Isivuno

UNksz uDinkie Mthembu, umsunguli weDinkie Poultry yaseMpumalanga, eThekwini, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Umfuyi wezinkukhu wakhela ngamaqubu osizi lokudilizwa

ISIZULU sithi ukuwa kwenye, wukuvuka kwenye. Kwabanjalo kowesifazane waseMpumalanga owasungula ibhizinisi ngemva kobunzima bokudilizwa emsebenzini wokubawunogada.

UNksz uNokuthokoza Mathonsi, umsunguli weNokthy Foods yaseMandeni, eVutha, KwaZulu-Natali, etshala amaveji. Izithombe: Zithunyelwe

Ukulima wakuncela kunina oseziphilisa ngokulima

INTOKAZI yaKwaZulu-Natali ikhule ibuka ugogo wayo nonina belima njengoba isiziphilisa ngako.

Imboni yezolimo yaseNingizimu Afrika iyadlondlobala noma ikhona intela yezimpahla yaseMelika. Isithombe: Sithunyelwe

Nakuba kunonswinyo lweMelika, ezolimo zaseNingizimu Afrika zithela izithelo

EZOLIMO ziyinsika yomnotho waseNingizimu Afrika ngokudala amathuba omsebenzi nokusimamisa imiphakathi yasezindaweni ezisemakhaya.

Amabhikawozi asemalokishini asengcupheni yokuwa njengoba kukhuphuka amanani kakolweni

AMABHIKAWOZI asemalokishini aseNingizimu Afrika athwele kanzima ngenxa yokunyuka kwamanani okuthenga ukolweni noflawa, okubeka engcupheni imisebenzi, amabhizinisi amancane nokutholakala kokudla emiphakathini ehola imali encane.

Abalimi babhanana babhekene nesihlava iBanana Bunchy Top Virus. Isithombe: Sithunyelwe

Isifo iBanana Bunchy Top Virus  sibeke abalimi nemisebenzi engcupheni

UKUTSHALA ubhanana akulona nje ibhizinisi oGwini oluseNingizimu KwaZulu-Natali, kuyisisekelo sendlela abantu abaziphilisa ngayo ezindaweni zasemakhaya nokuqinisekisa ukuthi kunokudla okwenele.

ISetšong Tea Crafters, inkampani yaseGa-Matlala Ramoshebo, eLimpopo, iyokhangisa ngamatiye ayo omdabu ekhethelo kwi-Anuga International Food and Beverage Trade Fair eCologne, eJalimane. Isithombe: Sithunyelwe

Abenzi betiye basemakhaya baya embukisweni omkhulukazi phesheya

UHLOBO lwetiye lomdabu laseLimpopo likhangiswa phesheya lapho izinkampani zokudla nezeziphuzo zaseNingizimu Afrika zidlana imilala khona ngemikhiqizo yazo embukisweni i-Anuga International Food and Beverage Trade Fair eseCologne, eJalimane. Lo mbukiso uqale mhlaka-4 kanti uphela kusasa.

Abanye babasunguli bebhizinisi elidayisa imfuyo laseThekwini iKwaBhekumndeni Livestock, uMnu uThokozani Mthethwa noMnu uThulani Zithwana. Isithombe: wuThobile Zwane

Abangani babheka umndeni ngemfuyo 

IGAMA lebhizinisi liwuchaza kahle umbono webhizinisi lemfuyo labangani laseNtshongweni, entshonalanga yaseThekwini, KwaZulu-Natali. 

UNksz uNtobeko Mafu, umsunguli weMadame Clucks A Lot Poultry yase-Edendale, eMgungundlovu, KwaZulu-Natali, efuye izinkukhu nelima amaveji. Izithombe: Zithunyelwe

Umfuyi wesifazane utshiyoza ngamandla ukuxosha indlala

NGEMVA kokuphothula iziqu zakhe i-Human Resources Management nokusebenza ePick n Pay, wabeka imali kancane kancane ngaphambi kokusungula ibhizinisi lezokulima.

