Emxhakeni

Iphini lomxazululi wezezimpesheni uMnu uNaheem Essop liyalele isikhwama ukuthi sikhokhe imali yomuntu ofuna ukunyula imali yakhe ebhodweni lempesheni. Isithombe: Sithunyelwe

Izikhwama zempesheni azilandele imithetho yazo – umxazululi

ISIKHWAMA sempesheni yezisebenzi zomasipala siyalelwe ukuthi sikhokhe imali yesisebenzi esifuna ukuyinyula ebhodweni lempesheni.

UmXazululi weziNdaba zeMpesheni uMnu uLebogang Mogashoa uhlawulise isikhwama sempesheni esiphula umthetho. Isithombe: Sithunyelwe

Isikhwama sempesheni esesilindise owesifazane iminyakanyaka sizokhokha imali isinenzalo

SEZIQALILE ukukhokha izikhwama zempesheni ezingasheshisi ukuphendula abantu njengoba umXazululi weziNdaba zeMpesheni uMnu uLebogang Mogashoa eyalele isikhwama ukuthi sikhokhe imali isihamba nenzalo.

Ukuqonda amatemu ezimali, ikakhulu awezikweletu yisinyathelo sokuqala sokungangeni obishini lwezikweletu. Izithombe: Zithunyelwe

Kubalulekile ukuqonda amatemu ezikweletu – umeluleki

ISIKWELETU siyingxenye yempilo yabantu ngoba abaningi ngeke bakwazi ukuthenga imizi, izimoto nokukhokhela imfundo yezikhungo eziphakeme ngaphandle kwaso.

U-Ephreli, inyanga yokufundisa abantu ukuphatha imali, kanti kukhunjuzwa abantu ukuthi akuzona zonke izikweletu ezimbi. Isithombe: Sithunyelwe

Kunomehluko phakathi kwesikweletu esihle nesibi – umeluleki

UKUNYUKA kwamanani kagesi, akaphethroli nama-rates kuphoqa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqaphele indlela abasebenzisa imali ngayo.

Ukhomishana obambile weNational Consumer Commission uMnu uHardin Ratshisusu ehlawulise iCartrack ngokuphula imithetho evikela abathengi. Isithombe: Sithunyelwe

I-Cartrack ihlawuliswe uR5 million ngokuphula umthetho ovikela abathengi

INKAMPANI esebenzisa ubuchwepheshe ukuthola izimoto ezintshontshiwe iCartrack izohlawula uR5 million ngokungavikeli abathengi.

Usihlalo weNational Debt Counselling Association uNks uRene Moonsamy ukhumbuza abathengi ngemithetho ebavikelayo. Isithombe: Sithunyelwe

Abathengi baseNingizimu Afrika bavikelwa wumthetho 

ABANTU abaningi baseNingizimu Afrika bazitshela ukuthi uma ufaka isicelo sesikweletu noma ususikhokhela usuke ungenamalungelo, bazitshela ukuthi izinkampani ezibolekisa ngemali yizona kuphela ezivikelwa wumthetho. 

Ukunyuka kwamanani kaphethroli kuzozwela kakhulu kubantu abasebenzisa izimoto zabo kunabagibela amatekisi. Isithombe: Sithunyelwe

Impi eseMiddle East isiqala ukuzwela emakhaya abantu abampofu 

IMPI  eseMiddle East izonyusa amandla emali bese kunyuka izindleko zokuthutha kubantu abanezimoto zabo nakwabahola kakhulu kodwa abazoshayeka kakhulu abahola kancane. 

IHhovisi lomXazululi weziNkinga zemPesheni, eliphethwe wuMnu uLebogang Mogashoa, liqinisa isandla ezikhwameni zempesheni ezingasheshi ukukhokha. Isithombe: Sithunyelwe

Zizokhokha izikhwama zempesheni eziphuzayo ukukhokha 

SEZIQALILE ukuhlawulela isikhathi ezisimosayo izinkampani zezikhwama zempesheni eziphuza ukukhokhela abantu imali emva kokuthi iHhovisi lomXazululi weziNkinga zemPesheni seliyalele ezimbili ukuba zikhokhele abantu imali yabo.

