I-BLSA iyalamukela ikhwelo le-ANC ngohulumeni wobumbano

I-BUSINESS Leadership South Africa iyalamukela ikhwelo elihlatshwe yi-ANC lokuthi sonke kufanele senze izinto ezizocabangela izwe nabantu balo futhi kuphuthunyiswe ukuthi iqhubeke nempilo, kubunjwe uhulumeni wobumbano emva kokhetho. 

I-ANC ivumile ukubaluleka kokuhlanganisa uhulumeni “ozophuthuma ukubhekana nezinselelo zenhlalakahle nomnotho izwe lethu elibhekene nazo” futhi “kuvikelwe nentando yabantu osisekelo sayo wumthethosisekelo”, esikwesekayo.

Kumqoka ukuthi zonke izinhlangano zizibophezele ukuhlonipha umThethosisekelo nokuthi zikhombise ukuvuthwa emqondweni endleleni ezenza ngayo, zicabangele izwe. 

Into okufanele ibekwe eqhulwini wukuqhubeka nezinguquko ezithulwayo emnothweni obesekuvele kuqalile kuhulumeni omdala ukuxazulula izinkinga ezibhekene nomnotho wethu, okufaka ukucima ugesi, ukungasebenzi ngendlela kwamachweba nezitimela nokuvuselela ukusebenza kahle kwezinhlaka zobulungisa.

Izinguquko eziqhubekayo ukuxazulula izinselelo zimqoka ukushintsha isimo sokuntuleka kwemisebenzi nokukhulisa umnotho.

Sibonile ngezibalo eziphume ngesonto elidlule ukuthi kuphuthuma kangakanani, njengoba umnotho wehle ngo-0.1% ngekota yokuqala yango-2024. Sidinga ukushintsha izinto ngokushesha ukuze izwe lethu lithuthuke futhi lifeze izidingo zesibalo sabantu abafuna umsebenzi abandayo.

Ukufeza le nhloso, kufanele siphuthume sihlanganise uhulumeni wobumbano ozinzile ozoqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika, amabhizinisi natshalimali basezweni naphesheya ukuthi uhulumeni uzibophezele kwintando yabantu esekelwe kumThethosisekelo nezinhlaka ezakhelwe phezu kwawo, okufaka nomNyango wezeziMali nokusebenza komthetho.

Ubumbano luzodinga wonke umuntu azincishe, akuzona zonke izinhlangano ezizothola konke ezikufunayo. Yilowo umphumela walolu khetho: abantu baseNingizimu Afrika bakhethe ukweseka izinhlangano ezihlukene. 

Amaqembu ezepolitiki awabeke eceleni azifunela khona futhi asebenzisane ukufeza umsebenzi anikwe wona. Kufanele athole indlela yokuvumelana ezoletha ithemba futhi yenze siphokophele ikusasa eliqhakazile. 

Leli kusasa kufanele lifake uhulumeni ozinzile. Izivumelwano ezizohlanganiswa manje kufanele zikwazi ukusebenza kuze kuphele isikhathi sikahulumeni futhi izinhlangano kufanele zizibophezele ekwenzeni njalo. Loko kukodwa nje kuzoletha ithemba nokuthula okudingakalayo. 

Abezinhlangano zamabhizinisi bazoqhubeka nokusebenzisana nohulumeni okhona ukuwuseka ukwakha indawo elungele ukukhulisa umnotho, wakhe imisebenzi futhi ungenise nentela. 

Lowo msebenzi uzokwenzeka ngoba kunohulumeni ozibophezele kumThethosisekelo, ukuvikela nokuthuthukisa izinhlaka zokuphatha ngendlela efanele nokwakha umnotho okhulayo futhi ofaka wonke umuntu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page