UNksz uScelo Simelane, umsunguli weDemande Agriculture yaseBalfour, eMpumalanga, etshala amaveji ahlukene futhi enemfuyo. Izithombe: Zithunyelwe

Umlimi wesifazane omncane uqhubeka esisekelweni esabekwa ngabakubo

INTOKAZI yaseBalfour, eMpumalanga, eyagqugquzelwa wuyise ukulima isikhiqizela amaveji izitolo ezinkulu.

Inyama yenkomo ngenye yezinto ezinyukelwe ngamanani ngenxa yokubheduka kwamatele. Isithombe: Sithunyelwe

Amatele amise kabi imboni yabadayisi basemgwaqweni

EZINKABENI zamadolobha nasemalokishini abadayisi abanamatafula abanjengoNks uRitshidze Sibadali noMnu uXolani Mathe banamabhizinisi angqangqayo apheka ukudla kwesintu abaziphilisa ngawo naqhuba isiko labo.

UNksz uHlobisile Yende, umsunguli weThe Yende and Partners yaseHeidelberg, eGauteng, inkampani yezolimo. Izithombe: Zithunyelwe

Olima ngezindlela zesimanje uqhuba igama lomndeni kwezolimo

UMA kukhulunywa ngezolimo eNingizimu Afrika, kwesinye isikhathi kunabantu abafafaza inkoleloze yokuthi abantu abamnyama baqale ukubanentshisekelo yale mboni ngesikhathi okuqalwe ngaso uhlelo lokubabuyisela umhlaba ababephucwe wona ngesikhathi sobandlululo, okungelona iqiniso.  

UMnu uLehlohonolo Phakoe wePhakoe Farming yaseBethlehem, eFree State, elima umbila nefuyayo. Izithombe: Zithunyelwe

Othekele ulwazi kunina ukhulise ipulazi lakubo

UKUBONA unina owumlimi esebenza ngokuzikhandla ukondla umndeni kwenza insizwa yaseFree State yashiya ekolishi lezolimo yazokhulisa ipulazi lakubo. 

UNksz uMulalo Munyamela, umsunguli weMulalo Farms Fresh Produce yaseThabazimbi, eLimpopo, egxile ekutshaleni ubhekilanga, amaveji nokufuya. Isithombe: Sithunyelwe

Ufuye izinkomo ezingaguli njalo umfuyi owayebelwa imfuyo

UKUFAKA isicelo sokusebenzisa ipulazi likahulumeni eLimpopo kwasiza umlimi wesifazane ukuthi abalekele amasela emfuyo ayemntshontshela njalo.

Ungqongqoshe womNyango wezoLimo KwaZulu-Natali uNkk uThembeni KaMadlopha-Mthethwa nondunankulu uMnu uThami Ntuli bebhunga engqungqutheleni yezolimo ebise-Olive Convention Centre eThekwini ngesonto elidlule. Isithombe: Sithunyelwe

Undunankulu unexhala ngokuphela kwemisebenzi yezolimo eKZN 

NAKUBA imboni yezolimo eNingizimu Afrika iqashe abantu abawu-930 000 kodwa kulo nyaka sekulahleke imisebenzi ewu-24 000 kule mboni. 

UNksz uWendy Moshakga, umsunguli weSerage Holdings yasePolokwane, eLimpopo, enepulazi lamaveji. Izithombe: Zithunyelwe

Owaqala ngengadi usenodedangendlale wepulazi

OKWAQALA kuyingadi encane emva kwendlu yakubo eLimpopo sekuyipulazi elingamahektha awu-20. 

UMnu uLindokuhle Mabaso, umnikazi weMabaso Agrisolutions yaseMtubatuba, KwaZulu-Natali, ekhiqiza amaveji. Izithombe: Zithunyelwe

Uphosa esivivaneni ukuthi kubenokudla okwenele eNingizimu Afrika

NGEMVA konyaka efunda enyuvesi, insizwa yasenyakatho yeKwaZulu-Natali yaphoqeka ukushiya abuyele kubo umlimi osephendule umhlaba wakubo ipulazi elincane.

UNksz uZintle James, umsunguli weSmeja’s Fresh Harvest yaseSterkspruit, eMakhetheng, eMpumalanga Kapa, etshala amaveji, ifuye izingulube nezinkukhu. Izithombe: Zithunyelwe

Owayefuna ukusebenza ehhovisi usewumlimi nomfuyi

NGESIKHATHI kuvalwe izwe ngo-2020 emva kokubheduka kwe-Covid-19, intokazi eMpumalanga Kapa, yazithola ihleli kubo ingazi ukuthi izokwenzani.

