I-Toyota itshale uR10,4 billion ukukhiqiza iHilux entsha eNingizimu Afrika

NAKUBA inkampani ekhiqiza izimoto iToyota South Africa Motors itshale izigidigidi zamarandi ukukhiqiza iveni layo elithandwayo iToyota Hilux eNingizimu Afrika kodwa ithi kufanele kubenemithetho nengqalasizinda ezolekelela ukukhula kwemboni yezimoto.

Indlela iPublic Investment Corporation eyakhiwe ngayo iyenza ibhodwe eliconsayo, kuloba uJabulani Sikhakhane

I-PUBLIC Investment Corporation (iPIC), inkampani kahulumeni ephatha izimali zesikhwama sempesheni yezisebenzi zikahulumeni nezinye izimali ezinjenge-UIF, ngeke ibenokuthula uma kungaxazululwa izinto ezimbili.

Izinkampani ezizimele sezizokwazi ukuzithengela umjovo wamatele 

IZINHLAKA ezisembonini yolimo zithi sekuzoshesha kakhulu ukujovela izinkomo amatele ngemva kokuthi ungqongqoshe omusha womNyango wezoLimo uMnu uWillie Aucamp evumele izinkampani ezinamandla ukuzithengela imijovo. 

Luya ePhalamende olukaR13,5 billion womasipala abangenzi kahle 

USIHLALO wekomiti lokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uDkt uZweli Mkhize umemezele ukuthi kuzobanomhlangano ophuthumayo wokubhunga ngemali egodlwe wumGcinimafa ewuR13,5 billion yomasipala abahluleka ukuphatha imali.

Asibajezisi omasipala kodwa siyabalungisa – umGcinimafa

KUYE ngamagama enkehli njengoba umNyango weziMali umemezele ukuthi uzogodla izibonelelo eziwuR13,5 billion zomasipala abawu-69 ngenxa yokungaphathi kahle kwabo imali nokuhluleka ukulungisa izinto akade bekhuzwa ngazo.

Asimile Siyaqhuba: iminyaka emihlanu yokwenza izindawo ezihlanzekile eThekwini

UMASIPALA waseThekwini uyaqhubeka nokuqhakambisa umsebenzi wawo weminyaka emihlanu wokuhlinzeka umphakathi ngezidingo ngokuqhakambisa umsebenzi woPhiko lokuQoqa Izibi ekwezeni idolobha elihlanzekile, eliphephile nelisimeme.

Ukuphatha ngobuqotho kusho ukulandela umgomo okuvunyelenwe ngawo, kuloba uBusi Mavuso

KUTHUSILE ngesonto elidlule ukuzwa usihlalo webhodi le-Eskom uMnu uMteto Nyati esola iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) neBusiness Unity South Africa (iBusa) ngokugxambukela okufana nosopolitiki, loku esineminyaka sikugxeka. Uqale washo ezinkundleni zokuxhumana ngaphambi kokusho emsakazweni.

Sesifikile isikhathi sokwenza izinto zentela – iSouth African Revenue Service

MINYAKA yonke ukuqala kukaJulayi kusho isikhathi sokubika ngentela kwabakhokhintela eNingizimu Afrika. I-South African Revenue Service (iSars) isimemezele ukuthi sesifikile isikhathi sokubika ngentela nokubuyelwa yimali phecelezi i-filing season.

Asimile Siyaqhuba: Iminyaka emihlanu yokwakha ubuxhakaxhaka bezokuthutha besimanje nobuphephile

EMINYAKENI emihlanu edlule, i-eThekwini Transport Authority (i-ETA) yenze umsebenzi onqala ekuguquleni isimo sezokuthutha kuMasipala waseThekwini ngokutshala kwingqalasizinda, izinto ezintsha, izindlela eziphephile nokuhlela ezokuhamba eziphucukile.

Isabambe ngakho ngokwamanani ezimpahla kodwa…

UKWEHLA kwamandla emali i-Consumer Price Inflation kufinyelele ku-3.0% ngoDisemba kanti bese kungokwesibili izinyanga zilandelana njengoba ngoNovemba kwakube ku-2.9%, kusuka ku-2.8% ngo-Okthoba.