Kululekwa izithandani ukuthi zingavalwa amehlo wuthando kodwa zixoxe ngokuphatha imali. Isithombe: Sithunyelwe

Kumqoka ukuthi izithandani zihlele izimali ndawonye – umeluleki

AKUNAMBITHISISEKI ukuqala umshado ngokuxoxa ngezinhlelo zemali uma izithandani zisanda kushada kodwa njengoba siphuma enyangeni yothando izindaba zemali zibalulekile kwizithandani.

Inhloko yoMshwalense eStandard Bank uMnu uShaka Zwane uthi uma kwaphuma ilobolo umshado awuhlukanisi amafa. Isithombe: Sithunyelwe

Qonda ukuthi isinqumo somThethosisekelo sithini ngokwaba amafa omshado uma kunelobolo – abeluleki 

ISINQUMO esisanda kukhishwa yiNkantolo yomThethosisekelo esigcwalisa ukuthi eNingizimu Afrika yonke imishado yesintu ihlanganisa amafa sisho ukuthi kubalulekile ukuhlelela amafa omuntu. Isho ukuthi kubaluleke kakhulu ukuqonda imiphumela yomthetho kubantu abahlela ukushada.

Kululekwa abantu ukuthi bangasibukeli kude iSabelomali sezwe ngoba lesi simemezelo sizithinta ngqo izinto ezifana namanani okudla. Isithombe: Sithunyelwe

Ningasibukeli kude iSabelomali sezwe, siyithinta ngqo imali yenu – umeluleki 

ABANTU akufanele babuke ukuthulwa kweSabelomali ezweni lonke njengento eyisimemezelo sosuku olulodwa. Kunaloko kufanele basibheke njengento engabasiza ukwenza izinqumo ezithinta imali nsuku zonke. 

Njengoba uFebhuwari uyinyanga yezithandani kodwa futhi uyinyanga yokwazi ngezikweletu iNational Debt Awareness Month, edinga ukugadwa abantu abathandanayo ukuze bangaxabani, Izithombe: Zithunyelwe

Ungadidwa wuthando lomuntu ungaboni izikweletu

UBUNZIMA besimo sezimali, obuvame ukudalwa yizinhloso ezinhle kodwa ezingaqondakali egameni lothando, bungaphazamisa isimbo sabantu abathandanayo bobabili.

Inhloko yeStandard Bank Personal and Private Banking South Africa uMnu Kabelo Makeke uthi amakhasimende aleli bhange asenza izinto isimanje. Izithombe: Zithunyelwe

I-Standard Bank iphuthumisa izinhlelo zokuqeda amagatsha angayiphathi imali

I-STANDARD Bank Personal and Private Banking iphuthumisa uxhaxha lwayo lwamagatsha ukuhambisana noshintsho endleleni amakhasimende asenza izinto ngayo nokuncipha kwezindawo ezisebenzisa imali ewukheshi njengoba kwanda amagatsha angeke esaphatha imali kulo nyaka.

Ukhomishana weFinancial Sector Conduct Authority uMnu u-Unathi Kamlana esixwayise ngabantu abazenza izisebenzi zayo ukuqola umphakathi. Isithombe: Sithunyelwe

I-FSCA ixwayisa ngamaqola azenza yona

I-FINANCIAL Sector Conduct Authority (iFSCA) ixwayisa umphakathi ukuthi uqaphele abantu abazenza lo mlawuli wemboni yezimali nesisebenzi sayo. 

Inhloko ye-Credit Card Product eFNB uMnu uThabiso Tshabalala ithi akunzima kakhulu ukuzakhela igama elihle lesikweletu. Isithombe: Sithunyelwe.