UMnu u-Emmanuel Mudau, umsunguli weMathuba Genetics yakwaHa-Ravele, eVenda, eLimpopo, efuya izimvu nezinkomo. Izithombe: Zithunyelwe

Umdayisi wefenisha usewumfuyi ovelele

UMFUYI waseLimpopo uthi wayenoR7 000 kuphela nesifiso sokufuya ngesikhathi eqala ipulazi lakhe ngezimbuzi ezintathu.

Iyaqhubeka imizamo yokunqanda ukubhebhetheka kwamatele njengoba esengena nasezinkomeni zobisi enyakatho yeKwaZulu-Natal.

Kunqandwa amatele angakapakeli ezinkomeni zobisi

EMVA kokuqubuka kwamatele emapulazini ezinkomo zobisi aseMzinyathi nasoThukela KwaZulu-Natali, ungqongqoshe womNyango wezoLimo uNkk uThembeni kaMadlopha-Mthethwa uvakashele abakhiqiza ubisi ukuqinisekisa ukuthi basebenza ezimweni eziphephile.

UMnu uSivuyise Sotshongaye usungule iSotsho Treated Timbers yaseFlagstaaf, eMpumalanga Kapa, edayisa izingodo zokwakha. Isithombe: Sithunyelwe

Uvuse ibhizinisi lezingodo lakubo ukufukula intsha yendawo

EZWENI lapho intsha iswele imisebenzi, insizwa yaseMpumalanga Kapa eyakhula ibuka uyise esebenza ebhizinisini lezingodo iyisibonelo esihle sokuhamba ezinyathelweni zikayise ukuqhuba ibhizinisi lomndeni. 

UMnu uSibongakonke Mbongwe, umsunguli weLife4Good Farming yase-Adams Mission, eThekwini, KwaZulu-Natali, ipulazi lamaveji. Izithombe: Zithunyelwe

Ukubalekela izinto ezibhedayo kwamholela kwezolimo

UMFANA waselokishini owayebalekela ukungena ezilingweni zomhlaba ngemva kokuqeda isikole namuhla usekhiqiza ukudla okutshalwa ngendlela yakudala.  

Ungqongqoshe womNyango wezoLimo nokuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya eGauteng uNks uVuyiswa Ramokgopa echaza ngesikhwama esiwuR100 million esizosiza osozimboni abasebenza ngemikhiqizo yezolimo. Isithombe: Sithunyelwe

Kwethulwe isikhwama sikaR100 million sokuthuthukisa osozimboni kwezolimo

U-R100 million othulwe engqungqutheleni yemboni eshintsha imikhiqizo yezolimo ibengokunye ebiseMidrand, Gauteng, uzosiza izimboni zabantu abamnyama. 

UMnu uKagiso Malope, umsunguli weKgakgara Holdings Farming yaseBushbuckridge, eMpumalanga. Izithombe: Zithunyelwe

Ukhamba lufuze imbiza kumlimi omncane ophatha umhlabathi ngothando

UMHLABATHI uhlale ukhumbula ukuthi wubani owuthinta ngothando. Usho kanje umlimi waseBushbuckridge, eMpumalanga.

UMnu uSphelele Ncayiyana, umsunguli weMagaya Crop Farming yaseHarding, eningizimu yeKwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Wangena kwezolimo ngoba efuna ukondla umndeni wakhe

IBHUNGU laKwaZulu-Natali elinothando lokulima lalihlose ukondla umndeni walo ngokutshala amaveji ambalwa ekhaya kodwa manje loku sekuphenduke ibhizinisi. 

UNksz u-Aphiwe Mtshali, umnikazi weHlelakahle Projects yaseMuden, ngaseMdlovana, KwaZulu-Natali, elima amaveji. Izithombe: Zithunyelwe

Owashiya umsebenzi ukuvala isikhala usedayisela izikhondlakhondla

UMLIMI wesifazane osemncane waKwaZulu-Natali obenganalwazi lwezolimo washiya umsebenzi awuthandayo ukuvala isikhala esasisempilweni yayo nokondla isizwe.