Uhulumeni nezinkampani zezimayini abasukumele eyemigodi eyasala ikhamisile, kuloba uJabulani Sikhakhane

UNZIMA umsebenzi okudingeka wenziwe yiNingizimu Afrika ukukhuculula ukusebenza kwamabhizinisi amancane, ikakhulu angabhalisiwe ngokusemthethweni.

Ukusebenzisana kwamabhizinisi nohulumeni kuyisibonelo esihle emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso

UMHLANGANO omuhle wamabhizinisi nohulumeni usugqugquzele umgqigqo wokuphuthumisa izinguquko ezinqala.

Lizovalwa Ithala eseliphelelwe wushwele wesikhashana 

AZOVALWA ama-akhawunti acela ku-257 000 abantu abasebenzisa Ithala emva kokuthi uphiko lweBhange loMbuso elingamele ukusebenza kwamabhange iPrudential Authority selufake isicelo eNkantolo ePhakeme eMgungundlovu sokuvala ukusebenza kwaleli bhange elingaphansi kukahulumeni waKwaZulu-Natali.  

INingizimu Afrika iya kwiWEF ishayela phezulu

ITHIMBA elizomela iNingizimu Afrika kwiWorld Economic Forum (iWEF) lithi kuningi okuhle elizokwazi ukukhangisa izwe ngakho kubatshalimali eDavos, eSwitzerland, ngesonto elizayo. Nokho livumile ukuthi ziseningi izinselelo ezidinga ukulungiswa ezweni.

‘Zinkonkoshele uma unemali; iyasanganisa’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noFortune Nkwanyana, umbhali wezincwadi, okubalwa kuzona i-Rise and Grind ne-Think Excellence, umphathi wohlelo emicimbini, isikhulumi sezinkulumo ezakhayo, usomabhizinisi. Uke waba wumsakazi kwiGagasi FM ethula i-Rise and Grind ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo 4 kuya ku-6 ekuseni

Wunyaka wokuthi iNingizimu Afrika ikhombise amangwevu emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso

LONA wunyaka onezinto eziningi esizibhekile emhlabeni kodwa engikholwa wukuthi uzoba muhle eNingizimu Afrika. Sinethuba lokwakhela phezu kwezinguquko ezenziwe eminyakeni embalwa edlule.

Umlimi uqhubeka endimeni eyaklanywa wuyisemkhulu

ESIGODINI esincane iMoremela, eHlabekisa, eMpumalanga, ukulima emndenini sekuyindlela yokuphila amashumi eminyaka. Kwaqala ngomkhulu owayesebenza umhlaba, manje intokazi iqhuba lelo fa ngokuziqhenya.

Ukungafundi, ukungaqeqeshwa nokungasebenzi kuyingozi ezizukulwaneni, kuloba uJabulani Sikhakhane

ISIBALO sabantu abangondingasithebeni abaneminyaka ephakathi kwewu-15 newu-24 siphezulu kakhulu eNingizimu Afrika. Lapha sikhuluma ngabantu abangasebenzi, abangekho esikoleni noma ezikhungweni zemfundo ephakeme. Babizwa ngamaNEET, ukunqamulela ukuthi not in education, employment or training.

‘Abantu abangadidiseki uma bebona imali, abayonge’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSandile Dlamini, umlingisi wemidlalo yethelevishini, umculi, umshayisiginci nomabhizinisi. Emidlalweni yethelevishini namafilimu aseke wadlala kuwona kubalwa i-Sarafina, i-Stokvel Season 3, Imbewu: The Seed, edlala indawo kaPhakade ne-Sibongile & The Dlaminis Season 1 noSeason 2

Kuningi okufanele kusijabulise njengoba sizohlaba ikhefu, kuloba uBusi Mavuso

IMIZAMO emandla yosomabhizinisi nohulumeni yokusebenzisana isiqala ukuthela izithelo. Kubukeka sengathi unyaka sizowuphetha sekuphele amakota amathathu ugesi ungakaze ucinywe. 

Uqhakazisa umhlaba ngamaveji nezithelo okungavamile

EMASIMINI avundile budebuduze naseMangaung, eBloemfontein, eFree State, ipulazi elincane livunguza ngamandla afana nezitshalo ezikhula kulona. Umlimi osemcane oneminyaka ewu-20 uhlakulela amaveji angavamile nezithelo, kwesinye isikhathi okuhlukile kokwejwayelekile ngemibala.

