‘Izikhathi zobunzima ziyabekelwa’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNothando Ngcobo, umlingisi wemidlalo yethelevishini. Emidlalweni aseke walingisa kuyona kubalwa Uzalo, Lingashoni nesizini yokuqala ye-Uzulu Nomhlaba
WU-DARRAN MABUZA
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo kodwa hhayi njalo.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngaqala ngineminyaka ewu-18, ngayivula eCapitec Bank.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Wukuthi kubalulekile ukuyibekela isikhathi esinzima imali ngoba iyaphela.
Waqala nini ukusebenza futhi kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ukusebenza ngaqala ngineminyaka ewu-23, ngihola uR6 500.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngakwazi ukuzikhokhela izidingo enganginazo ngaleso sikhathi.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngalungisa igumbi lokugeza likama wami. Loko (kwangiijabulisa kakhulu).
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukuboleka imali ebhange.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Yebo kodwa ngenhlahla ngayithola imali yami.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukwazi ukuhlukanisa phakathi kwezidingo nezifiso nokuthi ngingathengi izinto engingeke ngikwazi ukuzikhokhela.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingathengela uMa ikhaya.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Wukuthi kubalulekile ukukukwazi ukubeka imali uyibekele izikhathi zobunzima.
