Okuyolungisa isimo somasipala ezweni sekufana noJohane 14, kuloba uJabulani Sikhakhane

IZINKINGA zomasipala eNingizimu Afrika nezisombululo zazo sezafana nesaladi yeklabishi yodumo evame ukubizwa ngoJohane 14, ngokwevesi lesibili encwadini kaJohane eBhayibhelini.  Ngokuthi lijwayelekile kakhulu leli vesi, laziwa nayizingane, livame ukutakula abaningi abazithola … Read More

Ukubuyekeza imboni yomshwalense wemingcwabo kudinga ukushayelwa ihlombe, kuloba uJabulani Sikhakhane

ABELUSI bemboni yezimali bazobuyekeza ukusebenza yomshwalense womngcwabo. Lolu phenyo luzothinta nokusebenza kwabangcwabi njengoba sekuneminyaka bedayisa umshwalense wemingcwabo.

Kuningi okubhekwayo nokunesandla endleleni izwe elibhekwa ngama-ratings agency ngayo,  kuloba uJabulani Sikhakhane

ZINE izinto ezibalulekile ezicutshungulwa kabanzi uma kubhekwa indlela uhulumeni wezwe aphethe ngayo umnotho walo nesimo sezimali. Lo msebenzi wenziwa yizinkampani ezibizwa ngokuthi ngama-ratings agency. 

Ukusebenza kahle komnotho kumqoka uma uhulumeni uzoboleka imali, kuloba uJabulani Sikhakhane

UHULUMENI waseNingizimu Afrika uzoboleka uR424.7 billion ezimakethe zemali kuleli zwe naphesheya. Loku kuzosho ukuthi ekupheleni konyaka wezimali wango-2024/25 uhulumeni uzobe ukweleta uR5.6 trillion, isamba esilinganiselwa ku-75% wengxenye yomkhiqizo womnotho wezwe.

Uhulumeni kungenzeka uzigwaze ngowawo ngokunciphisa izisebenzi aziqashile, kuloba uJabulani Sikhakhane

UHLELO lukahulumeni waseNingizimu Afrika lokwehlisa isibalo sezisebenzi lungase ludale izinkinga ezingaphezulu kwalezi ozama ukuzixazulula. UmNyango weziMali umemezele ngenyanga edlule ukuthi uhulumeni usubeke isamba esiwuR11 billion sokuheha izisebenzi eziwu-30 000 ukuthi ziyeke umsebenzi.

Mkhulu umonakalo owenzeka ezinganeni ezikhula zihlupheka, kuloba uJabulani Sikhakhane

UMBIKO weNelson Mandela Children’s Fund ngesimo sokuhlupheka kwezingane zaseNingizimu Afrika uyisikhumbuzo sokuthi leli zwe linemali yokumelana nezidingo nezinkinga zalo. Ingqinamba wukuthi imali ekhona ayisetshenziswa ngendlela. Ngamanye amazwi, indlela esetshenziswa ngayo ayinamphumela omuhle nobonakalayo.

URamaphosa noKhongolose babhekene nenkanankana yobambiswano ngokusimama komnotho, kuloba uJabulani Sikhakhane

LIKHULU ithemba ngekusasa lomnotho weNingizimu Afrika uhulumeni, oholwa wuMengameli uCyril Ramaphosa, olibeka empumelelweni yokuphatha izintambo zombuso ngokubambisana kwamaqembu epolitiki.

Kuzocaca ngesonto elizayo ukuthi uGodongwana uzowusikela umbengo ongakanani owemfundo, kuloba uJabulani Sikhakhane

UNGQONGQOSHE womNyango weziMali uMnu Enoch Godongwana uzokwethula uhlaka lwesabelomali ngesonto elizayo oluzoba ngolukuqala ngaphansi kukahulumeni ophethwe ngokubambisana ngamaqembu epolitiki aholwa yi-ANC.

Ukuthuthukisa umnotho wamalokishi kudinga osopolitiki abaneso elibuka okhalweni, kuloba uJabulani Sikhakhane

IWUNDABAMLONYENI eyekusasa nentuthuko yamalokishi, ikakhulukazi ngasohlangothini lwezomnotho. Isifana nevesi uJohane 14.

Ukuba wumengameli womnyango wezimali akusikho ukusinisa amahleza ngokobudlelwano nabalingani bakho, kuloba uJabulani Sikhakhane

UNZIMA umsebenzi kangqongqoshe womNyango weziMali. Kuningi okuncike kuwo: inqubekelaphambili yezwe kwezomnotho, ukusimama kwesimo sezimali zikahulumeni, impumelelo kamengameli kwipolitiki.

Ulwazi ngesimo sezakhamuzi lusho lukhulu, kuloba uJabulani Sikhakhane

IBALULEKILE imininingwane ngenhlalo nezinguquko ezenzeka kwizakhamuzi zezwe. Kusemqoka ukuthi abaphethe izwe babenolwazi olunzulu ngaloku, ikakhulukazi ukuthi kusho ukuthini ngekusasa lezwe nezinhlelo zikahulumeni.

