibiza uR117,8bn kodwa sayidayisela ezibiza uR179,1bn, senza inzuzo ewuR61,3bn. Lesi sivumelwano senza iNingizimu Afrika ikwazi ukuvikela izimboni ezibucayi.

Mancane amazwe iNingizimu Afrika enesivumelwano sohwebo samahhala nawo. Asikaze sisisayine isivumelwano ne-UK ngenxa yokuphuma kwayo kwi-European Union ngoba kufuneka esihlukile. Izingxoxo ne-India sezineminyaka eminingi ziqhubeka kodwa akukavunyelwana ngalutho.

Empeleni sinezivumelwano zokuhwebelana zamahhala ezingasisizi okutheni. Azikho ezinamazwe amqoka njengeChina, i-India, iJapan, iKorea noma amazwe ayingxenye ye-Association of South East Asian Nations. I-Japan nje idinga ukubhekisiswa. Ingenye yezindawo ezine okubalwa iYurophu, iMelika namazwe aseNingizimu ye-Afrika esihwebelana kahle nawo futhi esenza inzuzo enhle kuwona.

Emazweni esakhelene nawo eNingizimu ye-Afrika kuhamba kahle futhi ne-African Continental Free Trade Agreement ingasiza kodwa isazothatha isikhathi ukuthi isebenze kahle. Nezivumelwano namazwe esakhelene nawo zingaphuculwa njengentela ethe xaxa esiyikhokhela izimpahla esizithenga eZimbabwe, nenyusa intela ngo-25%.

Izivumelwano zokusebenzisana ziyasiza kakhulu futhi lesi esinaso ne-European Union siyisibonelo esihle. Nokho sidinga ukwandisa izivumelwano zokuhwebelana ezifana nalezi namanye amazwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page