Uqinisa isandla ngezimali uhulumeni waseKZN

UHULUMENI waKwaZulu-Natali uzoqinisa isandla endleleni imali esetshenziswa ngayo ngenhloso yokwandisa imali ezoya ezinhlelweni ezinakekela abampofu nezikhulisa umnotho.

Kuningi okubhekwayo nokunesandla endleleni izwe elibhekwa ngama-ratings agency ngayo,  kuloba uJabulani Sikhakhane

ZINE izinto ezibalulekile ezicutshungulwa kabanzi uma kubhekwa indlela uhulumeni wezwe aphethe ngayo umnotho walo nesimo sezimali. Lo msebenzi wenziwa yizinkampani ezibizwa ngokuthi ngama-ratings agency. 

Abanye bahlehla nyovane ukucaphuna empeshenini ngenxa yentela – umbiko 

BAWU-28 525 abantu abahoxise izicelo zabo zokucaphuna ezikhwameni zabo zempesheni ngoba bebona ukuthi imali yentela abazoyikhokha yinkulu.

Wenza impilo ibelula kwabanqena ukuwasha amateki 

UKUBONA izinkinga ezibhekene nabantu ngokuhlanza amateki abo kwenza insizwa yaseThekwini, KwaZulu-Natali, yasungula ibhizinisi elibathula umthwalo emahlombe. Babodwa abanqena ukuwasha amateki, abanye bavika ukuntshontshelwa amateki anekiwe.

Kunxuswa abathengi bangadidiswa wukwehla kwemalimboleko 

KUSUKELA namhlanje inzalo iBhange loMbuso eliyikhokhisa amabhange isizoba wu-7.75% njengoba seliphinde lehlisa imalimboleko ngo-25 basis points. Loku kusho ukuthi inzalo amabhange asezoyikhokhisa abathengi isizoba wu-11.25%.

Abanikazi bamaspaza bayakuqonda okufunwa wuhulumeni kodwa kuzobanzima

ABANIKAZI bamaspaza basematheni kulezi zinsuku eNingizimu Afrika ngenxa yezigameko zokufa kwezingane osekuvele ukuthi zidle ukudla obunobuthi ezikuthenge ezitodlwana zabo.

Ukusebenza kahle komnotho kumqoka uma uhulumeni uzoboleka imali, kuloba uJabulani Sikhakhane

UHULUMENI waseNingizimu Afrika uzoboleka uR424.7 billion ezimakethe zemali kuleli zwe naphesheya. Loku kuzosho ukuthi ekupheleni konyaka wezimali wango-2024/25 uhulumeni uzobe ukweleta uR5.6 trillion, isamba esilinganiselwa ku-75% wengxenye yomkhiqizo womnotho wezwe.

Ziningi izimpawu zezinto ezinhle ezweni, nokho iGauteng isihlehlisela emuva, kuloba uBusi Mavuso

UKUBUYEKEZWA kwendawo okukleliswe kuyo iNingizimu Afrika yiS&P Global njengoba isibekwe lapho kukleliswa khona amazwe angeyona ingozi uma ebolekwa imali yigxathu lokuqala lokuthi sibuyele endaweni enhle eyasiphunyuka ekuqaleni kokubheduka kwe-COVID-19.

Abantu baseNingizimu Afrika banevuso nge-Black Friday

NGEMVA kweminyaka eyishumi, i-Black Friday ingenisile eNingizimu Afrika kodwa isishintshile. Ngemva kokwehla kwesasasa kubantu abaya ezinxaxhatheleni zezitolo ngesikhathi sobhubhane i-COVID-19, ikhuze ibuya ngamandla ngo-2023.

Umfuyi wesifazane ulandela igama lakhe lobuBhunu

INTOKAZI yaseGanyesa, eNorth West, ekhulele emndenini ofuyayo ilandela isibongo sayo ngebhizinisi layo lokufuya futhi ehamba ezinyathelweni zikamkhulu wayo nonina, bobabili ababenothando lokulima.

