Isikhulu esiphezulu seSMME Forum uMnu uMbuyiselo Simelane uthi amabhizinisi anendaba nohulumeni ozoseka amabhizinisi amancane. Isithombe: Sithunyelwe

Sifuna uhulumeni ozosukumela amabhizinisi amancane abamnyama: osomabhizinisi

WUSLINDILE KHANYILE 

UMFELANDAWONYE wamabhizinisi abantu abamnyama uthemba ukuthi noma ngabe wubani i-ANC ezokhetha ukubumba naye uhulumeni kuzoba yinhlangano ezobeka eqhulwini umthetho wokufukula abantu abamnyama emnothweni, i-Black Economic Empowerment (iBEE).

I-Black Business Council (iBBC) iphawule kanje emva kokuqinisekiswa kwemiphumela yokhetho eveze ukuthi yize i-ANC ithole amavoti amaningi kunazo zonke ezinye izinhlangano njengoba ithole angaphezudlwana kwawu-40%. Nokho awanele ukuthi iphathe yodwa; kuzofanele ibambisane nezinye izinhlangano.

Isikhulu esiphezulu seBBC uMnu uKganki Matabane sithe into abayicelayo wukuthi kubanjiswane ngesikhathi kuqhubeka izingxoxo futhi kucatshangelwe izwe, ukulisimamisa, ukukhulisa umnotho, ukwakha imisebenzi nokuletha uguquko oluzophucula impilo yawo wonke umuntu.

Isikhulu esiphezulu seBBC uMnu uKganki Matabane sithi bafuna uhulumeni ozobeka eqhulwini iBEE

“Ngakho-ke iBBC inxusa inhlangano okuyiyona enamavoti amaningi (i-ANC) ukuthi iqinisekise ukuthi ikucabangisise ukubumba uhulumeni nezinhlangano ezizophuthumisa ukusebenza kweBEE ne-Employment Equity ukulungisa umonakalo wakudala. I-BBC ngeke iluseke ubumbano oluzofuna ukusibuyisela ubandlululo,” kusho yena.

Izingxoxo phakathi kwezinhlangano zisaqhubeka kanti i-ANC ihlukene phakathi njengoba kukhona uhlangothi oluseka ukuthi ibumbe uhulumeni neDA kanti olunye lweseka ukuthi isebenzisane ne-EFF.  

Isikhulu esiphezulu senhlangano yamabhizinisi amancane iSMME Forum uMnu uMbuyiselo Simelane sithe ngeke babanqumele osopolitiki kuphela nje abakubhekile ngabantu abazokweseka amabhizinisi amancane. 

“Eminyakeni engu-30 edlule, akukho lutho olutheni olwenzekile ukuseka amabhizinisini amancane, kungaba embonini ezimele noma kuhulumeni. Amabhizinisi amancane asungula imisebenzi eminingi khona kunjalo, engasekwa ngalutho, awucabange-ke uma kungathiwa ayaxhaswa ukuthi angenza okungakanani. 

“Uhulumeni wobumbano uza nezinkinga zawo futhi loko okwabo osopolitiki, ngeke thina sibatshele ukuthi abenzeni. Sidinga nje kuphela abantu abazoseka osomabhizinisi abancane noma ngabe amabhizinisi abo angakanani,” kusho uSimelane.  

Isikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa uNksz uBusi Mavuso naso sithe akucatshangelwe izwe. 

Sithe imiphumela ingabashaqisa osopolitiki abaningi kodwa izinto ezidingwa yizakhamuzi azikashintshi: okuyimisebenzi, wukukhula komnotho nokungenisa imali okungabanjwa intela kuyona.

Isikhulu esiphezulu seBLSA sithi bafisa uhulumeni wobumbano ozosayina isivumelwano seminyaka emihlanu 

“Ukuze kwenzeke loku sidinga uhulumeni osimeme nothembekile, ozibophezele ekusebenzeni komthetho nokuvuselela umnotho. Njengoba izinhlangano ezizothumela abantu ePhalamende zisazama ukuthola isixazululo, kufanele zicacise ukuthi ziqonde ukuthini uma zikhuluma ngecebo “okungasebenzeka” ngalo. 

“Kufanele kube yicebo lesikhathi eside ngoba asidingi kuloku kudlalwa, kukhishwa abantu futhi kuvotwa kaningi, into esiyaye siyibone kwamanye amazwe ajwayele ukubuswa wuhulumeni wobumbano. Izivumelwano ezizokwenziwa manje kufanele ziqhubeke iminyaka emihlanu. Okumqoka kakhulu wukuthi izivumelwano ezizokwenziwa manje kufanele zizibophezele ukuqhubeka nemigomo ekhona, kufanele uhulumeni ukwazi ukuqhubeka nokucophelela endleleni osebenzisa imali ngayo, into esesikwazile ukubuyela kuyona kule minyaka edlule futhi kufanele ubambe umgqigqo wokuletha uguquko oluzokhulisa umnotho,” kusho uNksz uMavuso.

Umengameli omusha kufanele abekwe emva kwezinsuku eziwu-14 imiphumela yokhetho ikhishiwe.  

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/06/05/i-anc-ibhekene-nenkiyankiya-ngohulumeni-omusha-kuloba-ujabulani-sikhakhane/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page