Impumelelo yobambiswano incike kwisisoka sikaRamaphosa, kuloba uJabulani Sikhakhane
UMTHWALO wokwenza umbuso wobambiswano ubeyimpumelelo uzohlala wonke emahlombe kamengameli kaKhongolose uMnu uCyril Ramaphosa nabaholi bale nhlangano.
UKhongolose uphoqeke ukuthi ubuse ngokubambisana namanye amaqembu, ikakhulukazi iDemocratic Alliance (iDA), ngemva kokuthola ivoti elingaphansi kuka-50% okhethweni lezwe nezifundazwe.
Izingqinamba ekubuseni ngokubambisana zizodinga ukuthi uRamaphosa, ongumengameli wezwe noKhongolose, asebenze nzima ukuhlanganisa imibono yamaqembu ahlukene. Akuzugcina lapho. Kuzofanele akhuthaze nabeqembu lakhe ukuthi basebenzisane ngokubambisana nabaholi bamanye amaqembu.
URamaphosa kulindeleke ukuthi amemezele amalungu ekhabhinethi yakhe maduze nje. UmThethosisekelo wezwe unika umengameli igunya lokuqoka ikhabhinethi. Ngesikhathi uKhongolose uphethe wodwa, umengameli ubeqoka ikhabhinethi ngemva kokubonisana nabaholi abaphezulu benhlangano kanti ubekwenza loku ngokubheka ukuthi yibaphi abaholi bale nhlangano abalulekile.
Kepha manje uzoqoka amalunga ekhabhinethi ngokulandela imigomo yesivumelwano esiyisekelo sikahulumeni wobambiswano. Loku kusho ukuthi wonke amaqembu, ikakhulukazi anamavoti amaningi, kuzofanele anikwe izikhundla, phakathi kwazo okulindeleke ukuthi kubengezibalulekile ekuphatheni izwe.
Ekuqokeni ikhabhinethi kulindeleke ukuthi amaqembu anjengeDA ne-IFP abenezwi elikhulu futhi athole izikhundla ezibhekile.
Ukubusa ngokubambisana kusho ukuthi kunabaholi bakaKhongolose abangasebangatholi izikhundla ezigculisayo, okungabangela umengameli izitha enhlanganweni.
Emva kokuqoka isigungu kulindeleke ukuthi kubenomhlangano, njengokwesivumelwano, lapho kuzobunjwa khona imigomo yombuso, ikakhulukazi leyo okuzofanele ibeseqhulwini ezinhlelweni zikahulumeni. Akuzukubalula naloku, ikakhulukazi ngasohlangothi lezomnotho.
Noma kungasheshe kuvunyelwane ngemigomo, inkinga ingaba sezenzweni.
Mkhulu-ke umsebenzi ozobhekana nohulumeni omusha. Kuzofanele kuvuselelwe umnotho wezwe osuneminyaka engaphezu kweyishumi ukhula ngezinga eliphansi kakhulu kunezidingo zezwe.
Ukuvuselela umnotho kuzodinga uhulumeni wobambiswano ungagcini nje ngokuthembisa osomabhizinisi ukuthi uzosusa izingqinamba ezenza bangabi magange ukwandisa amabhizinisi abo noma basungule amasha. Kuzodingeka usheshe uveze imiphumela ebonakalayo, okuyiyona ezokhuphula ithemba losomabhizini ngekusasa.
Nokho, kungase kungabilula loku. Loku kungadalwa wukuthi uhulumeni wobambiswano uthathe isikhathi ukuvumelana ngemigomo yezomnotho okumele ilandelwe nokuthi kuthathe isikhathi ukuthi okuvunyelwana ngako kubenemiphumela obonakalayo.
Isimo somnotho eNingingizimu Afrika kule minyaka engaphezu kweshumi edlule senze izwe lingakwazi ukudala amathuba emisebenzi angakwazi ukwehlisa ngesivinini inani labantu abantula umsebenzi.
