Uphokophele ukubayisikhondlakhondla umsikingqephu wasemakhaya
WU-WENDY MANJEYA
UNKSZ uKholiswa Seti ongenisayo kwezamabhizinisi nosanda kuhlonishwa ngendondo emcimbini wemiklomelo yamabhizinisi iSara Baartman District Women Entrepreneurs Awards kade abanezifiso ezinkulu.
UmNyango wokuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya nezoLimo eMpumalanga Kapa awumklomelisanga ngenxa yebhizinisi lakhe lemfashini kuphela kodwa futhi nangenxa yeqhaza alibambile emnothweni waseMakhanda, eMpumalanga Kapa, nasekusunguleni imisebenzi ngemfashini.
Isikhathi awine ngaso uNksz uSeti sihle kakhulu. Uzitholele amakhasimende azifela ngezimpahla zakhe, ubehlela imicimbi yemibukiso eyedwa enzela ukukhangisa ngezimpahla zakhe.
U-R20 000 awuwinile uzomnika imali ayidingayo ukufeza lezi zifiso zakhe. Uwumuntu vele ojwayele ukuhambela imicimbi efana neNational Arts Festival kanti unezimpahla ezihlukene kusukela ezingutsheni zokugqoka ezifaka nezesintu, ezokuzipholela nezingubo zemicimbi efana nama-Matric dance. Izimpahla adlisa ngazo kulezi zinsuku beziqondene kahle nefestiveli esanda kubakhona njengoba bekukhangiswa ngezingubo zasebusika.
Into egqugquzela uNksz uSeti yisifiso sakhe sokuthi iKholi Designs igcine isiyifemu yezimpahla ezodala imisebenzi eMakhanda. “Kancane, kancane, izifiso zami ziyafezeka.
“Ngelinye ilanga, ngifisa ukubanefemu enkulu futhi ngiqashe abantu. Ngifisa ukuvula amathuba omsebenzi,,” kusho yena. Le femu izonyusa umkhiqizo wakhe iwuyise kwelinye izinga njengoba enesifiso sokudayisela izitolo.
Uth lo mklomelo usho ukuthi ibhizinisi lakhe liyakhula. “Ubunzima umncintiswano. Kubhekwa ukuthi uyayikhokha yini intela nokuthi unawo wonke amaphepha afanele, ngakho ukuwina umklomelo omkhulu kusho lukhulu. Kusho lukhulu ngami, ikakhulukazi ngoba abanye abantu ebengincintisana nabo banamapulazi amakhulu. Ngimangele ngesikhathi ngiwina,” kusho uNksz uSeti.
Akaqali uNksz uSeti ukusebenzisana nomnyango. Ngonyaka odlule wasebenzisa imali owamxhasa ngayo ukuthenga umshini omkhulu wokuthunga nomshini ophetha kahle izimpahla emva kokuthungwa, i-overlocker nokumsize ukuqeda umsebenzi ngesikhathi.
Usebenza nabantu abathathu, oyedwa oqashwe ngokugcwele nababili abayitoho.
IKholi Designs isiyibhizinisi elenza inzuzo. “Sengiyakwazi ukulungisa yonke into futhi ngisale nenzuzo ebhange,” usho kanje ngeqholo.
- Lolu daba luqale lashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za