Indlala yokukhula imgqugquzele ukuthi angene kwezolimo
WUTHOBILE ZWANE
UKHOLWA wukuthi eminyakeni emihlanu ezayo uzobe esekhiqhize abalimi nokudla okwengeziwe ukuthi kubenokudla okwenele eNingizimu Afrika.
UMnu uEugene Dlamini, umsunguli weQedusizi Farmers eNanda Dam, eThekwini, KwaZulu-Natali, wakhula etshala imifino eseyingane eSwatini, lapho ethi indlala yayibhokile ibonakala ngisho uzihambela.
Uthi indlela yokuphila kwakuwukutshala amaveji, umbila nokufuya izinkukhu, izimbuzi nezinkomo.
“Loku (ukukhiqiza abalimi nokudla) kuyinhloso yami enkulu ngoba ngiyabazi ubuhlungu bokuya esikoleni ungadlile izinsuku eziningi kodwa ungenayo into ongayenza ngenxa yokungabinamandla afana nawabanye.
“Uhambo lwami kwezolimo lugqugquzelwe ngomunye wabalimi owayelima, adayise umoba. Ngelinye ilanga ngafaka isithombe sengadi yami encane eyayingemva kwendlu. (Waphawula wathi) ‘ngicela utshale esinye isipinashi ngoba unezandla zokutshala, ngiyabona ukuthi obani abazothenga’. Wathi izitolo zizothenga ,yenza konke okusemandleni akho’”, kukhumbula yena.
UDlamini uthi akakufundelanga ukutshala kodwa kusegazini futhi ukhule etshala kodwa namhlanje kuyamsiza ukuxosha ikati eziko.
Uthi wakhuthazeka kakhulu wazitshela ukuthi uzokwenza njalo ngoba kubo wayehlale ecabanga indlela yokuthola umsebenzi.
“Ngaqala ngayibona imiphumela yokukhula kwami ngoba seloku ngaqala kancane ukutshala isipinashi ngifunde ukubekezela nokuzethemba futhi ngifunde nokusebenza ngesikhathi esiqondile ngoba ngendlela engihlela ngayo ukutshala isikhule kakhulu uma kuqhathaniswa nakuqala.
“Ngisebenzisa okusambhede engitshala kuwo nangendlela engicwaninga ngayo ukuhlola inhlabanthi nokugcina indawo ilungele ukutshala,” kusho uDlamini.

UDlamini ehlola ispinashi sakhe sekhethelo
Ugqozi lokuqala ukutshala lwafika nombuzo othi angenza kanjani ukubanesishebo esishibhile angasidayisela abantu bakwazi ukusithenga emakethe ngoba omakhelwane akabadayiseli uyabapha ngoba unomqondo wokuthi akuwona wonke umuntu onemali engenayo nokuthi kunezingane ezingenabantu abadala abazondlayo ezilala zingadlile emakubo.
“Loku kungizwisa ubuhlungu kakhulu ngoba ngike ngadlula kuleyo nselelo kodwa abakwaziyo ukusithenga ngiyabadayisela ngezinye izikhathi. Kodwa ngikhethe isipinashi ngoba siyashesha ukukhula futhi uma sesikhiwe siyakhula ngokukhulu ukushesha futhi sikunika isikhathi sokutshala esinye,” kusho uDlamini.
“Ngigxile kwisipinashi esingabizi uma ngisinakekela futhi nokuhlala kwaso esimweni esihle kulula, kuze kufike lapho khona kufanele ngisithuthe ngemoto. Ngikwazi ukufaka imbewu (eyishumi) kwiplastiki ekhanyayo, ngifune imoto (ekhokhelwayo) ngifike esitolo (ngaphandle) kokuchitha isikhathi,” kusho yena.
Uthi ufisa ukuxhaswa ngoba uhlela ukuvula i-soup kitchen egcekeni.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/03/27/uhulumeni-awusukumele-izinselelo-zabalimi-kuloba-ujabulani-sikhakhane/