Zihlawule izigidigidi izinkampani ezisebenza ngemali ezingawulandeli umthetho
YINTATHELI YOMBELE
UMLAWULI wemboni yezimali iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) uhlawulise izinkampani eziphula umthetho wokusebenza ngemali uR2,89 billion.
Loku kuvele embikweni weFSCA wokuveza esikwenzile kuze kube ngomhlaka-31 wangoMashi walo nyaka. Inhlawulo ekhishwe yizinkampani inyukile njengoba zazihlawule uR119,8 million ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
Inkampani ehlawule kakhulu ehweba online iBanxso ehlawuliswe uR2bn ngokwenza izikhangiso ezingamanga eziveza osaziwayo le nkampani ebithi isebenzisana nabo. Ihlawuliselwe nokusebenzisa imali yamakhasimende ukufeza izidingo zabanikazi bayo esikhundleni sokuhweba ngayo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/23/i-african-bank-ihlawulisiwe-ngokukhohlisa-amakhasimende/
I-Banxso iphucwe imvume yokusebenza, izikhulu zenkampani zamiswa ukuhweba iminyaka ewu-30, udaba lwayo lwadluliselwa oPhikweni lokuShushisa ezweni ukuze luvule amacala.
Isikhulu esingamele ezomthetho kwiFSCA uMnu uGerhard van Deventer sithe baqinisekisa ukuthi imali etshalwa ngabantu ayishushunjiswa futhi ayisebenzi kwizenzo zobugebengu.
U-Van Deventer uthe: “Kubalulekile ukuthi iNingizimu Afrika iqinise umthetho wokuvimba ubugebengu njengoba ngonyaka odlule siphumile ohlwini lweFinancial Action Task Force lwamazwe anomthetho oxegayo ezimalini ezishushumbiswayo ezigcina ziyoseka ubushokobezi. Le nhlawulo ikhombisa ukuthi asisadlali nezaphulamthetho.”
Uthe baphothule amacala awu-678 kulesi sikhathi ababika ngaso kanti bavimbe abantu abawu-68 ukusebenza ngemali, baphuca ezinkampani ezingalandeli imithetho yokusebenza ngemali amalayisensi awu-14, bakhipha izixwayiso eziwu-140 ezivuvusa umphakathi.
Owayeyisikhulu senkampani eyayinezitolo eziningi kuleli zwe naphesheya iSteinhoff International Holdings uMnu uStehan Grobler uhlawuliswe uR358,75m ngokushicilela umbiko wezimali ongamanga.
U-Van Deventer uthe banethemba lokuthi ngonyaka ozayo bazobe sebephothule konke okuthinta iSteinhoff ngoba ukukhuculula konke okuphambene nomthetho okwakwenzeka khona.
I-Medbond Group ihlawuliswe uR212m ngokukhangisa imikhiqizo engamanga elahlekisele abatshalimali ngoR194m. I-FSCA ixwayise izinkampani nabo bonke abasebenza ngemali ukuthi balandele umthetho, kungenjalo bazojeza kanzima.

