Ukungafundi, ukungaqeqeshwa nokungasebenzi kuyingozi ezizukulwaneni, kuloba uJabulani Sikhakhane

ISIBALO sabantu abangondingasithebeni abaneminyaka ephakathi kwewu-15 newu-24 siphezulu kakhulu eNingizimu Afrika. Lapha sikhuluma ngabantu abangasebenzi, abangekho esikoleni noma ezikhungweni zemfundo ephakeme. Babizwa ngamaNEET, ukunqamulela ukuthi not in education, employment or training.

Amanani ezindlu ayisibuko ngesimo sezwe, kuloba uJabulani Sikhakhane

IBALULEKILE intengo yezindlu, okuyitemu esilisebenzisa ukuhlanganisa izindlu namaflethi) ezweni. Iyinkomba enkulu yesimo somnotho wezwe nenhlalonhle nje yesizwe. Ziningi-ke izizathu ezidala ukunyuka nokwehla kwentengo yezindlu.

Kubukeka bezohleka bodwa abathengi ngoKhisimusi

ZIYAQINA izimpawu zokuthi abantu baseNingizimu Afrika bazoba noKhisimusi ongconywana kulo nyaka, njengoba ephinde anyuka amathemba okuthi iBhange loMbuso lizokwehlisa imalimboleko ngenyanga ezayo, okuzobe kungokwesibili kulo nyaka.

‘Ziyasiza izigidi eziphakela izingane ezikoleni kodwa…’

YIZE iNingizimu Afrika isikhathule indima enkulu ekunciphiseni indlala ezweni kodwa kusafanele ihlale iqaphile ngoba kunezinkomba zokuthi iyanyuka njengoba izibalo ezisanda kukhishwa yi-General Household Survey zitshengisa ukuthi inyukele ku-15.0% ngo-2023.

Thokola themba ngokwehla kwemalimboleko!

LINYUKE kakhulu ithemba ngokuthi iBhange loMbuso lizokwehlisa imalimboleko namhlanje njengoba ukukhuphuka kokwehla kwamandla emali kufinyelele ku-4.4% ngo-Agasti, kusuka ku-4.6% ngoJulayi.

Usho lukhulu umbiko weBhange loMbuso ngezindlela zokukhokha kwabantu nabelungu, kuloba uJabulani Sikhakhane 

YINKULU indaba exoxwa wumbiko okhishwe iBhange loMbuso ngesonto elidlule ngezindlela ezisetshenziswa yizakhamuzi ukukhokha, phakathi kwazo okubalwa amakhadi asemabhange nokheshi.

Amanqampunqampu osuku

UKUTHENGA izimpahla, phecelezi, ama-retail trade sales, kunyuke ngo-4.1% ngoJuni uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule.

Umnotho waseNingizimu Afrika usabenzela phansi abantu besifazane, kuloba uJabulani Sikhakhane 

BASATHWELE kanzima abantu besifazane eNingizimu Afrika ngokwamathuba omsebenzi. Sekuvele ukuthi eminyakeni eyishumi edlule igebe phakathi kwabo nabantu besilisa landile. Amazinga abo emfundo awenzanga mehluko otheni.

Ukuntula kwentsha imisebenzi yingozi enyelelayo, kuloba uBusi Mavuso 

UHULUMENI ozongena unezinselelo eziningi obhekene nazo. Cishe inkinga enkulu obhekene nayo yizinga eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi, ikakhulukazi lokuthi abantu abasha ababili kwabathathu abasebenzi.

Ziyabhubhisa izifo ezidalwa yindlela abantu abaphila ngayo, kuloba uJabulani Sikhakhane 

IMINININGWANE esanda kukhishwa yinkampani yomshwalense iSanlam iveze ukuthi siyanda isibalo sabantu ababulawa yizifo eziphathelene nokusebenza kwenhliziyo, imithambo yegazi nezinye ezidalwa yindlela osekuphilwa ngayo.

Kusinda kwehlela emnothweni waseNingizimu Afrika ukhula kancane, kuloba uJabulani Sikhakhane 

UMNOTHO waseNingizimu Afrika usubuyele emgudwini wawo ojwayelekile lapho ukhula khona ngezinga elingaphansi kwephesenti.  Loku kubikezela ukuqhubeka kwesimo esinzima ezweni sokushoda kwemisebenzi nokumpitsheka kukahulumeni ngenxa yokungakwazi ukuqoqa imali yentela elingene izidingo … Read More

Izinkakha zosomabhizinisi zicije abalangazelela ukuba namabhizinisi. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUHLONYISWE osomabhizinisi abasafufusa nabafisa ukuba namabhizinisi ngolwazi lokukhulisa amabhizinisi nokuphatha imali emcibini obuhlelwe yibandla lasemaRomeni iSacred Heart eMontclair, eThekwini, KwaZulu-Natali ngoMgqibelo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page