‘Zijabulise ngemali yakho kodwa ungakhohlwa wukonga’ 

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa nomsakazi we-Intokozo FM uTracey Ndaba wohlelo i-Mid Morning Justice, uhlelo olungena ngo-9 ekuseni kuya ku-12 emini ngoMsombuluko kuya ngoLwesine, ne-blogger. Wake wafunda izindaba emsakazweni Imbokodo FM

WUTHOBILE ZWANE


Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo ngangiphiwa imali.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?

Ngaqala ngo-2014. Ngaya eStandard Bank, ngafike ngavula i-akhawunti ebizwa nge-Student Achiever.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngafunda ukuthi imali ifika uma uyisebenzela. Ngangidayisa u-popcorn ngisesesikoleni. Iyafika iphinde ihambe kanti  into ebalulekile wukuthi wenze into osuke uyifisa ngenkathi imali ungenayo.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Wukuthi uma ngiyitholile imali ngingathengi into engisuke ngifisa ukuthi ngiyithenge ngesikhathi  imali ingakabibikho.

Ngakhokhela izidingo zasekhaya nezami. Noma wawungatheni kodwa ngakwazi ukukhokhela izidingo enganginazo ngaleso sikhathi. Okunye ngazikhipha.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukuthenga izinto ezikhala kahle ngithengele umndeni wami, ngithengele (nomfowethu omncane) ngibabone bejabule, (savakasha). Ukuba wusisi omdala kuyangijabulisa ngoba ngikwazi ukuthi uma kukhona into umuntu ashoda ngayo ngikwazi ukumsiza.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Yebo ngake ngalutheka ngokudlala ibhanoyi. Angiyicabangi leya nto, ayilungile ngoba ibuyiselana emuva. Ngangibheja kwenye i-app, ngidlala ibhanoyi ngemali yami yonke esebhange (lagcina liphahlazekile).

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Imali uma uyisebenzisa ekwenzeni izinto ezilungile ezinomqondo inendlela yokuthi ibuyele kuwena kanti uma wenza izinto ezingalungile imali iyabaleka kuwena.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingonga uhhafu, ngithathe mhlawumbe uR200 000 ngenze izidingo zasekhaya.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Izindawo zokudlela ezingaconsi phansi, izindawo zobumnandi azibalulekile. Into ebululekile wukuba nesikhathi esimnandi, uzinakekele. Ukuzinakekela yikona okumnandi, imali yakho uyisebenzise kuwena, wenze isiqiniseko ukuthi uthenga izinto ezifiswa yinhliziyo yakho kodwa ungakhohlwa wukonga imali.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/02/03/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sixoxa-nofundiswa-fundifab-teddybear-xaba-umethuli-we-intokozo-with-fundifab-talk-kwi-intokozo-fm-umphathi-wohlelo-nomsunguli-wefundi-media-nefundisw/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page