Umlamuli ukhathazekile ngezinkampani zomshwalense ezingakhokhi uma kulahleka amaselula
YINTATHELI YOMBELE
UMXAZULULI wezindaba ezithinta izikhungo zezimali ukhathazekile ngezinkampani zomshwalense ezingabanxephezeli abantu uma belahlekelwe amaselula ngenxa yemigomo nemibandela engachazwa ngendlela efanele.
Umxazululi omkhulu wezindaba ezithinta izikhungo zezimali iNational Financial Ombud Scheme uNkk u-Edite Teixeira-McKinon uthe ngonyaka odlule uxazulule amacala awu-11 000 omshwalense kanti awomshwalense wamaselula abewu-4% kuphela.
Uthe: “Ngikhathazekile ukuthi izinkampani zomshwalense wamaselula zichitha abantu uma sekulahleke amaselula. Kwelinye icala elingenile umthengi ebekhala ngokuthi umshwalense awufunanga ukumnxephezela ngemva kokuthi i-tablet yengane yakhe ihlwithwe yizigebengu behamba bevule iwindi lemoto. Umshwalense uthe awukhokhi ngoba ayizange ivalwe i-SIM card emva kokuntshontshwa kwe-tablet.”
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/01/babuyiselwe-ur328-million-abathengi-abazi-amalungelo-abo/
UNkk uTeixeira-McKinon uthe ikhasimende lachaza ukuthi alikaze liyifake i-SIM card kwi-tablet ngoba kwakusebenza i-Wi-Fi kodwa umshwalense wathi umthetho uthi kwakufanele kubhaliswe i-SIM card futhi ivalwe uma kuntshontshwa i-tablet.
“Izinkampani zomshwalense azikwazi ukuma ngokuthi imithetho ibhalwe phansi uma sezichitha amakhasimende, kufanele zinginike ubufakazi bokuthi ikhasimende lalichazeliwe ngemigomo nemibandela.
“Ngiyalele lo mshwalense ukuthi unxephezele ikhasimende ngenxa yokuthi alikaze liyifake i-SIM card futhi ibisebenza kahle ingekho. Umshwalense uvumile ukukhokha,” kusho yena.
UNkk uTeixeira-McKinon unxuse amakhasimende ukuthi afundisise izinkontileka zawo zomshwalense futhi abheke ukuthi yini engaholela ekutheni umshwalense ungakhokhi.

UNkk uTeixeira-McKinon uthi amakhasimende kufanele afundisise izinkontileka zawo
Ucebise amakhasimende ngamasu amahlanu okufanele ayiqinisekise uma benomshwalense wamaselula. Nanka:
1) Bheka ukuthi yiselula efanele yini efakwe kumshwalense ngoba ukuthenga entsha noma ukuthola engcono kunoyibhalisile kufanele wazise umshwalense.
2) Ngabe ithini imibandela yomshwalense nge-SIM card? Bheka ukuthi uthi kufanele usebenzise yiphi i-SIM card, nokufanele ukwenze uma kulahleka iselula.
3) Yini evikelekile ngaphansi komshwalense? Bheka ukuthi iselula ivikelwe ngaphansi kwezimpahla zasekhaya, ivikelele yodwa noma inomshwalense wayo yodwa.
4) Bheka ukuthi uzokhokha malini uma kwenzeka ilahleka? Ufake iselula eyodwa noma ukwazi ukuvikela izinto eziningi kumshwalense wakho.
5) Bheka ukuthi umshwalense wakho uthini ngesinxephezelo? Ngabe unikwa enye iselula noma kwenzekani, funda nokuthi uma iselula yakho ingasadayisi ngabe kwenzekani nokuthi uthola imali noma kwenzekani.