Zikhona izindlela zokushintsha igama elibi lokukweleta – FNB 

ABANTU abaningi baseNingizimu Afrika bakuthola kunzima ukuthola izikweletu noma ukuboleka imali ngoba abakaze babenezikweletu, abanye abazitholi ngenxa yamaphutha abawenza asengcolise igama labo lokukweleta. 

Amaqola amandla ngoJanuwari ukuwaka abantu ngokuthumela ama-email nama-sms. Isithombe: Sithunyelwe

Ubunzima bangoJanuwari buvulela amaqola ithuba lokugila abantu – umeluleki

NJENGOBA sekudlule ubumnandi bangoDisemba nabantu sebefuna ukuqala impilo kabusha, amaqola acuphe zinkalo zonke ukuthatha loko okuncane abanako.

UMnuz uMpumelelo Zikalala ukhanyisa ngenkampani eyenza inzuzo (iPty) Ltd

Ucwaningo lwenkampani eluleka abantu ngezikweletu lukhombisa ukuthi abantu abasebenzayo basebenzisa ingxenye enkulu yemiholo yabo ukukhokhela izikweletu. Izithombe: Zithunyelwe

Abahola kancane basebenzisa u-92% ukukhokhela izikweletu – ucwaningo

PHEZU kokwehla komthwalo emahlombe abantu baseNingizimu Afrika njengoba iBhange lomBuso lehlise imalimboleko kodwa iningi lisacwile ezikweletini.

Usomnotho waseFNB uMnu uSiphamandla Mkhwanazi ucacisa ngomphumela wesikali samandla emali esisha

Njengoba leli kuyisonto i-International Fraud Awareness Week, kululekwa amakhasimende agade ukuqolwa ngezikhathi zesiphithiphithi njenge-Black Friday ziyingozi kumakhasimende. Izithombe: Zithunyelwe Njengoba leli kuyisonto i-International Fraud Awareness Week, kululekwa amakhasimende agade ukuqolwa ngezikhathi zesiphithiphithi njenge-Black Friday ziyingozi kumakhasimende. Izithombe: Zithunyelwe

Isonto lokuqaphela amaqola likhumbuza abantu ngamasu okuvika

LELI sonto lisetshenziselwa ukuxwayisa abantu ngokukhwabanisa nezinye izinhlobo zokuqolwa kwabantu emhlabeni jikelele. 

UMnu uMpumelelo Zikalala uchaza ngokusebenza kwenkampani engenzi inzuzo iNPC

Umcwaningimabhuku-jikelele uNks uTsakani Maluleke ukhiphe umyalelo oyalela imenenja kamasipala ikhokhe uR4.6 million. Esebenzisa amandla anikwe ihhovisi lakhe. Isithombe: Sithunyelwe

Umcwaningimabhuku uhlawulise imenenja kaMasipala uR4.6 million

KUPHELILE ukushaya indiva izinqumo zomcwaningimabhuku-jikelele njengoba eseqalile ukujezisa abantu abangawulandeli umthetho wokuphatha imali.

Inhloko ye-Merchant Solutions eStandard Bank uMnu uNorman Nyawo nesikhulu esiphezulu seFexco Financial Services uMnu uSean Crowe ngesikhathi kuthulwa izinhlelo ezizokwenza kubelula ukukhokha ngemali yakwamanye amazwe emabhizinisinisi asebenzisana naleli bhange. Isithombe: Sithunyelwe

Izivakashi sezizokhokha ngemali yasemazweni azo ngesisombululo seStandard Bank

ASISEKHO isidingo sokuthi izivakashi eziza eNingizimu Afrika zishintshe imali njengoba amabhizinisi awu-16 000 asebenzisana neStandard Bank esezokwazi ukumukela imali yamazwe ahlukene. 