Umnotho waseNingizimu Afrika usabenzela phansi abantu besifazane, kuloba uJabulani Sikhakhane 

BASATHWELE kanzima abantu besifazane eNingizimu Afrika ngokwamathuba omsebenzi. Sekuvele ukuthi eminyakeni eyishumi edlule igebe phakathi kwabo nabantu besilisa landile. Amazinga abo emfundo awenzanga mehluko otheni.

Kuhle futhi kubi ukwanda kwabantu abadala eNingizimu Afrika, kuloba uJabulani Sikhakhane 

UMBIKO omusha we-Statistics South Africa (iStats SA) ukhomba ukuthi bayanda abantu abaneminyaka ewu-60 nangaphezulu eNingizimu Afrika. Yinto enhle loku ngoba kuyimpumelelo ezweni uma abantu balo bephila isikhathi eside. Nokho kunezinkinga zakho, ikakhulukazi ngakwezempilo.

Kuningi okuhle ngokuhwebelana namanye amazwe, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKUXHUMANA kwamazwe ngokwezomnotho nezimali kubalulekile entuthukweni yamazwe, ikakhulukazi asafufusa, njengeNingizimu Afrika. Kungaba nemiphumela eminingi engaba wusizo olukhulu ukuthuthukisa izwe.

Kuzobanzima ukwaba imali yezidingo zomphakathi ngenxa yezibalo ezigejayo, kuloba uJabulani Sikhakhane

UMBIKO osanda kukhishwa uxwayisa ngokuthi imiphumela yokubala abantu okuhambisana nemininingwane yenhlalo yabo okwenziwa ngo-2022 ayethembekile ngenxa yezingqinamba iStatistics South Africa (iStats SA) eyahlangabezana nazo.

Umbiko uthi ayazicanasela amaphekulazikhuni eNingizimu Afrika, kuloba uJabulani Sikhakhane

ININGIZIMU Afrika isiyavuma ukuthi izwe lisengcupheni enkulu yokusetshenziswa ngabantu abafuna ukuthola imali okungesekwa ngayo izenzo zobushokobezi.

Impumelelo yobambiswano incike kwisisoka sikaRamaphosa, kuloba uJabulani Sikhakhane

UMTHWALO wokwenza umbuso wobambiswano ubeyimpumelelo uzohlala wonke emahlombe kamengameli kaKhongolose uMnu Cyril Ramaphosa nabaholi bale nhlangano.

Ziyabhubhisa izifo ezidalwa yindlela abantu abaphila ngayo, kuloba uJabulani Sikhakhane 

IMINININGWANE esanda kukhishwa yinkampani yomshwalense iSanlam iveze ukuthi siyanda isibalo sabantu ababulawa yizifo eziphathelene nokusebenza kwenhliziyo, imithambo yegazi nezinye ezidalwa yindlela osekuphilwa ngayo.

Amanzi angena endlini ngokuguquguquka kwesimo sezulu, kuloba uJabulani Sikhakhane

UDABA lokutholakala kwezindlela ezintsha zokwakha izakhiwo nokubumba izinto zokwakha ukuze zikwazi ukumela ushintsho lwesimo sezulu kudingeka lusukunyelwe ngokushesha.

Kunengozi yokubaleka kwamabhizinisi athutha izimpahla, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKUTHUTHA impahla, okungaba ukudla, izingubo zokugqoka nezinye izidingo, kubalulekile ekusebenzeni komnotho wamazwe. Kungafaniswa negazi emzimbeni womuntu. 

Kungakuhle abafundi baseNingizimu Afrika basike iphethini kwabaseMelika ngokufundela amakhono, kuloba uJabulani Sikhakhane

Kungakuhle abafundi baseNingizimu Afrika basike iphethini kwabaseMelika ngokufundela amakhono, kuloba uJabulani Sikhakhane

Kusinda kwehlela emnothweni waseNingizimu Afrika ukhula kancane, kuloba uJabulani Sikhakhane 

UMNOTHO waseNingizimu Afrika usubuyele emgudwini wawo ojwayelekile lapho ukhula khona ngezinga elingaphansi kwephesenti.  Loku kubikezela ukuqhubeka kwesimo esinzima ezweni sokushoda kwemisebenzi nokumpitsheka kukahulumeni ngenxa yokungakwazi ukuqoqa imali yentela elingene izidingo … Read More

Ukugqekeza isikoqokoqo sikagadingozi akuyixazululi inkinga yezwe – ukubhasha komnotho, kuloba uJabulani Sikhakhane

Ukugqekeza isikhwama sikagadingozi akuyixazululi inkinga yezwe – ukubhasha komnotho, kuloba uJabulani Sikhakhane

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page