Uqinisa idolo umbono ocacile ngokuguqula imboni yezokuthutha, kuloba uBusi Mavuso

UNGQONGQOSHE womNyango wezokuThutha uNks uBarbara Creecy uselethe umfutho omusha emnyangweni oletha ithemba kubantu bamabhizinisi ukuthi singaphumelela ekubhekaneni nenkinga yezokuthutha.

Izitok’fela zisahamba phambili eNingizimu Afrika – ucwaningo 

IZITOK’FELA zisaqhubeka nokuba ngenye yezindlela ezihamba phambili ezigqugquzela abantu ukuthi bonge imali eNingizimu Afrika kodwa isekhona inselelo yokuqinisekisa ukuthi imali yazo iphathwa ngendlela efanele ukuze zifeze izinhloso zezisuke zisungulelwe kona.

Baphendule usizi lwayibhizinisi lezicathulo eziyinguganaboya

NGEMVA kokudabuka kwezinhliziyo ngoba beshonelwe yingane yabo, indoda nomkayo baseThekwini bathola indlela engajwayelekile yokuzilapha ngokusebenzisa isikhumba ukusungula ibhizinisi lezicathulo.

UMogajane uyeke izikhundla ngenxa yokunukwa

USULILE esikhundleni sakhe sokubawusihlalo wesikhwama sempesheni sezisebenzi zikahulumeni iGovernment Employees’ Pension Fund uMnu uDondo Mogajane kuleli sonto.

I-Africa Maritime Investment Indaba ihlose ukuguqula umnotho wase-Afrika 

I-AFRICA Maritime Investment Indaba ivule iminyango kuthangi eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, KwaZulu-Natali.

Ubuchwepheshe bokukhokha obusha obuzofukula amabhizinisi amancane

UBUCHWEPHESHE obusha bokukhokhela izimpahla obethulwe yiStandard Bank abugcini nje ngokusiza osomabhizinisi abancane babenendlela elula yokukhokhisa amakhasimende kodwa buhlose nokubasiza nangezinye izinto ezithinta ukuphatha ibhizinisi.

Mkhulu umonakalo owenzeka ezinganeni ezikhula zihlupheka, kuloba uJabulani Sikhakhane

UMBIKO weNelson Mandela Children’s Fund ngesimo sokuhlupheka kwezingane zaseNingizimu Afrika uyisikhumbuzo sokuthi leli zwe linemali yokumelana nezidingo nezinkinga zalo. Ingqinamba wukuthi imali ekhona ayisetshenziswa ngendlela. Ngamanye amazwi, indlela esetshenziswa ngayo ayinamphumela omuhle nobonakalayo.

Izikhulu eziphezulu zinengcindezi yokuqinisekisa ukuthi amabhizinisi ayasimama, kuloba uBusi Mavuso 

INTO egqame nge-Africa CEO Outlook Report yango-2024, umbiko osanda kushicilelwa yiKPMG, wukuthi izikhulu eziphezulu zasemazweni ase-Afrika aseningizimu azinalo ithemba elitheni ngesimo somnotho womhlaba kulo nyaka uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule.

Umlimi osemusha uhlakulela impumelelo 

ESIGODINI esithulekile iMhlwazini, eBergville, KwaZulu-Natali, owesilisa osemncane uqala usuku ngokuhlola amasimu akhe agcwele isipinashi, amaklabishi, utamatisi namazambane.

Kuzoliwa nemicikilisho kahulumeni ekhinyabeza amabhizinisi asafufusa

UHULUMENI usumemezele olunye uhlelo ohlose ngalo ukuphucula indawo okusebenzela kuyo osomabhizinisi abancane. Ngesikhathi wethula iSabelomali saphakathi nonyaka wezimali i-Medium-Term Budget Policy Statement (i-MTBPS), umNyango weziMali uthe kuzoqeqeshwa abantu komasipala.

‘Yize sinezinto ezinqindayo kodwa iSabelomali sibeka eqhulwini izinto ezibalulekile’

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) iyamncoma uNgqongqoshe weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ngokukhipha iSabelomali esifanele esitshengisa ukucophelela kodwa futhi siyise imali ezindaweni ezifanele ezizokhulisa umnotho ngokuhamba kwesikhathi.

