IMenenja yeDolobha uMnu uMusa Mbhele eseThekwini ekhuluma nethimba losomabhizinisi baseLos Angeles (eLA), eMelika, lapho izikhulu zikaMasipala waseThekwini beziyohlwaya khona amathuba ebhizinisi. Isithombe: Sithunyelwe

Osomabhizinisi baseMelika bathembisa ukutshala imali eThekwini

YINTATHELI YOMBELE

NGEMVA kohambo lwezikhulu zikaMasipala waseThekwini oluya eMelika, osomabhizinisi baseLos Angeles, eMelika, bathembisa ukutshala imali eThekwini emikhakheni ehlukene.

Lesi sethembise basenze ngemva kwesithangami somengameli bezinkampani nezikhulu eziphezulu ezingaphezu kuka-30 ebezihlangene nethimba eliholwa wusihlalo weKomiti lokuThuthukisa uMnotho nokuHlela uMnu uThembo Ntuli neMenenja yeDolobha uMnu uMusa Mbhele nenHloko yemiSebenzi eShintsha iziNto uMnu uGeorge Mohlakoana esidlweni sakusihlwa.  

Osomabhizinisi baseLA nabaholi baseThekwini bavumelene ukubambisana emisebenzini eminingi kwezokwakha, ezempilo, ezobuchwepheshe obusamuntu, phecelezi i-artificial intelligence, nezobuciko

“Kubewumhlangano wamabhizinisi obeyimpumelelo kakhulu, njengoba sihlangane nabanye bosomabhizinisi abavelele eMelika. Osomabhizinisi baseLos Angeles bamagange ukutshala imali eThekwini nokuthi babonakale edolobheni lethu. Siwuhulumeni sizokwenza konke okusemandleni ukubeseka.”

UMbhele uthe lo mhlangano wenze ukuthi izikhulu zikamasipala nosomabhizinisi baseLos Angeles bacobelelana ngamaqhinga futhi baklame uhlelo lokusebenza. 

“Izethulo ezenziwe lapha yizo kanye esizizele eLos Angeles. Sizobanezinye izingxoxo nabaholi bamabhizinisi ngenkathi siqhubeka nokufinyelela kwezinye izindawo emhlabeni nase-Afrika ukuheha abatshalimali,” kusho yena.

Leli thimba laseThekwini liseMelika embhidlangweni wokuheha abatshalimali nokwenza idolobha lisimama ngokomnotho.

Eminye imikhakha idolobha elibheke amathuba ebhizinisi kuyona owokuhweba nokutshala imali, ukuqhakambisa ezokuvakasha, imihlangano, izingqungquthela nemicimbi; ezobuciko; amabhizinisi, imfundo nokuqeqesha namathuba okudayisa isivuno nemikhiqizo yezempilo phesheya.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/06/24/abasethekwini-bashela-abatshalimali-basemelika/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page