Bafafaza amakhono ezolimo entsheni yendawo
WUTHOBILE ZWANE
UPHILELA ukuhlinzeka umphakathi ngezithombo namaveji asanda kuvunwa ngamanani aphansi futhi unentshisekelo yokuqeqesha nokuthuthukisa amakhono ezolimo emphakathini ukuze uzithuthukise futhi uziphilise.
Lowo wuMnu uSifiso Leve, umsunguli weLisolethu Agri Skills and Development yaseChesterville, eThekwini, KwaZulu-Natali.
Yibhizinisi leli aliqale ngokutshala izithombo, kwathi ngokuhamba kwesikhathi bafaka isicelo sokuba yinkampani ezosiza inkampani engenzi nzuzo eyayifuna abantu abazosiza ukuthuthukisa izingadi zomphakathi.
ULeve uthe beqala ibhizinisi babefuna into entsha ngoba linabantu besifazane abakhulile abane nabesilisa ababili.
“Enkampanini yethu senza izithombo, iklabishi, ispinashi, u-beetroot, upelepele, izihlahla (sifuya) nezinkukhu futhi sizoqala (ukufuya) izinhlanzi maduze,” kusho yena.
ILisolethu Agri Skills and Development yasungulelwa ukubheka nokudala amathuba azosiza abantu ebacijayo.
ULeve, kwesokudla, nethimba leLisolethu Agri Skills and Development
Uthe bagxile kumakhowa no-ginger. Amakhasimende abo axube izinhlangano ezizimele, abuye athenge ngoba baagxile kuloko. Asezindaweni ezihlukene zesifundazwe.
“Umkhiqhizo wethu siwuqondise kubathengisi, abathengi nomphakathi (ontulayo),” kusho uLeve.
Uthe lo msebenzi uzophucula inhlalakahle nomnotho waseChesterville namaphethelo.
“Okokuqala, kuzoba nomphumela ekwandiseni amathuba omsebenzi nokuqasha amalungu omphakathi. Sizodlulisela amakhono nokuqeqesha kwezolimo emalungwini omphakathi ukuze akwazi ukuzithuthukisa futhi abambe iqhaza ekukhuleni komnotho wendawo, okuholela futhi kugxilise isiko lebhizinisi,” kuphetha uLeve.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/04/16/abemikhiqizo-yobisi-bakhala-ngezimvula-ezinamandla/