Tag: BUSA
Kuningi amabhizinisi angakwenza nomNyango wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana ukuphucula izinto, kuloba uBusi Mavuso
UMNYANGO wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana unganomphumela omkhulu endaweni abamabhizinisi abasebenza kuyo. Njengoba iKomiti lokuThuthukisa uMnotho nokuHweba ePhalamende lasho ngoJulayi lathi: “Uhulumeni kufanele wenze kubenendawo efanele yokusebenza kwamabhizinisi kodwa futhi kubenemithetho efanele yokuhola indlela okutshalwa ngayo imali emnothweni.”
Kuletha ithemba ukubambisana okusha phakathi kukahulumeni nosomabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso
NGESONTO elidlule kuqale enye indlela entsha yokusebenzisana phakathi kosomabhizinisi nohulumeni. Emhlanganweni obuse-Union Building, izinhlangano zamabhizinisi nezikhulu eziphezulu zezinkampani ezinkulu eNingizimu Afrika zihlangane nomengameli nongqongqoshe abaningi ukubhunga ngecebo eliphuthumayo lokubhekana nezinkinga ezisixakile siyizwe.