UMnu uFundani Gumbi, umsunguli weRelaxation Island, indawo ephilisa abantu ngokunakekela imizimba yabo, yaseThekwini, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Isiqhingi sokuthula nokululama

WU-DARRAN MABUZA

UTHANDO lwezemidlalo nokuchazwa wukwakhiwa komzimba womuntu kuholele ekutheni insizwa yaseThekwini, KwaZulu-Natali, isungule ibhizinisi elihlanganisa ukuphola ekulimaleni nokuphumula.

UMnu uFundani Gumbi, oyi-physiotherapist, usungule iRelaxation Island, indawo ephulukisa abantu ekulimaleni nokubabhucabhuca. Okwenza leli bhizinisi lihluke kwamanye wukuthi lenza izinto ngendlela ephelele uma liphulukisa abantu abalimele ngokugxila ekwakhiweni komzimba womuntu. 

“Ngangiwumgijimi esikoleni kanti nganginothando lokwazi ukuthi umzimba womuntu usebenza kanjani,” kukhumbula yena. Uninalume oyi-physiotherapist, wamsondeza egunjini lomsebenzi lakhe, lapho uGumbi afunda khona ukunyakazisa umzimba, ukujima nokuphulukisa abantu abalimele.

Esenza unyaka wokugcina enyuvesi, uGumbi, oneziqu kwi-physiotherapy, wafikelwa wumqondo wokusungula indawo yokululamisa abantu, athi kuyena akusiwo umsebenzi nje kodwa kuwubizo lokuphilisa abantu.

“UNkulunkulu wathi kufanele ngihlanganise amakhono engiwafundele nomculo ukusiza abantu bakhe ngokwenza uhlelo lapho bephumula khona futhi belapheke ngezindlela ezihlukene,” kusho yena.

I-Relaxation Island yaqala ngokuya emizini yabantu ngoSepthemba wango-2022. Isasasa emukelwa ngalo nokufunwa ubuthaphutha kwenza ukuthi uGumbi agcine esungule indawo, lapho esebenza khona nethimba lakhe ngoJanuwari wango-2023.

“I-Relaxation Island yindawo ephulukisa abantu ngokubavuselela lapho kwenziwa khona i-physiotherapy, ukubhucabhuca abantu ngokubelapha, ukubhucabuca ngogesi, i-acupuncture nama-IV drip,” kusho uGumbi. 

Okwenza iRelaxation Island ihluke kwezinye izindawo zokubhucabhuca wukuthi yona igxile ekusebenzeni ngolwazi lokulapha nokuphulukisa. UGumbi ukholwa wukuthi ulwazi olujulile lokuqonda ukwakhiwa komzimba womuntu, phecelezi i-physiology, nomzimba, i-anatomy, yikhona abagabbe ngakho uma kuqhathaniswa nezimbangi zabo. 

Mayelana nokunye abakwenzayo, uthe: “Sinezigcawu zokuqeqesha, lapho sicija khona izisebenzi zethu ngokwenza umsebenzi nokuphatha kahle amakhasimende ethu,” kusho uGumbi.

I-Relaxion Island inezipesheli zabantu abathandanayo, yenze umcimbi i-The Ultimate Relaxation Experience, umcimbi owenzelwa olwandle ngokuphuma kwelanga, lapho kudlalwa umculo bukhoma futhi kutendwe abantu ngokubabhucabhuca.

Umuntu waseRelaxation Island ekhipha amangwevu ebhucabhuca ikhasimende

I-Relaxation Island izikhangisa ikakhulu ngomlomo nasezinkundleni zokuxhumana.
“Abantu baswele ulwazi ngokuphila kahle futhi abakubeki eqhulwini ukunakekela imizimba yabo, okuyiwona myalezo wethu obalulekile. Sihlose ukushintsha indlela abantu, ikakhulu abamnyama, ababuka ngayo ama-treatment,” kusho yena.

Uma kunemicimbi iRelaxation ibambisana nama-fitness coach, abaqeqeshi be-yoga, abapheki namabhendi omculo, okudala amathuba omsebenzi. 

Ivame ukusebenza nezinkampani ezithile, abaqeqeshi bezemidlalo, o-DJ, amaphoyisa nezikole ukugqugquzela izinto ezithinta impilo.

UGumbi nethimba lakhe bathi ayikho into ethi cosololo kubona edlula ukubona amakhasimende abo eneliswe wumsebenzi wabo nokuthi abancome. 

“Into emnandi ngaphezu kwazo zonke wukubona abantu bekhululekile. Ukunconywa ngamakhasimende ethu kusenze siphilele kona,” kusho uGumbi.

Ngokwezinhlelo zangomuso, uGumbi ufisa ukuthi bagcine benesiqhingi, lapho amakhasimende ayofika khona azitike nangendawo yokuhlala uma ezotendwa. Okunye afisa ukukwenza wukuthi imicimbi ye-The Ultimate Relaxation Experience yenziwe kane ngonyaka.

  • Facebook: Relaxation Islan/Fundani Gumbi
  • Instagram: relax_ationisland/gbbass_Gumbi

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/07/18/udle-ngebhizinisi-elingandile-kubantu-neligxile-kodado/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page