Umnotho ngeke usakhula ngendlela ebilindelwe

UMNOTHO waseNingizimu Afrika sekulindeleke ukuthi ukhule ngo-1.1% kulo nyaka, esikhundleni sika-1.3% owawubikezelwe kwiSabelomali ngoFebhuwari kanti nemali esizongeniswa wuhulumeni kulo nyaka wezimali u-2024/25 sekulindeleke ukuthi inciphe ngoR17.7 billion. Loku sekunyuse nemali uhulumeni ozoshoda ngayo ngoR34.7bn.

Kuntwela ezansi ngokuphuma kwezwe kwi-grey list

ININGIZIMU Afrika isikhathule indima enkulu ekulungiseni izinto ezabalulwa yiFinancial Action Task Force (iFATF) ngesikhathi iyifaka ohlwini lamazwe athathwa njengangenayo imithetho eqine ngokwanele ukugwema ukushushumbiswa kwemali nokwenza kubelula ukuxhasa abashokobezi, phecelezi i-grey listing.

Uletha ukudla kwasesilungwini elokishini ngendawo enesitayela

ULETHELA abantu izibiliboco zokudla kwesilungu wazifaka ntshi elokishini ngokuvula indawo yokudla ngaphandle kwedepho yamabhasi yaseMlaza, eningizimu yeTheku, KwaZulu-Natali.

Umgcinimafa uyoshela abatshalimali phesheya

UMNYANGO weziMali usujube i-Absa neJP Morgan ukuthi bahlele izingxoxo nabatshalimali bakwamanye amazwe ngemva kokuthula iSabelomali saphakathi nonyaka wezimali i-Medium-Term Budget Policy Statement (iMTBPS).

Kubukeka bezohleka bodwa abathengi ngoKhisimusi

ZIYAQINA izimpawu zokuthi abantu baseNingizimu Afrika bazoba noKhisimusi ongconywana kulo nyaka, njengoba ephinde anyuka amathemba okuthi iBhange loMbuso lizokwehlisa imalimboleko ngenyanga ezayo, okuzobe kungokwesibili kulo nyaka.

Kuzocaca ngesonto elizayo ukuthi uGodongwana uzowusikela umbengo ongakanani owemfundo, kuloba uJabulani Sikhakhane

UNGQONGQOSHE womNyango weziMali uMnu Enoch Godongwana uzokwethula uhlaka lwesabelomali ngesonto elizayo oluzoba ngolukuqala ngaphansi kukahulumeni ophethwe ngokubambisana ngamaqembu epolitiki aholwa yi-ANC.

Kuhle ukubona imboni yezimoto igxile kwikusasa, kuloba uBusi Mavuso

IMBONI yezimoto eNingizimu Afrika ingenye yalezo ezenza okukhulu emnothweni kodwa enganakwa kangako. Kungijabulisile ukubasengqungqutheleni yaminyaka yonke yale mboni eKapa, eNtsonalanga Kapa, ngesonto elidlule lapho bekubhungwa khona ngekusasa.

I-PIC ibheka isikhulu esiphezulu esisha

IBHODI yePublic Investment Corporation (iPIC) isiqalile ukubheka isikhulu esiphezulu esisha esizothatha izintambo kuMnu u-Abel Sithole uma sekuphela inkontileka yakhe ngoJulayi ngonyaka ozayo.

Sebekhokhelwe uR21.4 billion abacaphuna empeshenini yabo – iSars

ABANTU baseNingizimu Afrika abafake izicelo zokucaphuna emalini yabo yempesheni ngenxa yomgomo omusha i-two-pot retirement system sebekhokhelwe uR21.4 billion kusukela uqalile kuze kube manje.

Ezokuvakasha ziphathiswe abantu abanamava

KUQOKWE owayewundunankulu waKwaZulu-Natali uMnu uSbu Ndebele ukuthi abengusihlalo weKZN Tourism and Film Authority esanda kusungulwa.

Umngani wami uMboweni ubekhaliphile, ethembekile, ewumzimb’ oqinile

AKUJWAYELEKILE ukuthi usebenzise la magama amane alandelayo: usozimali, unembeza, iqiniso, ukuthembeka uma ukhuluma ngosopolitiki lapha eNingizimu Afrika nasemhlabeni wonke.