Ukusabalala kwamatele kwezinye izifundazwe eNingizimu Afrika sekunyuse amanani enyama ebomvu. Isithombe: Sithunyelwe

Uhulumeni usebenzise uR42 million ukunqanda amatele

UNGQONGQOSHE womNyango wezoLimo eNingizimu Afrika uMnu uJohn Steenhuisen uthi bathenge imijovo ewu-900 000 ngoR42 million ukugoma imfuyo. 

Umsunguli weSucseed Poultry Institute yaseNkomazi, eMpumalanga uMnu uSandile Mkhabela. Izithombe: Zithunyelwe

Ongene ekufuyeni izinkukhu zamaqanda enganakile uyaphumelela

IBHUNGU lashintsha impilo yalo neyomndeni walo ngokufuya izinkukhu.

Ungqongqoshe womNyango wezoLimo KwaZulu-Natali uNkk uThembeni kaMadlopha-Mthethwa ekhuluma nomphakathi waKwaZondi Kwampotholo Community Hall eNkandla. Izithombe: Zithunyelwe

Abaholi bendabuko abenze kubelula kubantu ukulima – ungqongqoshe

UNGQONGQOSHE womNyango wezoLimo KwaZulu-Natali uNkk uThembeni kaMadlopha-Mthethwa unxuse abaholi bendabuko ukuthi benze kubelula ukufinyelela kumhlaba, ikakhulu intsha nabantu besifazane.

Umsunguli weBotebo Wines uNkk uTebogo Ditsebe yaseJacobsdal, eFree State. Izithombe: Zithunyelwe

Ufisa ukushintsha ipulazi libeyindawo yokuvakasha yewayini

UNOTHANDO lokubona abantu abahlukene behlangene ofisa ukuthi ipulazi lakhe libeyindawo yezivakashi.

UMnu uSabelo Magwaza, omunye wabasunguli beZincinze Co-operative yaseNkandla, KwaZulu-Natali, elima amaveji. Izithombe: Zithunyelwe

Ukusika iphethini kuyise kuthela izithelo kumlimi omncane

UMFELANDAWONYE waseNkandla, KwaZulu-Natali, odlondlobalayo kulo mkhakha ukhuthazwe wukubuka kuyise wabasunguli bawo obeziphilisa ngokulima iminyaka. 

UNksz uRethabile Kou, umsunguli weThabile’s Farm Enterprise yaseNazaretha, ngaseMaseru, eLesotho. Izithombe: Zithunyelwe

Intombi kayise idala amathuba entsheni engenamathuba 

EMHLABENI ovundile waseNazaretha, ngaseMaseru, eLesotho, intokazi esencane ezimisele iphendule isipho sosuku lwayo lokuzalwa saba yibhizinisi lezolimo elikhulayo.

UNksz uTsholofelo Mokwele, umsunguli weTCM Squared Farming Projects, yaseRietfontein, Ekangala, eMpumalanga. Izithombe: Zithunyelwe

Ulima, afuye ngezindlela zesimanje owashiya ubunjiniyela

INTOKAZI yaseMpumalanga yaqala iqashiwe iwuchwepheshe ngaphambi kokuthola uthando lwayo – ukulima nokufuya.

UMnu uThulani Magida, umsunguli weJuta Agritech yaseKeiskammahoek, eMpumalanga Kapa, elima amaveji futhi ifuye. Izithombe: Zithunyelwe

Washiya umsebenzi wasehhovisi, wayosebenza umhlabathi 

INCWASIMENDE eneziqu yaseMpumalanga Kapa yashiya umsebenzi owawuyigqokisa isudi wokuhola ibhizinisini elizimele yakhetha ukugqoka amabhuzu agcwele udaka ngoba ilandela ubizo lwayo.

Umfuyi wezingulube wathola isibusiso kunina ongasekho 

UMFUYI wezingulube waqamba enye yezingulube zakhe ngonina ongasekho uMmatale. Uthi loku wukuhlonipha unina, naye owayewumlimi omncane.

