Ukubayintombikayise kwatshala uthando lwezolimo nemfuyo

UKUKHULA ebona uyise etshala futhi efuya kwenza intokazi yaKwaZulu-Natali yajwayela ukudla okutshalwe ekhaya. Yafunda kuyena ukuthi ukuzitshalela ukudla kungabawusizo olukhulu ngezikhathi ezinzima, ikakhulu uma kubhoke indlala.

Abantu besifazane kufanele baqinise ekutshaleni imali – umeluleki

ABANTU besifazane banegalelo elibalulekile ekukhuliseni umnotho nokondla eNingizimu Afrika. Njengoba beqhubeka nokusukumela ikusasa labo kwezezimali, ukutshala imali kusaloku kungenye yezindlela ezilungile zokwakha umcebo wakusasa, ukuzimela kwezezimali.

Abalimi abahambisane nesimo sezulu esishisayo – umNyango wezoLimo

UMNYANGO wezoLimo, amaHlathi nokuDoba usukhuthaze abalimi ukuthi basebenzise izindlela zokulima ezenza inhlabathi ihlale iswakeme futhi ingaguguleki kalula njengoba kulindeleke ukuthi kuhlasele isimo sezulu esinciphisa imvula ehlobo futhi sinyuse amazinga okushisa kakhulu i-El Niño.

Kubunjwe umkhandlu ozonyakazisa umnotho wezwe ngowaKwaZulu-Natali

UHULUMENI waKwaZulu-Natali usuhlanganise umkhandlu obunjwe yizo zonke izinhlaka zikahulumeni nemboni ezimele ezenza imisebenzi yokuthuthukisa ingqalasizinda ukuze kubanjiswane kangcono ekwenzeni lo msebenzi omqoka.

‘Hlelela imali ingakafiki bese unamathela ohlelweni lwakho’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSthembiso ‘Pro’ Ndlovu, usomahlaya nombhali wencwadi ethi Prison to Palace nomdidiyeli wezinhlelo zomsakazo. Uwumdidiyeli we-Rise and Rock Breakfast Show ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu kusukela ngo-6 kuya ku-9 ekuseni no-The Morning Shake-Up ngoMgqibelo ngo-6 ekuseni kuya ngo-9 kwiNanda FM. Waqokwa kuma-Crown Gospel Awards ngo-2015 emkhakheni i-Best Gospel Comedy. Uwumsunguli weSthembiso Pro Ndlovu Foundation, inhlangano engenzi nzuzo egxile ekufukuleni amaciko

UMasipala waseThekwini uthule indawo yabahwebi  bamatafula yezigidi zamarandi

UMASIPALA waseThekwini, ngoPhiko lokuThuthukisa umNotho nokuHlela, uvule ngokusemthethweni iLucky Mngwengwe Traders Precinct ngoLwesihlanu mhlaka-4 kule nyanga, eBoxer Node kuMeyiwa Main Road eMpumalanga, eHammarsdale.

I-South Regional DBF izovulela osomabhizinisi baselokishini izimakethe namathuba

UMASIPALA waseThekwini uzosondeza umbukiso omkhulu wamabhizinisi iSouth Regional Durban Business Fair KwaMnyandu Shopping Centre eMlaza, kusukela mhlaka-2 kuya mhlaka-4 ngenyanga ezayo.

INingizimu Afrika ingafunda kwiSingapore ukuthi wakhiwa kanjani uhulumeni owazi umsebenzi, kuloba uJabulani Sikhakhane

NGIYAYITHANDA indlela iSingapore ekhokhela ngayo osopolitiki abakhethiwe. Kwenza ukuthi ongqongqoshe nezinye izikhulu zikahulumeni bazi ukuthi kwenzekani ngezindaba zezwe zomnotho nezepolitiki, ngaphezu kwendlela ohulumeni bentando yabantu, kubalwa neNingizimu Afrika, bekwazi ukwenza.

I-IEC iqinisa imithetho yokhetho yokunqanda izindaba ezingamampunge

AMAQEMBU epolitiki nabantu abangenela ukhetho kuzodingeka baqaphele ukuthi yiluphi ulwazi abaludlulisela kubavoti njengoba ikhomishini yokhetho i-Independent  Electoral Commission (i-IEC) isikhiphe imithetho emisha yokunqanda ukusabalala kolwazi olungamampunge ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2026, olungomhlaka-4 wangoNovemba.

Asiqhubeke nokuphokophela ukunyusa ithemba lamabhizinisi nokwehlisa izindleko zokusebenza, kuloba uBusi Mavuso

ISONTO elidlule lisibonise izimpawu eziningi zokuthi izinguquko ezinqala ziyaqhubeka kodwa ithemba lamabhizinisi liphansi. Lelo gebe litshengisa indlela okusafanele siyihambe ukuze izinguquko ziphucule izinto ngendlela ebonakalayo.

Izinkampani zaphesheya kufanele zihlawule ngokukopolota i-Afrika – umfelandawonye wezinyunyana

UMFELANDAWONYE wezinyunyana zezisebenzi iCosatu ugxeka izinkampani zaseNtshonalanga ngokudla amandla ezwekazi i-Afrika. Iphini lokuqala likamengameli walo mfelandawonye wezinyunya uMnu uMike Shingange lithe indlela abantu abafudukela emazweni aphesheya iyimbangela wokumbiwa kwamagugu omhlabathi wase-Afrika yizinkampani zaseYurophu nezaseMelika, okuholela ekutheni amazwe amaningi ase-Afrika asale empofu.

