‘Yiba nezinye izindlela zokungenisa imali’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNqobile ‘iModelkaz’ Dlamini, umsakazi nomphathi wezinhlelo emcimbini. Wake wasakaza kwiMvula FM Manje usakaza noLungisani Mavundla emsakazweni Izwi Lomzansi iMzansi Breakfast Show njalo ngoMgqibelo ngo-7 kuya ku-9 ekuseni

WUSIMANGALISO NTSHANGASE 

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo ngangiphiwa kakhulu ngisemncane. 

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngaqala sengenza uMatikuletsheni, ngayivula eCapitec.

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi akufanele umose imali ngezinto ezingenasidingo nokuthi kunezinto esizifunayo empilweni kodwa esingakwazi ukuphila ngaphandle kwazo, ngakho akumele sizikhathaze ngokusebenzisa imali ngokweqile kuzona.

Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngaqala sengiqede ukwenza i-Electrical Engineering Ekurhuleni TVET College, ngihola uR8 000. 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathengela ugogo ucingo lokubiya ekhaya. 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Kuningi kakhulu ngibala nokubheka izidingo zasekhaya. 

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Elisangaihluphayo namanje elokupha nokusiza abantu uma bedinga imali. Kusangehlula ukunqaba uma umuntu ecela ngimuphe noma ngimboleke imali. 

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Cha angikaze. 

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Esokuthi imali iyanda uma uyisebenzisa ezintweni ezibalulekile nokuthi kumele ubenendlela engaphezu kweyodwa yokwenza imali. 

Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingaqala ibhizinisi elingasiza ukwakha amathuba emisebenzi entsheni yangakithi.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngokuthi bangakhohlwa lapho bevela khona ngoba nakhu umuntu esenemali ngaleso sikhathi futhi akube khona eminye Imisebenzi abayenzayo ukusiza ukwandisa imali engenayo. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/07/09/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sinethulela-umsawenkosi-msajero-mbonambi-umsakazi-wezwi-lomzansi-usakaza-uhlelo-i-musotherapy-olungena-ngolwesihlanu-ngo-0300-entathakusa-kuya-ku-06/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page