Ungqongqoshe womNyango wezoLimo KwaZulu-Natali uNkk uThembeni kaMadlopha-Mthethwa uthi ukulima kufanele kubekwe phambili ukuze kungabibikho abantu abakhala ngendlala. Isithombe: Sithunyelwe

INingizimu Afrika ithekela ulwazi kwiG20 ukusimamisa ezolimo

UKUZA kweG20 eNingizimu Afrika kuyithuba lokuthi izwe lifunde amasu amasha okukhiqiza ukudla nokuvikela imvelo.

UNksz uShanton Legasa. umsunguli weSha-nton Fruits & Veg yaseGa Masemola, eLimpopo, Izithombe: Zithunyelwe

Owayebukela phansi ukulima usewumlimi odlondlobalayo

OWAYENGAKUTHANDI futhi ekubukela phansi ukulima usephila ngakho kanti uzibona enekusasa eliqhakazile kule mboni angene kuyo ngenxa yokugqugquzelwa abazali bakhe.

Umsunguli weLittle Barnet Farm uMnu uTshilidzi Matshidzula wase-Alexandria, ngaseGqeberha, eNtshonalanga Kapa. Izithombe: Zithunyelwe

Umfuyi osemncane uthuthukisa intsha ngamakhono

WUTHOBILE ZWANE  UMFUYI osemncane waseMpumalanga Kapa oyikazela iizindondo zolimo ucija abalimi bangomuso ukuqinisekisa ukuthi ayikho intsha engasebenzi.  UMnu uTshilidzi Matshidzula, oneminyaka ewu-35, usezuze inqwaba yezindondo zolimo kanti ufuna ukudlulisela ulwazi … Read More

UMnu uKarabo Mulungwa, umsunguli weMK Trading and Projects, ipulazi eliseShayandima, eThohoyandou, eLimpopo. Izithombe: Zithunyelwe

Uhlakulela impumelelo nokukhuthaza isizukulwane sangomuso sabalimi

UKULIMA nokufuya uthi akulona nje ibhizinisi kuyena kodwa wakhula kuyindlela yokuphila. Uthi ukukhula nomndeni wakhe eShayandima, eThohoyandou, eLimpopo, wayezungezwe imfuyo, izithelo namasimu ombila, okwamenza wabanothando lokulima.

I-Organic and Natural Products Expo, exhaswe yiStandard Bank, iyisigcawu esilekelela osomabhizinisi abancane abenza imikhiqizo yemvelo ukuthi bathole amathuba okuhweba nakwamanye amazwe. Izithombe: Zithunyelwe

Imikhiqizo yemvelo izosimamisa umnotho – umxhasi 

BANINGI abantu abafuna imikhiqizo yemvelo engahlanganiswe nazithako abangazi ukuthi zenziwe kanjani. Loku kuvula amathuba amasha okusimamisa amabhizinisi aseNingizimu Afrika. 

UNksz uNosipho Vuthela, umsunguli weBright Rainbow Enterprise, inkampani yezolimo yaseMount Fletcher, eMpumalanga Kapa. Izithombe: Zithunyelwe

Ezolimo zigijima emithanjeni yakhe seloku kwathi nhlo

EKHULA eMount Fletcher, eMpumalanga Kapa, intokazi yendawo yasheshe yazi ukuthi idalelwe ukulima.

UMnu uDimpho Xaba, umsunguli weThusanang Bakone yaseBrits, eNorth West. Izithombe: Zithunyelwe

Umfuyi osemncane utshala izindlela zesimanje embonini

UMnu uDimpho Xaba, umsunguli weThusanang Bakone yaseBrits, eNorth West. Izithombe: Zithunyelwe

Ukubheduka kwamatele kuzophazamisa uhwebo – ingqapheli

UMA kubheduka amatele ezweni loku kubikwa enhlanganweni eyengamele impilo yezilwane iWorld Organization for Animal Health (iWOAH). Ukubheduka kwawo kuzophazamisa uhwebo njengoba amazwe ahwebelana nezwe okusuke kubheduke amatele kulona angamisa inyama evela kulelo zwe elinalesi sifo.

UNksz uThandi Dlamini, umnikazi weThandi's Fresh Produce yaseClairwood, eThekwini, KwaZulu-Natali, edayisa amaveji nezithelo kwekhethelo. Izithombe: Zithunyelwe

Onothando lwebhizinisi unemakethe yakhe engqangqayo

USEBENZISE ulwazi nothando analo ngezithelo namaveji ukuzivulela ibhizinisi elidayisela abadayisa emigwaqweni yaseThekwini nezitolo zokudlela nezidayisa igrosa.