Okunye wukuthi usubenomphumela omubi ezimalini zikahulumeni. Ukukhula komnotho ngezinga eliphezulu kusho ukunyuka kwemali yentela eqoqwa wuhulumeni. Mithathu imithombo yentela ebaluleke kakhulu – yimali ebanjwa emiholweni yezisebenzi, intela ekhokhwa uma umuntu ethenga impahla nezinye izidingo, phecelezi iVAT, nentela ekhokhwa yizinkampani ngenzuzo eziyenza unyaka nonyaka. Le mithombo yenza isamba esingaphezu kuka-85% wemali yentela eqoqwa yiSouth African Revenue Service ngonyaka.
Sekuyiminyakana uhulumeni uzama ukwehlisa izinga lokunyuka kwemali oyibolekayo ukuvala igebe phakathi kwemali yentela eqoqwayo unyaka nonyaka nesabelomali.
Nokho loku sekudale izinkinga ngoba sekuphoqe ukuthi kwehliswe isabelomali esitholwa yiminyango kahulumeni nohulumeni bezifundazwe.
Phezu komsebenzi wokuvuselela umnotho, singabala ukulungisa ezemfundo nezempilo, imigwaqo nokusebenza kukaLoliwe namachweba. Konke lokhu kudinga ukuthi uhulumeni wobambiswano ubone ngaso linye futhi usebenzisane ngokubambisana namanye amaqembu.
Isivumelwano esiyisisekelo sikahulumeni wobambiswano sibalula ukuthi izinqumo zekhabhinethi kumele zithathwe ngokuvumelana kwamaqembu abumbe uhulumeni. Kuzosungulwa nomkhandlu lapho wonke amaqembu eyobonisana futhi abuyekeze nangenqubekelaphambili eyenziwayo ngokusebenza kukahulumeni.
Konke lokhu akuzukubalula. Kuzodinga ubuholi obuqotho, okuwumsebenzi ozohlala emahlombe kaRamaphosa njengoba ewumengameli wezwe nokaKhongolose.
Isizathu saloku wukuthi uKhongolose useneminyaka ewu-30 uphethe wodwa. Ngakho-ke yiwona okuzomele ushintshe indlela osebenza ngayo ukuze ukwazi ukusebenzisana namanye amaqembu, ikakhulukazi ngemigomo lapho ungaboni ngaso linye namanye amaqembu.
Lokhu kuzobeka uRamaphosa engcupheni yokuvuleka kwegebe phakathi kwakhe nabaholi bakaKhongolose.
Leli gebe lingagcina ngokubonwa kwakhe ozakwabo njengomuntu obadayisayo, ikakhulukazi uma bemthatha njengomuntu ovumelana njalo namanye amaqembu.
Ngakolunye uhlangothi indlela uRamaphosa elusa ngayo uhulumeni wobambiswano iyona ezokwenza amaqembu abambisane noKhongolose akholwe wukuthi ubusa ngokulandela isivumelwano sesisekelo sikakhulumeni wobumbano.
Okunye, inkinga kaRamaphosa noKhongolose izoqhamuka emaqenjini angaphandle kukahulumeni wobambiswano. Kula maqembu singabala iMK Party ne-Economic Freedom Fighters namanye.
La maqembu anamavoti afinyelela ku-30% ePhalamende. Kulindeleke ukuthi enze umsebenzi kahulumeni wobumbano ungabi lula, ikakhulukazi ngoba awahambisani nemigomo yeDA.
Yingakho-ke uRamaphosa kuzofanele ashintshe indlela aphatha ngayo uhulumeni neqembu likaKhongolose.
Ukwenza uhulumeni wobambiswano ubeyimpumelelo kudinga ukuthi aphume endleleni ayijwayele yokuphatha umbuso neqembu lakhe.
Lo msebenzi udinga umuntu okwazi ukushela abaphikisana naye, emaqenjini abambisane nawo nakuKhongolose, ukuze bavumelane ngendlela okumele ithathwe.
Uma ehluleka kuloku, kuzoba wukuphela kokubusa ngobambiswano nobuholi bakhe kuKhongolose.