Kufanele siqhubeke nokulungisa izinto ezikhinyabeza ukusimama komnotho, kuloba uBusi Mavuso

IZINTO ezinhle eziqhamuka noHulumeni woBumbano ziyaqhubeka. Ngesonto elidlule kushicilelwe imithetho emisha osekuzosetshenzelwa phezu kwayo ukukhipha ama-visa abasebenzi abanamakhono adingekayo nokulungisa enye yezinto ebeziyingqinamba enkulu emabhizinisini.

Uguqule amaphupho asebunganeni, wawenza ibhizinisi lokulima elichumayo

IZANDLA zentokazi esencane yaseLimpopo zazihlala zikwazi ukuzwa inhlabathi. Kusukela ekukhumbuleni kwayo kokuqala izindawo zasemakhaya ezijulile zaseKgosi, eSekhukhune, lapho ogogo bakhe babevuka ekuseni bambize futhi babendawonye behamba bebheka emhlabeni owudedangendlale.

‘UMboweni ufukule umnotho waseNingizimu Afrika’ 

UZOKHUNJULWA ngokuba ngomunye wabaholi ababenesandla esikhulu ekusimamiseni umnotho waseNingizimu, izinhlaka zawo nokubambelela ezimisweni zokukhulula abantu abamnyama uMnu uTito Mboweni, ongasekho emhlabeni. Ubeneminyaka ewu-65.

Uletha ukudla kwasesilungwini elokishini

WAKHULA engakaze azibone ewumpheki njengoba wayefisa ukuba yi-civil drafter kodwa wathi ekhula waya ngokubuka kakhulu izinhlelo zokupheka kuthelevishini wathatheka kakhulu. Ngebhizinisi lakhe lokudla uzama ukulethela abantu baselokishini abaphuma baye “esilungwini” ukuyokudla.

‘Ziyasiza izigidi eziphakela izingane ezikoleni kodwa…’

YIZE iNingizimu Afrika isikhathule indima enkulu ekunciphiseni indlala ezweni kodwa kusafanele ihlale iqaphile ngoba kunezinkomba zokuthi iyanyuka njengoba izibalo ezisanda kukhishwa yi-General Household Survey zitshengisa ukuthi inyukele ku-15.0% ngo-2023.

Ukuthuthukisa umnotho wamalokishi kudinga osopolitiki abaneso elibuka okhalweni, kuloba uJabulani Sikhakhane

IWUNDABAMLONYENI eyekusasa nentuthuko yamalokishi, ikakhulukazi ngasohlangothini lwezomnotho. Isifana nevesi uJohane 14.

Isikole samnika umqondo webhizinisi yekota enomkhuba

WAYENZA umsebenzi wesikole lapho kwakufanele baqhamuke nohlelo lwebhizinisi kanti kuzogcina kuzaleka ibhizinisi elimsizile ngemva kokudilizwa emsebenzini. Namuhla uNksz uNeliswa Mntungwa usewumnikazi weKota 2 Nice, indawo yokudla okusheshayo yaseMgungundlovu, KwaZulu-Natali.

Bazibophezele ekutshaleni enye imali kwezinye izindlela zokuphehla ugesi 

I-STANDARD Bank Group nenkampani etshala imali kwingqalasizinda iMeridiam basanda kubhunga ngamathuba okutshala imali kwingqalasizinda yokuphehla ugesi ngezinye izindlela ezwenikazi.

Siphelile isikhathi sokukhokha ngokheshi – uKganyago

SEKUFIKE isikhathi sokuthi iNingizimu Afrika ibheke okufanele ikwenze ukuhambisana noshintsho lwangalesi sikhathi ezindleleni okukhokhwa ngazo njengoba sekukhona ama-digital currency ukuze ihlale ikwazi ukuncintisana.

Ugalagala lomqondisi wemidlalo yobuciko usolwa ngokubaleka noR26 million oyintela

UMDIDIYELI wemidlalo yethelevishini futhi owusomabhizinisi uMnu uDuma Ndlovu usolwa ngokukhwabanisa intela elinganiselwa kuR26 million. Kuleli sonto uvele enkantolo yamacala aqondene namabhizinisi iPalm Ridge Specialised Commercial Crime Court, apho ebhekene khona namacala awu-18.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page