Ungqongqoshe womNyango wezoLimo KwaZulu-Natali uNkk uThembeni kaMadlopha Mthethwa ehola umkhankaso wokunqanda ukubhebhetheka kwamatele. Isithombe: Sithunyelwe

UmNyango wezoLimo eKZN uqinisa umkhankaso wokunqanda amatele

UKUNQANDA ukubhebhetheka kwamatele umNyango wezoLimo KwaZulu-Natali usuthule umkhankaso wokujova izinkomo. 

UNksz uLeemo Atumane, umnikazi we-Indalo Fresh Market yase-Etwatwa, eBenoni, eGauteng, edayisa amaveji nezithelo. Isithombe: Sithunyelwe

Owayengeneme emsebenzini usewumnikazi wemakethe engqangqayo

AKUVAMILE ukuthi abantu bashiye umsebenzi ukuyoqalela ibhizinisi kodwa intokazi yasEtwatwa, eBenoni, eGauteng, eyayinganeme futhi eyayihlala ivalekile, yashiya umsebenzi yavula isitolo samaveji nezithelo.

UNksz uSphindile Xulu, umnikazi we-AgriGlam Farm, yaseNgonyameni, ngaseMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali. uletha ushintsho emphakathini. Izithombe: Zithunyelwe

Umlimi osemncane ufisa ukulima ku‘dlise’ entsheni

INTOKAZI yaseNgonyameni, ngaseMlaza, eningizimu yaseThekwini, KwaZulu-Natali, yabona ukuthi emphakathini ehlala kuwona imisebenzi iyindlala futhi abantu baswela ukudla nsuku zonke. Yalibona kanjalo ithuba lokwenza umehluko ngokulimela umphakathi amaveji.

UNksz u-Alice Letata, umnikazi weLetata Vegetables and Pig Production yaseButha-Buthe, eLesotho. Izithombe: Zithunyelwe

Umlimi osemncane ushintsha ukulima kwelakubo

EDOLOBHENI elincane laseLesotho, iButha-BUthe, intokazi eneminyaka ewu-24 iwubufakazi bokuthi ukulima akukona nje okwabantu abadala bodwa. Iwumlimi ozifundisayo owabanothando lokulima esemncane ngenxa yokukhulela emndenini owawuthanda ezolimo.

Abanikazi beQandalami uNksz uSilondiwe Nxumalo noNksz uNtwenhle Linda, efuya izinkukhu zenyama nezamaqanda yaseMangethe, eMandeni, oGwini oluseNyakatho yeKwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Baqeda ububha emphakathini ngezinkukhu

IZINTOKAZI ezimbili zasoGwini oluseNyakatho yeKwaZulu-Natali zinebhizinisi lezinkukhu zenyama nezamaqanda ezifisa ngalo ukunika umphakathi ithuba lokuqala ukudayisa amaqanda abekwe yizinkukhu zabo.

UNksz uMems Ramaila, umnikazi we-BeeAfrican ekhiqiza uju eBrits, eNorth West. Izithombe: Zithunyelwe

Ukufuya izinyosi kwaziletha kuyena ezihlalele 

UKUVAKASHELWA yiqulu lezinyosi akuzange kumsabise uNksz uMems Ramaila onepulazi eBrits, eNorth West.

UMnu uNthakgwane Makuwa, umnikazi weMakuwa Latest, ipulazi lamaveji eliseDennilton, eLimpopo. Izithombe: Zithunyelwe

Umlimi omncane uhamba endimeni eyaklanywa wumsunguli wepulazi

EDOLOBHENI iDennilton, eLimpopo, kunepulazi elibhekane nezinselelo eziningi kodwa manje eselichuma njengoba likhula ngamandla unyaka nonyaka. IMakuwa JJ Farming, kodwa esibizwa ngeMakuwa Latest, yipulazi elingamahekthare awu-40 kanti liyifa elashiwa wumsunguli walo uMnu uJJ Makuwa ongasekho.

Podcasts

Inqolobane