Usihlalo kasoseshini wabaluleka ngezikweletu iNational Debt Counselling Association uNkk uRené Moonsamy ofuna uhulumeni uqinise umthetho ukuvimba abangena kule mboni bengagunyaziwe. Isithombe: Sithunyelwe

Akuqine isandla ukuvala abangagunyaziwe ukululeka ngemali – abeluleki

USOSESHINI wabaluleka ngezikweletu eNingizimu Afrika iNatioal Debt Counselling Association (iNDCA) ufuna kuchitshiyelwe umthetho wezikweletu i-National Credit Act, ukuze kungabikhona abeluleki abangagunyaziwe kule mboni.

Inhloko ye-Personal and Private Banking eStandard Bank uMnu uKabelo Makeke ithi abantu basemakhaya sebezokwazi ukukhipha imali lapho behlala njengoba leli bhange lizokwenza imali ye-instant money itholakale eduze. Isithombe: Sithunyelwe

Abantu sebezoyikhipha eduze imali yaseStandard Bank 

UKUQINISEKISA ukuthi abantu basemakhaya abangeni ezindlekweni uma bethunyelelwe imali, iStandard Bank isiyenze ukuthi imali ethunyelwa ngohlelo lwayo lwe-instant money ikhipheke nakumaspaza. 

Nakuba i-Black Friday kuyisikhathi sokutitiliza izimpahla kodwa yisikhathi sokuxhopheka kwabathengi. Izithombe: Zithunyelwe

Abathengi abavule amehlo ngezindali zange-Black Friday – abeluleki 

KUXWAYISWA abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqaphele “izindali” ze-Black Friday njengoba kuza lolu suku oluthathwa njengokuthi lusuke lunemititilizo eminingi. 

Inhloko yezeNtsha eStandard Bank uNks Tshiamo Molanda ithi manje abantu abaqala ukusebenza sebebeka phambili amandla ephakethe labo kunokuhlonishwa uma bethenga. Isithombe: Sithunyelwe

Kungani abantu abaqala ukusebenza bephuza ukuthenga izindlu

UKUSUKA emholweni wokuqala ufinyelele ekukwazini ukuthenga umuzi wokuqala kuwuphawu lokukhula. Nokho kubantu abaningi abasanda kuqala ukusebenza loku sekuthatha isikhathi eside kunakuqala.

I-managing executive yeSanlam uMnu uNzwananai Shoniwa ithi abantu abanyula imali yempesheni kufanele baqaphele ngoba ngokuqhubeka kwesikhathi bazoshoda ngemali yomhlalaphansi. Isithombe: Sithunyelwe

Sekunyulwe imali yempesheni elinganiselwa kuR60 billion: iSars

SEKUPHELE unyaka uhulumeni waseNingizimu Afrika wavumela abantu ukuthi banyule imali ezikhwameni zabo zempesheni ukuze benze izinto ezibaxinile. 

Abantu abawu-250 000 abalulekwa ngezikweletu babuyisela izigidigidi emnothweni. Izithombe: Zithunyelwe

Imali ewuR15 billion yabantu baseNingizimu Afrika ikhokhela izikweletu njalo ngonyaka

BAWU-250 000 abantu baseNingizimu Afrika abalulekwa ngezikweletu kanti njalo ngonyaka bakhokha uR15 billion ngazo.

Sekuzoba lula ukuthumela imali emakhaya noma ngabe abantu basebenza kuliphi izwe njengoba iMukuru isisebenzisana neMoneyGram. Izithombe: Zithunyelwe

IMukuru isizosebenzisana neMoneyGram

INKAMPANI enkulu yobuchwepheshe bemali iMuruku imemezele ukuthi isizosebenzisana neMoneyGram, inkampani yobuchwepheshe bemali emhlabeni. 

UMnu uMpumelelo Zikalala uthi ziyagagamela izinhlangano eziphikisa umthetho okhuthaza ukuqasha abantu abamnyama nabesifazane 

Izibalo zokusebenzisa ubuchwepheshe basebhenki bokubheka irekhodi lesikweletu zikhombisa ukuthi abantu besifazane banegama elihle kunabesilisa ngokonga. Izithombe: Zithunyelwe

Abantu besifazane bayabadlula abesilisa ngegama lokuboleka – izibalo

ABANTU besifazane bathuthuka kakhulu uma kukhulunywa ngokubanezimpahla. Izibalo ezisanda kushicilelwa zaseStandard Bank zikhombisa ukuthi bathenga kakhulu imizi nezimoto.

