Iyakhanya indlela embonini kagesi ngenxa ye-Operation Vulindlela 

UMBIKO omusha ngohlelo lokuguqula isimo somnotho nenhlalo eNingizimu Afrika i-Operation Vulindlela uveza ukuthi izinhlelo zokuphehla ugesi zihamba kahle njengoba zonke ezazihlelwe kwi-bid window 5 seziphothuliwe. Lezi zinhlelo zizongenisa ugesi owu-288MW kulo nyaka. 

Njengoba iNingizimu Afrika izilungiselela intela yaseMelika, uhulumeni kufanele ungenelele ngokushesha, kuloba uBusi Mavuso 

ISIMEMEZELO esenziwe wuhulumeni waseMelika sokukhokhisa izimpahla eziningi eziqhamuka eNingizimu Afrika intela ewu-30% siyakhathaza kakhulu.

Sekutholakale ezinye izimoto ezinobuhixihixi

KUNGAKAPHOLI maseko ikhomishini evikela amalungelo abathengi iNational Consumer Commission (iNCC) izwakalise ukukhathazeka ngezimoto ezidinga ukubuyiselwa egaraji nakuba zisezintsha, izinkampani ezakha izimoto sezicele ukuthi kubuyisewe amaRange Rover Evoque namaMercedes-Benz egaraji. 

Kuvaleleke izimali zestokfela nezamabhizinisi e-Ithala – amakhasimende

UJULAYI yinyanga yokonga imali kodwa izinhlelo zokonga zabantu abalondoloza imali ebhange Ithala ziphazamisekile njengoba kunamacala asezithebeni zenkantolo ngekusasa laleli bhange.

Abantu baseNingizimu Afrika basebenza bazebagobe – ucwaningo

UCWANINGO olusha olwenziwe yiSanlam ngomhlalaphansi luveza ukuthi abantu baseNingizimu Afrika kufanele basebenze bazebabeneminyaka ewu-70 kuya kwewu-80 ukuze bakwazi ukongela impesheni.

Ingqophamlando yama-medical aid yamakhosi aKwaZulu-Natali

UKUBONA amakhosi engabinemali eyanele yokuzinakekela futhi noma egula engakwazi ukuthola usizo olusezingeni elifanele kwenze ungqongqoshe womNyango wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natali uMfu uThulasizwe Buthelezi wathule isikhwama semphesheni ne-medical aid yamakhosi.

Wu-10% kuphela wabantu abazimisele ukuthatha umhlalaphansi – ucwaningo

ZIJIKILE izinto uma kukhulunywa ngomhlalaphansi eNingizimu Afrika njengoba ucwaningo olusha lomhlalaphansi lweFNB luveza ukuthi wu-10% kuphela wabantu baseNingizimu Afrika abazimisele ukuthatha umhlalaphansi ngokugcwele uma sebeneminyaka ewu-60. 

I-Transnet Port Terminals inika intsha ithuba emnothweni

UKUKHOMBISA ukuthi ibalulekile intsha emnothweni, iTransnet Port Terminals (iTPT) ithi ibeke u6% wemali ozoyisebenzisa ukuthenga izimpahla nezinye izidingo emabhizinisini entsha. Itshale uR62 million ezinhlelweni zokucija amakhono ezisebenzi eziyintsha. 

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page