Undunankulu waseKZN ukhala ngabavuse izinkampani eziphula umthetho ngabantu bokufika abangenagunya

NGEMVA kokufika kwezinye izinkampani eziphula imithetho kahulumeni yokuqasha izisebenzi ngokusemthethweni, undunankulu waKwaZulu-Natal uMnu uThami Ntuli uthi kuzophenywa abaphazamise umkhankaso wokuhlola ukuthi izinkampani zihlonipha imithetho yokuqasha abantu bokufika KwaSithebe, eMandeni, ogwini olusenyakatho, izolo.

Bathwele kanzima abantu emakhaya yizindleko zokuphila – umbiko omusha

UMBIKO weKhomishini yokuNcintisana ophume ngoLwesihlanu uveza ukuthi imizi yabantu isaqhubeka nokuthwala kanzima njengoba izindleko zikagesi, amanzi, uphethroli, ezokuthutha, ezempilo nezokuxhumana zinyuka ngamandla ukudlula ukwehla kwehla kwamandla emali.

I-Suzuki Across inabo bonke ubuchwepheshe besimanje kanti ayiligugisi iphakethe, kuhlaziya uSlindile Khanyile

NGIKHULE kujwayelekile ukuthi kunabantu ababethi uma beyothatha izincwadi zokushayela bakhethe u-Code C1(okwakuthiwa u-Code 10) ngisho inhloso yabo kungekona ukushayela izimoto ezithutha umphakathi nezimpahla. Ofeleba babenza loku ngoba bebalekela amapali ngoba kwakunenkolelo yokuthi yiwona ayefeyilisana kakhulu uma usuyohlolwa.

I-Durban Tourism ixhase amabhizinisi awu-24 ngezinto zokusebenza

I-DURBAN Tourism ifakazele ukuzibophezela kwayo ukusimamisa umkhakha wezokuvakasha nokuxhasa amabhizinisi endawo akulo mkhakha awu-24 ngezinto zokusebenza  zenani eliwuR720 000 aphuma isibili nesithathu kuma-5th Durban Tourism Business Awards, ayengoJuni wango-2026.

I-DFF izogubha iminyaka ewu-15 ngombukiso wezinsuku ezintathu

UMASIPALA waseThekwini uzokwenza iDurban Fashion Fair (iDFF) yesi-15 kusukela ngomhlaka-16 kuya mhlaka-18 wangoSepthemba mcimbi eDurban Exhibition Centre, ukugubha iminyaka ewu-15 kwasungulwa le nkundla ukunika abasikingqephu baseThekwini indawo yokuzibonakalisa.

I-Eskom iklinyeke nxa zonke futhi ngesikhathi esibi, kuloba uJabulani Sikhakhane

IMIPHUMELA yezimali ye-Eskom yonyaka wezimali ophele ngoMashi wango-2026 ugqamisa izinkinga ezintathu le nkampani kahulumeni kagesi ebhekene nazo. Okokuqala, le nkampani ibhekene nokwehla kwesidingo sokuthenga ugesi kwamakhasimende ayo amakhulu, okuyizimboni nezimayini, ezithenga ugesi owu-40%.

Ubugebengu bubambezela ukukhula kwamabhizinisi – osomabhizinisi abancane

UBUGEBENGU sebuyinkinga enkulu kosomabhizinisi abasebenza emalokishini nasemadolobheni, njengoba buthinta amakhasimende, imali namathuba okukhulisa amabhizinisi.

Uhulumeni uqinisa imizamo yokulungisa omasipala ngaphambi kokhetho

AMALUNGISELELO okhetho lohulumeni basekhaya lwangomhlaka- 4 wangoNovemba aqhubeka kahle njengoba iKhabhinethi ithi izinhlaka zikahulumeni zibambisene ukuqinisekisa ukuthi ukhetho lukhululekile, luneqiniso nokuthula.

Isivumelwano neBrazil sikhombisa ukuthi kukhona kuyabhimba ngezivumelwano zokuhwebelana namanye amazwe, kuloba uBusi Mavuso

ISIMEMEZELO sangesonto elidlule ebesigcizelela ukusebenzisana kweNingizimu Afrika neBrazil nesihambisana nezifiso zokubambisana kakhulu kwezomnotho sethulwe njengento enhle ngokobudlelwano phakathi kwalamazwe.

Akukaqashwa noyedwa kubahloli abawu-10 000 abathenjiswa wuhulumeni – izinyunyana

UMFELANDAWONYE wezinyunyana iSouth African Federation of Trade Unions (iSaftu) isigxeke ukonga imali kukahulumeni njengoba ithi akukaqashwa ngisho noyedwa umhloli kwabawu-10 000 ababethenjiswe wumNyango wemiSebenzi.

Abantu besifazane sebeyithenga kakhulu imizi – ucwaningo

UCWANINGO olusha lukhombisa ukuthi abantu besifazane sebedlula abesilisa ngokuthenga imizi. Lolu cwaningo olwenziwe yiFNB luveza ukuthi bayithenga bephindelela imizi abesifazane njengoba befuna ukubanezinto zabo nokuzakhela umcebo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page