Inhloko ye-Private Banking eFNB KwaZulu-Natali uNks uYashika Rambujan ukhuthaza izithandani ukuthi zonge imali. Isithombe: Sithunyelwe

Izithandani azingenqeni ukuxoxa ngemali – abeluleki 

IMINDENI eminingi eNingizimu Afrika ayikwazi ukonga. Loku kubonakala uma ivelelwe yizimo eziphuthumayo. Ukonga kubanzima ngenxa yokunyuka kwanani okudla, uphethroli nogesi.

UNkk uNerosha Maseti, i-lead ombud for Banking and Credit eNational Financial Ombud, uxwayisa abantu ngamaqola agebenga abathenga ngama-virtual card. Isithombe: Sithunyelwe

Kudlangile ukuqola abathenga ngama-virtual card

UKUSIMAMA kobuchwepheshe kusho ukuthi asisekho isidingo sokuthi abantu bahambe bephethe amakhadi asebhange njengoba esetholakala kumaselula nasemawashini.

Isikhulu esiphezulu seFNB Cash Investments uMnu uHimal Parbhoo sithi ukonga imali manje kuyasiza ukuthi umuntu angaciciyeli ngomuso. Isithombe: Sithunyelwe

Ukonga akusikona okwezicebi kuphela – umeluleki wezimali 

UKUZE ungazitholi usuciciyela ezimalini ngomuso kufanele ubenezinhlelo ezicacile ngemali. 

Izazi zithi ukukhokha amancozuncozu ngemali yezikweletu kudala ingcindezi. Isithombe: Sithunyelwe

Kwehlisa umthwalo ukuhlanganisa izikweletu

UCWANINGO lwenkampani esiza abacwile ezikweletini iDirect Axis luveza ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bakweleta uR2.56 trillion futhi basele emuva ngezinyanga ezintathu kuma-akhawunti abo angaphezu kuka-370 000. 

Inhloko nesikhulu esiphezulu seNational Financial Ombud Scheme uNkk uReana Steyn uthi bayasiza uma amabhange nemishwalense kugoloza ukuxazulula izinkinga zabathengi. Isithombe: Sithunyelwe

Babuyiselwe uR328 million abathengi abazi amalungelo abo

IHHOVISI lomxazululi wezinkinga ezithinta izikhungo zezimali iNational Financial Ombud Scheme South Africa (iNFO) libuyisele abathengi abakhale kulona ngezikhungo zezimali uR328,5 million.

UZikalala uchaza ngokusebenza kweCCMA neNkantolo yeziSebenzi

UZikalala uchaza ngomthetho ovikela izisebenzi ezilimale emsebenzini 

UZikalala uchaza imibandela okufanele igcinwe wumqashi

Ufuna ukubona abesifazane benemali eyanele futhi bengampintshiwe yizikweletu umsunguli we-1 Family 1 Stockpile uNkk uNcumisa Ndelu. Izithombe: Zithunyelwe

Ufundisa abesifazane ukonga imali nokuphila ngangamandla

UMA ingane ilambile ayikuceli ukudla kuyise kodwa itshela unina. Yilesi sizathu esenza uNkk uNcumisa Ndelu wasungula ikhasi labesifazane elibafundisa ukonga imali nokuthenga ukudla ngendlela eyonga imali.

Abantu baseNingizimu Afrika baphethwe yikhanda ngenxa yokubisha ezikweletini. Isithombe: Sithunyelwe

Sebephila ngezikweletu abantu baseNingizimu Afrika – ucwaningo

YIZE ukunyula imali yempesheni kubonakala sengathi kungenise imali kusize abantu baseNingizimu Afrika kodwa ucwaningo olusha luveza ukuthi abaningi basaphila ngesikweletu.

