‘Ungakuvumeli ukubuswa yimali’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noLix Gantsu, odume ngelika‘Lix Da Lion’. Ucula izinhlobo ezihlukene zomculo okubalwa i-hip hop, i-R&B ne-Afro pop. Useke wasebenzisana nabaculi abaziwayo okubalwa uFlash Ikumkani noMalik. Udume ngamaculo afana nethi Imbumba, Sibaninzi nethi Ndincede. Uzokhipha i-EP yakhe entsha namuhla ethi Imali

WUTHOBILE ZWANE

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Ngangiphiwa imali wuMa, ongikhulise eyedwa. Njengoba wayenabanye abantwana, ngangingayitholi imali engangiyifisa kodwa wayeqinisekisa ukuthi siyaya esikoleni futhi zonke izidingo zethu ziyafezeka.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange, wayivula kuliphi?

Ngineminyaka ewu-20 kanje. Ngiyakhumbula ngaleso sikhathi ngangingenawo ngisho uR50 yokuwufaka kwi-akhawunti. Ngayivula eCapitec.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngifunde ukuthi imali ingakha impilo noma iyimose. Yingakho kufanele siyihloniphe futhi siyisebenzise ngendlela efanele ngoba yenza impilo ibelula.

Waqala nini ukusebenza, wenzani umholo wakho wokuqala?

Ngo-2013, eSportscene eMossel Bay. Ngaqashwa ngesikhathi ngithi ngizibukela izimpahla esitolo. Ngangihola uR1 100 ngenyanga, kuya ngokuthi ngisebenze amahora amangaki. Ngayinika uMa ukuze athenge ukudla ekhaya, kwathi esele ngayisebenzisela izidingo zami.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/11/07/yonga-utshale-futhi-uhlakaniphe-ngemali/

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukusiza ekhaya. Ngisafisa nokusiza abanye abantu nokubakhuthaza ngesikhathi esifanele.

Yiliphi iphutha elithinta imali owake walenza?

Wukusebenzisa imali ngokweqile nokuboleka imali ezalayo. Nokho, loku kwakuvame ukubangelwa yizimo zokuphila ngesikhathi ngisazama ukuzimela.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Imali oyongayo namuhla ingakusiza kusasa. Uma isetshenziswa kahle, ingaguqula impilo yomuntu nomphakathi wakhe.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingakha indawo yokuqopha umculo ukuze ngikwazi ukuqopha noma yinini ngaphandle kokukhokhela izindawo zabantu. Lokho kungabayindlela yokutshala imali futhi isize nabanye abaculi. Enye imali ngingayisebenzisela izidingo zami bese enye ngiyayonga.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Kubalulekile ukuthi sihloniphe imali, siyisebenzele imali futhi sizame ukuzifaka ngaphansi kwengcindezi yokufuna imali nganoma iyiphi indlela eqondile. Imali esiyitholayo asiyonge. Okubaluleke kakhulu wukuthi singavumeli imali isibuse noma ilimaze izimpilo zethu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page