UGodongwana ukhathazeka kufanele ngePublic Investment Corporation, kuloba uJabulani Sikhakhane
AWUKAPHELI umbango wePublic Investment Corporation (iPIC), osekuneminyaka inenselelo yokuphatha ngendlela efanele. I-PIC ingamele imali engaphezu kwangoR3 trillion yezinkampani zikahulumeni, eningi kuyona ngeyempesheni yezisebenzi zikahulumeni ekwiGovernment Employees Pension Fund (iGEPF).
Inselelo esanda kubakhona iholele ekutheni kusule ibhodi yePIC emva kokuthi ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Gogongwana eyinike umnqamulajuqu wokuthi ayisule emsebenzi noma ixoshwe.
Amalungu ebhodi obekukhona kuwona nephini likaGodongwana uDkt uDavid Masondo, obewusihlalo wePIC ngenxa yomthetho iPIC Act obuwenza ukuthi iphini likangqongqoshe libawusihlalo.
UGodongwana akasiye ungqongqoshe wokuqala ukutshela ibhodi yePIC ukuthi isule noma uzoyihlakaza. UMnu uTito Mboweni wenza esifanayo ngesikhathi ewungqongqoshe womNyango weziMali ngoFebhuwari wango-2019. Izinyathelo zikaMboweni zazingenxa yokungaphatheki kahle ezindaweni ezithile kwiPIC.
Inkinga yePIC ingabhekwa ngokuthi iqhatha uGodongwana noMasondo ngoba uMasondo kufanele abike kuGodongwana akwenzayo njengephini lakhe nanjengosihlalo webhodi yePIC.
Okuhlukile ngezinkinga ezintsha wukuthi uMasondo ngemva kokusula ukhulume kwabezindaba echaza ngezinkinga zePIC.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/12/i-public-investment-corporation-idinga-uguquko-olunzulu-ekuphathweni-kwayo-kuloba-ubusi-mavuso/
Ebhala kwi-Daily Maverick, uMasondo uthe izinkinga ezintsha zePIC zibhekwa ngolimi olujwayelekile lokuphatha nezomthetho. “Kubhekwa ukuthi wubani onelungelo lokwenza okuthile, ngabe kulandelwe imithetho efanele, ngabe izinqumo ezithile ziyilandele imigomo yokuphatha yePIC nokuthi ngabe inkantolo ikhiphe isinqumo esihlukile yini ukube ibhodi ibinikiwe isikhathi sokubeka uhlangothi lwayo ngaphambi kokusula.”
UMasondo uthi lezi zizathu aziyichazi kahle inkinga yePIC. Umbono wakhe wukuthi inkinga yePIC ithinta umbango wokuyiphatha nokulawula okwenza kule nkampani. “Imali yePIC eyezisebenzi nezibondlayo,” kubhala yena.
Amagama asetshenziswa wuMasondo ukuchaza ngenkinga yePIC ayakhohlisa. Okokuqala, ulimi lwakhe lugcwele ipolitiki, lukhuluma nabathile abakwipolitiki. Okwesibili, uma ethi imali yePIC ngeyezisebenzi, ukhohlisa abantu. Loku ukwenza ngamabomu. U-90% wemali enganyelwe yiPIC ngoweGEPF.

UMasondo akakhulumi iqiniso eliphelele ngencazelo yakhe
I-GEPF yisikhwama esikhulu semali yempesheni ezweni futhi yisona sodwa esisebenza ngendlela yaso ehlukile, yokuthi imali etholwa yilungu yisamba esithile. Izikhwama eziningi manje azisebenzi ngale ndlela kodwa imali etholwa yilungu iya ngokuthi isikhwama senze kahle noma kabi kangakanani. Lo mehluko uMasondo uyawuziba ngamabomu.
I-GEPF isebenzisa okubizwa nge-defined benefit kumalungu ayo, okusho ukuthi ilungu liyazi ukuthi mhla lithatha umhlalaphansi lizothola malini, elibondlayo lithola malini uma lifa. Imali etholwa ngamalungu eGEPF ayishintshi noma ngabe ibingenisa imali kakhulu noma imali engenile yehlile.
Kolunye uhlangothi ezinye izikhwama zisebenzisa uhlelo lwezimpesheni olubizwa nge-defined contributuion, lapha kunemali efakwa wumqashi nefakwa yisisebenzi esikhwameni sempesheni. Imali etholwa yisisebenzi uma sesiya empeshenini iya ngokuthi isikhwama besenza kahle yini lapho sitshale khona imali.
Ngamanye amazwe ayikho imali ebekiwe ukuthi umuntu uzoyithola mhla eya empeshenini noma efa kuya ngokuthi isikhwama sinamalini futhi ngesikhathi sitshala imali ibikhula kanjani.
Ngamanye amazwe ilungu elingaphansi kwe-defined benefit alikho engozini uma isikhwama sibudedengu ukutshala imali kodwa ilungu elisesikhwameni se-defined contribution lisengcupheni uma isikhwama sibudedengu.
Ngakho ukuthi imali yeGEPF “eyezisebenzi” wukukhohlisa abantu. Wukukhohlisa ngoba noma ngabe kwenzeka kwiPIC noma kwiGEPF, imali ekhokhelwa amalungu ayo ayishintshi ngoba uhulumeni wenza isiqiniseko saloko. Lesi siqiniseko singaphansi kwesigaba 31 somthetho i-Government Employees Pension Law owachitshiyelwa ngo-1996. Lo mthetho uthi “uhulumeni uzoqinisekisa ukuthi imali amalungu ayithola injengoba injalo noma ngabe isikhwama senze kahle noma senze kabi”.
Uqhuba uthi uma kunezinguquko ekutshaleni imali yeGEPF eziphazamisa izimiso zikahulumeni kufanele ziphasiswe wungqongqoshe wezimali. Kodwa-ke ungqongqoshe akadingeki uma kuwukuthi imihlomulo yeGEPF ayishintshi ngoba isivumelwano siphakathi kukahulumeni nezinyunyana.
UGodongwana kufanele akhathazeke ngokwenzeka ePIC (nakwiGEPF) ngoba imali yabakhokhintela yiyona ezosebenza uma kunokwenzekayo. Njengephini likangqongqoshe uMasondo kufanele naye akhathazeke. Amalungu eGEPF nabasempeshenini abekho sengcupheni.


