Umasipala utshale uR29 million ukuphucula impilo yabadayisi baseMansel
YINTATHELI KAMASIPALA
UMASIPALA waseThekwini uthule isigaba sokuqala seMansel Road Market Development Project ezophucula le makethe ngoR29 million. Inike abadayisi amagumbi okudayisela awu-100 amasha akhiyekayo, anogesi, izindlu ezincane ezizolekelela kakhulu abadayisi abakuChurch Walk.
Usihlalo wekomiti lokuThuthukisa umNotho nokuHlela kuMasipala waseThekwini uMnu uThembo Ntuli uluthakasele lolu hlelo. Uthe: “Umnotho wabahwebi basemgwaqweni ubalulekile kakhulu eThekwini, wondla imindeni eminingi futhi wakha amathuba ebhizinisi edolobheni lethu.
“Ngokuphucula iMansel Road Market sakha uhlelo oluqhubekayo lokulekelela abahwebi basemgwaqweni ngokubenzela ingqalasizinda ethe thuthu, eqinisa ezokuphepha, eletha isithunzi nebenza bahwebe kahle. Ukutshala kwethu imali kule ntuthuko kuzoqinisekisa ukuthi abahwebi basemgwaqweni bayaqhubeka ukubaneqhaza ekukhuleni komnotho,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/03/asimile-siyaqhuba-iminyaka-emihlanu-yokuvuselela-imboni-yabahwebi-bamatafula/
Umhwebi osesebenzele eMansel kusukela isaqala uMnu uMboneni Qwabe uthe: “Ngesikhathi ngifika lapha sasidayisela emabhuthini ezimoto. Ngokuqhubeka kwesikhathi sasebenzela kuma-container kodwa ayebola ngenxa yokuthi siseduze nolwandle. Agcine esengasekho esimweni sokuthi sihwebele kuwona.
“Ukuthola igumbi elinogesi lokusebenza kusho lukhulu kithina. Kusinika indawo ephephile yokusebenzela, kubuyisa nesithunzi sethu. Sesizokwazi ukugxila ekukhuliseni amabhizinisi ethu nokuphucula izinga lomsebenzi wethu,” kusho yena.
Umqondisi wophiko lokuHlela uNks uLihle Phewa uthe isigaba sesibili sizokwengeza izitolo zabahwebi eziwu-86. Uthe: “Uma sesiwuphothulile umsebenzi wokuphucula le makethe kuzobanezitolo zabahwebi abawu-186, kuzodaleka amathuba amaningi ebhizinisi kubahwebi basemgwaqweni. Umsebenzi osuwenziwe usuvule imisebenzi ewu-55 yesikhashana wavulela nosonkontileka abancane ithuba, okusho ukuthi uhlomulisa imiphakathi yendawo.”
Umasipala unike abahwebi abawu-53 izimvume zokusebenza njengoba bekukhona izindawo zokuhweba ebezingenamuntu ebezikhangisiwe.