Ukhomishana weFinancial Sector Conduct Authority uMnu u-Unathi Kamlana wathembisa ukuthi bazoqinisekisa ukuthi izinkampani ezisebenza ngemali zilwa nobushokobezi. Isithombe: Sithunyelwe

I-Ninety One Fund Managers ithole uswazi oluwu-R3 million

UMLAWULI wemboni yezimali iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) uhlawulise i-Ninety One Fund Managers uR3 million ngokuphula isigaba 42(1) no (2) sokuphatha imali.

UMnu uMpumelelo Zikalala utusa ubuhle bomthetho wokuqasha izisebenzi ezweni

Inkantolo inqume ukuthi ihlale lapho ikhona i-value-added-tax ngemva kokuthi ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ebesevele ememezele ukuthi ngeke isanyuswa. Isithombe: Sithunyelwe

Inkantolo ishayelele isipikili ngesinqumo nge-VAT

ABANTU baseNingizimu Afrika sebenesiqiniseko sokuthi ngeke inyuke intela yezimpahla i-value added tax (i-VAT) emva kokuthi iNkantolo eNkulu eCape Town ikhiphe isinqumo esimisa ukunyuswa kwayo.

I-Prudential Authority ihlawulise i-Absa uR10 million ngobudedengu. Isithombe: Sithunyelwe

I-Absa ihlawuliswe uR10 million ngokuphula umthetho

I-PRUDENTIAL Authority (iPA), uphiko oluqapha ukusebenza kwamabhange ngaphansi kweBhange loMbuso, ihlawulise i-Absa uR10 million ngokungalandeli imithetho ye-Financial Intelligence Centre Act 38 yango-2001 (i-FIC Act).

I-African Bank, eholwa wuMnu uKennedy Bungane, oysikhulu esiphezulu, ihlawuliswe uR700 000 ngenxa yesikhangiso esidukisayo. Isithombe: Sithunyelwe

I-African Bank ihlawulisiwe ngo‘kukhohlisa’ amakhasimende

UMLAWULI wemboni yezimali iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) ihlawulise i-African Bank uR700 000 ngenxa “yesikhangiso esikhohlisayo”. Kule nhlawulo, uR200 000 ulengisiwe iminyaka emibili.

Inhloko ye-Fraud and Risk Management eStandard Bank ixwayisa ngobugebengu obenzeka uma kuthengwa online. Isithombe: Sithunyelwe

‘Xwayani amaqola acuthela abathenga online’

UKWANDA kwezindlela zokuthenga online okufaka ukudilivelwa izimpahla, ukufuna imoto ezokuhambisa endaweni ethile, ukufuna ama-video nezinye izinto ozikhokhela usekhaya, sekuvulele amaqola ithuba.

Azosebenza kuze kuphele uMeyi amakhadi anombala osagolide okuhola isibonelelo sikahulumeni. Isithombe: Sithunyelwe

Siluliwe isikhathi sokuvuselela amakhadi ezibonelelo zikahulumeni

SILULIWE isikhathi sokushintsha amakhadi okuhola izibonelelo zikahulumeni anombala osagolide njengoba abaziholayo benikwe kuze kube sekupheleni kukaMeyi ukuwashintshe.

Nakuba onogada benza umsebenzi omqoka wokuthi kuphephe izindawo zokusebenza kodwa abanye basaphila impilo yokuxhashazwa ngabaqashi babo. Izithombe: Zithunyelwe

Aphelile amahlathi okucasha ezinkampanini zonogada ezi’xhopha’ impesheni yabantu

SIGCINE sizwakele isililo sonogada osekuphele iminyaka bekhala ngokuthi babanjelwa imali yempesheni kodwa uma sebeshiye emsebenzini noma bediliziwe bangayitholi impesheni yabo.

Podcasts

Inqolobane