Abanye bahlehla nyovane ukucaphuna empeshenini ngenxa yentela – umbiko 

BAWU-28 525 abantu abahoxise izicelo zabo zokucaphuna ezikhwameni zabo zempesheni ngoba bebona ukuthi imali yentela abazoyikhokha yinkulu.

Sebekhokhelwe uR21.4 billion abacaphuna empeshenini yabo – iSars

ABANTU baseNingizimu Afrika abafake izicelo zokucaphuna emalini yabo yempesheni ngenxa yomgomo omusha i-two-pot retirement system sebekhokhelwe uR21.4 billion kusukela uqalile kuze kube manje.

‘UMboweni ufukule umnotho waseNingizimu Afrika’ 

UZOKHUNJULWA ngokuba ngomunye wabaholi ababenesandla esikhulu ekusimamiseni umnotho waseNingizimu, izinhlaka zawo nokubambelela ezimisweni zokukhulula abantu abamnyama uMnu uTito Mboweni, ongasekho emhlabeni. Ubeneminyaka ewu-65.

Ugalagala lomqondisi wemidlalo yobuciko usolwa ngokubaleka noR26 million oyintela

UMDIDIYELI wemidlalo yethelevishini futhi owusomabhizinisi uMnu uDuma Ndlovu usolwa ngokukhwabanisa intela elinganiselwa kuR26 million. Kuleli sonto uvele enkantolo yamacala aqondene namabhizinisi iPalm Ridge Specialised Commercial Crime Court, apho ebhekene khona namacala awu-18.

Ukuba wumengameli womnyango wezimali akusikho ukusinisa amahleza ngokobudlelwano nabalingani bakho, kuloba uJabulani Sikhakhane

UNZIMA umsebenzi kangqongqoshe womNyango weziMali. Kuningi okuncike kuwo: inqubekelaphambili yezwe kwezomnotho, ukusimama kwesimo sezimali zikahulumeni, impumelelo kamengameli kwipolitiki.

I-BLSA iyalila ngokudlula kukaGordhan emhlabeni

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) idabuke kakhulu ngemva kokuzwa ngokudlula emhlabeni kwalo owayewungqongqoshe noqweqwe lukasopolitiki uMnu uPravin Gordhan namhlanje, mhlaka-13 wangoSepthemba.

Amanqampunqampu esonto

I-household affordability index yangoJulayi, okuyinkomba yamanani okudla okumqoka okuwu-44 yamasuphamakethe awu-47 namabhusha awu-32 ezweni, ikhombisa ukuthi ngoJulayi ubhasikidi wokudla ubuwuR5 252,15.

Kunengozi yokubaleka kwamabhizinisi athutha izimpahla, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKUTHUTHA impahla, okungaba ukudla, izingubo zokugqoka nezinye izidingo, kubalulekile ekusebenzeni komnotho wamazwe. Kungafaniswa negazi emzimbeni womuntu. 

UGodongwana uxwayisa ngomphumela wemiholo yezisebenzi zikahulumeni emnothweni wezwe. USLINDILE KHANYILE uyabika

UNGQONGQOSHE wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthi uhulumeni kuzofanele uthole indlela yokonga uR37.4 billion ngo-2023/24 ukuze uvikele umnotho ngenxa yengcindezi edalwa yimali okufanele iholelwe izisebenzi zikahulumeni nosopolitiki. 

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page