Uhulumeni wobumbano yingqophamlando esinika ithuba lokuxazulula izinkinga zethu, kuloba uBusi Mavuso
SIYAWABONGELA amaLungu ePhalamende amasha afungiswe ngesonto elidlule. Wumzuzu olethe ithemba ezweni ngesikhathi sibona kuhlangana lokhu obesekube ngamasonto anzima izinhlangano zepolitiki zizama ukukusebenza.
Ngiyambongela noMengameli uCyril Ramaphosa okhethwe kabusha ngamaLungu ePhalamende amasha. Njengoba iBusiness Leadership South Africa ishilo ngempelasonto, loku kuwuphawu lokuthi kuzoqhubeka umsebenzi obusuqalile nezinguquko ezinqala esizidinga ngokushesha ukushintsha indlela umnotho osebenza ngayo.
AmaLungu ePhalamende amasha athathe umsebenzi omkhulu wokumela abantu baleli zwe. Kufanele benze uhulumeni uphendule, ngokusho komThethosisekelo “ukuqikelela uhulumeni wabantu”.
IPhalamende like ligxekwe kwesinye isikhathi ngokungasebenzi ngendlela nokungashayi imithetho ngokuyalelwa ngabaphathi bezinhlangano kodwa njengoba sekunohulumeni wobumbano, kunethuba lokuthi iPhalamende liphinde libe wuhlaka oluzokwenza uhulumeni uphendule.
Amakomiti engamela umsebenzi kahulumeni okuyiwona abaqondisi-jikelele nezinye izikhulu zikahulumeni ezibika kuwona, azokwazi ukuqinisa isandla ukuhlola umsebenzi kahulumeni. La makomiti angaqinisekisa ukuthi umsebenzi obalulekile kahulumeni uyenziwa nokuthi izinsizakusebenza zikahulumeni zisetshenziswa ngendlela efanele.
Izinkulumompikiswano zasePhalamende zingasiza ukuthi kubenemithetho engcono. AmaLungu ethu ePhalamende amasha, iningi lawo eliqalayo kulo msebenzi, kufanele licabange indlela elizoxhumana ngayo nomphakathi futhi liqinisekise ukuthi ukwenza kwalo kuyahambisana nokushaya imithetho.
Njengoba sengike ngabhala phambilini, sesike sabona umkhuba ongemuhle wokuzitshwa kwemibono ebekwa wumphakathi uma kuhlanganiswa umthetho omusha. Umsebenzi wamaLungu ePhalamende wukushaya umthetho kanti ekwenzeni lowo msebenzi kubalulekile ukuqonda ukuthi abantu abahlukene bathintwa kanjani yimithetho nokubheka ubufakazi obulethwayo ngesikhathi umphakathi uphawula uma kusuke kuboniswana nawo.
Akufanele siphinde sibone okwenzeke ngesikhathi kuhlanganiswa umThetho womShwalense wezeMpilo iNational Health Insurance Bill, umthetho ongeke ukwazi ukusebenza kodwa ophasiswe ngenkani yiPhalamende elidala wabushaya indiva ubufakazi obulethiwe bokuthi yini ehluphayo ngawo futhi wangayingena neyeziphakamiso ezenziwe ukuwuphucula.
AmaLungu ePhalamende angasebenza ukuqinisekisa ukuthi nokuhlola okwenziwayo ukubheka inhlalakahle nesimo somnotho, okufanele ngokomthetho ngabe wonke umuntu uyakubheka ngaphambi kokuphasiswa komthetho, kuyenzeka ngempela.
Nokho, iPhalamende limqoka futhi ukwenza uhulumeni uphathe kahle futhi kufanele liqinisekise ukuthi leseka uhulumeni ukuze wenze umsebenzi. Kubalulekile loku uma kudingeka umthetho ozoletha uguquko. Isibonelo saloku, izinguquko ezibalulekile embonini kagesi, zidinge ukwesekwa ngomthetho. Ziningi nezinye izibonelo lapho iPhalamende kuzodingeka libambe iqhaza ukuze kube noshintsho oludingekayo emnothweni.
Yize iPhalamende kufanele lenze uhulumeni uphendule futhi lisebenze kahle ekushayeni imithetho, kufanele ligade ukuthi lingabambezeli izinguquko kungenasidingo.
Uhulumeni kufanele ukulungele ukuxoxisana nabashaya umthetho, nokuyingxenye yokwethula izinguquko. Ababeka imigomo kufanele benze amaLungu ePhalamende abone isidingo sabakuphakamisayo kodwa kufanele nawo amaLungu ePhalamende azibhekisise futhi azeseke izinguquko eziza nokuhle.
Ukuthi uhulumeni kufanele uphendule futhi ubhekisise imithetho kufanele kuseke izinguquko ezidingwa yizwe, hhayi ukuziphazamisa.
Sekuyisikhathi sokuthi uhulumeni wobumbano uqale umsebenzi onikwe wona ngabantu bakithi, ukuxazulula izinkinga zezwe, wakhe imisebenzi futhi uphucule impilo yabo.
IPhalamende lizobamba iqhaza elibalulekile kulolo hlelo futhi kufanele ilweseke futhi yenze abaphethe baphendule. Izinhlangano zamabhizinisi zizobambisana nohulumeni ukuweseka ukuthi wenze kube nendawo okungasebenzeka kahle kuyo ukuze umnotho ukhule.
Sizofaka isandla ePhalamende ngokubeka uvo lwethu uma kudingeka umphakathi uphawule nasemakomitini asePhalamende ngqo uma sicelwa.
Kunomgqigqo omuhle okhona ngenxa yendlela enhle okwenziwe ngayo kubunjwa uhulumeni wobumbano. Kulethe ithemba kwabamabhizinisi nakubatshalimali ukuthi izwe lisethubeni lokuqopha umlando futhi lenze umsebenzi omkhulu ukuxazulula izinselelo esibhekene nazo.
Njengoba umsebenzi uqala, siyathemba iPhalamende lizobamba iqhaza elikhulu.
