UNksz uSinenhlanhla Mkhize, umsunguli weSne Travel Agency yaseMzingazi, eMpangeni, KwaZulu-Natali, evakashisa abantu. Izithombe: Zithunyelwe

Uthando lwemvelo lumenze wasungula ibhizinisi elivuselela abantu ngohambo

WUTHOBILE ZWANE

UKUTHANDA imvelo nokubona indlela uhambo olungavuselela umzimba womuntu lupholise ikhanda kwenze uNksz uSinenhlanhla Mkhize wasungula ibhizinisi lezokuvakasha elihlukile.

Lo msunguli weSne Travel Agency yaseMzingazi, eMpangeni, KwaZulu-Natali, uthi kuye ukuvakasha akugcini ngokubayiyinto yokuvakashela izindawo ezintsha kodwa kuyithuba lokuqeda isithukuthezi sempilo egcwele ingcindezi.

Le ntokazi, eneminyaka ewu-36 neyazalelwa eMpangeni yakhulela eMsinga, ithi yakhula ithanda izintaba, izimpophoma, ulwandle nokuphuma kwelanga, okuyizinto eziyilethela ukuthula emoyeni. Yilolu thando olwaholela ekutheni ngo-2016 isungule iSne Travel Agency.

Uthi wabona abantu abaningi bekhahlanyezwa yingcindezi, izinkinga zokuphila nosizi, wase efisa ukubakhela indawo yokuphumula, noma kungaba okwesikhashana. “Asigcini ngokuyisa abantu ezindaweni ezinhle. Sihlela uhambo olusiza umuntu ehlise umoya, avuseleleke emzimbeni nasengqondweni,” kusho yena.

Le nkampani ihlela uhambo oluya ezindaweni ezihlukene, ihlelele izivakashi uhambo zibone ubuhle bemvelo nezinhlelo zokuzinakekela.

Izivakashi zithakasela uhambo oluhlelwe yiSne Travel

FUNDA NALAPHA:  https://www.umbele.co.za/2025/03/24/ukufunda-kuyinsika-yebhizinisi-lokuvakasha-elihlukile/

I-Sne Travel isebenzisana nabahlengikazi baseMedical Healing Lounge, abasiza izivakashi ngezinto ezithinta ukuphila kahle ngesikhathi zisohambweni. Yiloku okuyenza ihluke kwezinye izinkampani zezokuvakasha.

Nokho uthi ukuqala ibhizinisi bekungelula. Ukuswela imali yokulikhulisa, ukulikhangisa nokwenza abantu balithembe ngezinye zezinselelo ibhizinisi elike labhekana nazo, ikakhulu isidingo sokuchazela amakhasimende ukuthi uhambo alugcini ngokuvakasha kuphela.

Ngo-Okthoba, le nkampani ihlela uhambo lwezinsuku ezine nobusuku obuthathu oluhlanganisa izindawo zaseMpumalanga, eKZN naseNtshonalanga Kapa.

Amanani ohambo aqala kuR3 500 kuya kuR12 850 umuntu emunye, kuye ngendawo ayikhethile. Kule mali kubalwa indawo yokulala, ukudla nezinto ezenziwa ohambweni.

Amakhasimende eSne Trave Agency ezizwisa ngama-quad bike eholidini

UNksz uMkhize uthi kuyena impumelelo yebhizinisi akuyona imali eliyenzayo kuphela kodwa nesimo amakhasimende abuyela emuva ekusona ngemva kokuphathwa yibona. “Uma umuntu engitshela ukuthi ubuye esezizwa ephila, ekhululekile noma esebona impilo ngenye indlela, loko kusho lukhulu kimi,” kusho yena.

Ululeka abafuna ukuqala ibhizinisi ngokuthi kubalulekile ukuqala ngenhloso ecacile, hhayi ukubheka imali kuphela. Uthi umuntu kufanele aqale ngakuzwa ngaphakathi, aphikelele noma kunzima, abeke abantu phambili.

Isifiso sakhe wukubona iSne Travel ikhula ibangenye yezinkampani zezokuvakasha ezigxile nasekuphileni kahle ezivelele ezweni.

Ngokuhamba kwesikhathi ufisa ukubanezinhlelo zokuphumula nyanga zonke ezifundazweni zonke, asebenzisane nezinkampani nezikole ekuhleleni uhambo lokuphucula impilo yabantu nezinhlelo zezinkampani zokuqinisa ubudlelwano kwizisebenzi.

Facebook: U Sne Travels
Instagram: @Sne Travel Agency
TikTok: Sne Travel Agency

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page