Isizohlale ivikelekile imali ebhange ngenxa yomshwalense omusha
WUSLINDILE KHANYILE
ISIZOVIKELEKA kangcono imali yabantu ababeka imali yabo emabhange abhaliswe ngokusemthethweni eNingizimu Afrika njengoba sekwethulwe isikhwama somshwalense esizobhekelela lokhu.
Lesi sikhwama singaphansi kweCorporation for Deposit Insurance Scheme (iCODI), inkampani entsha yeBhange lMbuso eqale ukusebenza ngo-Ephreli.
Isikhulu esiphezulu seCODI uNks uSabihah Mohamed sithe bavikela abantu nezinkampani okungezona ezemali abalondoloze imali emabhange kuma-akhawunti okuthiwa ngama-savings, cheque nama-fixed deposit.
UNks uMahomed ubesethimbeni leBhange loMbuso ebelihambele eThekwini, KwaZulu-Natali, kuleli sonto lapho bebexoxisana khona nesigcawu somphakathi i-Talk to the SARB Forum ngesimo somnotho nokulindelekile emnothweni.
“Inhloso enkulu wukuvikela imali abantu abasuke beyibeke ebhange uma kwenzeka ibhange liwa. Wumshwalense lona okhokhela umuntu kuze kufinyelele kuR100 000 kuye nokuthi ubenamalini ebhange,” kusho yena.
Yize lesi sikhwama siqale ukusebenza ngo-Ephreli kodwa lona wumsebenzi owaqala ngo-2008/09 emva kokuwa komnotho emhlabeni okwabangwa wukuthi amabhange aseMelika ayeboleke abantu imali kungafanele.
“Yize umnotho waseNingizimu Afrika ungathintekanga kakhulu ngenxa yokuthi
vele uhlelwe kahle kodwa kusukela ngaleso sikhathi kwaqala izingxoxo zokuthi yini enye engenziwa ukuqinisa imboni nezinkampani okuthiwa ‘zinkulu kakhulu ukuthi zingawa’. Emva kwaloko, kwenziwe ucwaningo, kwaboniswana nomphakathi, kwachitshiyelwa umthetho ukuze yonke into ibhalwe phansi futhi icaciswe kahle,” kwengeza uNks uMahomed.
Lesi sikhwama somshwalense sikhokhelwa ngamabhange kanti nalo iBhange loMbuso lifaka isandla. Akukhathaleki ukuthi ibhange lisha noma lidala, inqobo nje uma libhaliswe ngokusemthethweni, ababeke imali kulona bazovikelwa.
UNks uMahomed uthe nokho abantu kufanele bazi ukuthi ngeke bakhokhelwe uR100 000 uma imali abebeyibekile ibingaphansi kwaloko kanti nokungenzeka ibhange liwe benemali engaphezu kukaR100 000 ngeke bakhokhelwe engaphezu kwalena enqunywe wumthetho.
Uthe kumqoka futhi ukuthi abantu bazi ukuthi akuwona umshwalense ovikela imali abayibolekayo emabhange.
“Akusiwo umsebenzi wethu ukululeka abantu ngezimali kodwa singasho kubantu ukuthi kubalulekile ukuqinisekisa ukuthi imininingwane yabo ihlale isesimweni emabhange nokuthi abantu bezitokfela baqinisekise ukuthi imali abayifaki kwi-akhawunti yomuntu oyedwa kunaloko kuhle bavule i-akhawunti yestokfela ngoba yiyona ndlela yokuvikela imali yabo ngoba umshwalense uvikela imali yomuntu i-akhawunti ebiza yena,” kusho uNks uMahomed.
Uthe yize abantu bebehlale becabanga ukuthi nakanjani imali yabo ivikelekile emabhange asemthethweni kodwa empeleni bekungenjalo, iBhange loMbuso nomNyango weziMali bebebheka isimo ngasinye ngaphambi kokunquma ukuthi bangenelela kanjani njengoba kwenzeka ngesikhathi kuwa iVBS Mutual Bank.
Nokho iCODI iyaqinisekisa ukuthi wonke umuntu uvikelekile.