Enkulumweni ayethule e-Unisa, umphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago ubuze umbuzo omqoka ngesimo somnotho wezwe. Izithombe: Zithunyelwe

Ngabe iNingizimu Afrika iyafuna yini ukunyusa izinga lokukhula mnotho wayo?, kuloba uJabulani Sikhakhane

UMPHATHI weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago unombuzo osemqoka ngesimo somnotho weNingizimu Afrika. Ubuza ukuthi ngabe izwe limagange yini ukunyusa izinga lokukhula komnotho wezwe.

Wumbuzo osemqoka lona njengoba sekuphele iminyaka engaphezu kwewu-15 umnotho wezwe ukhula ngezinga eliphansi, elingakwazi ukumelana nezidingo zezwe. Yingakho-nje iNingizimu Afrika ingelinye lamazwe aseqhulwini ngesibalo sabantu abangasebenzi.

Ezinyangeni ezintathu zokuqala kwalo nyaka (uJanuwari kuyangoMashi), isibalo sezisebenzi abantula umsebenzi besibalelwa ku-32.7% weqoqo labantu abathathwa ngokuthi bakwazi ukusebenza.

Ukuntuleka komsebenzi wumthwalo ohleli kanzima emahlombe abantu abaneminyaka ephakathi kwewu-15 newu-24, okungabantu iningi labo abangakaze basebenze, abanye babo abasanda kuphuma esikoleni. Bawu-60.9% abantu abaneminyaka ewu-15 kuya kwewu-24 abantula umsebenzi, balandelwe abaneminyaka ewu-25 kuya kwewu-34 (abawu-40.6%).

Liphezulu izinga labantu abangasebenzi eNingizimu Afrika

Isizathu sokuntuleka komsebenzi yisimo somnotho, ikakhulu izinga eliphansi lokukhula kwawo, osekuyinto yeminyaka eminingi ezweni. Elinye lamabhange amakhulu ezweni i-Investec labika ngo-2025 ukuthi umnotho wezwe ukhule ngezinga eliwu-1% ngonyaka eminyakeni ewu-15, kuya ekupheleni kwango-2024. Leli yizinga eliphansi kunelokwanda kwezakhamuzi ezweni (eliwu-1.3%).

Ukwanda kwezakhamuzi ngezinga elidlula elokukhula komnotho wezwe kudala izinkinga ngoba kusho ukuthi umnotho wezwe awukwazi ukumelana nezidingo zezwe.

I-Investec yabika ukuthi ukuba umnotho wezwe ubukhula ngo-4.5% ngonyaka phakathi kwango-2009 nango-2024, izwe ngabe labanomnotho olinganiselwa ngaphansana kwangoR12 trillion ngokwesikali somkhiqizo wezwe. Ekupheleni kwango-2024, isikali somkhiqizo wezwe sasiwuR7.5trn.

Ngaphezu kwaloko, imali engeniswa uhulumeni ngentela eqoqwa kwizisebenzi, osomabhizinisi nezimpahla ezidayisayo, incike ezingeni lokukhula komnotho.

Ukukhula komnotho ngaleli zinga (eliwu-4.5%) ngabe kwasho ukuthi uhulumeni waqoqa imali yentela engaphezu ngoR5trn kule minyaka ewu-15 (ngo-2009 kuya ngo-2024) – ngaphezudlwana kwangoR333 billion nongonyaka. Yimali lena uhulumeni ayeyingayisebenzisela ukugcina izidingo zezwe, ikakhulu intuthuko yalo.

Enkulumweni yakhe ayethule e-Unisa kuleli sonto, uKganyago uphawule ngokwanda kwezakhamuzi ngezinga elidlula elokukhula komnotho. Ubuze umbuzo onqala: iNingizimu Afrika iyafuna yini ukuthi umnotho wayo ukhule?

Uthe impendulo yalo mbuzo ingathathwa njengento elula kodwa akunjalo. Uthi uma iNingizimu Afrika ifuna, umnotho wayo ungakhula ngezinga elingamelana nezidingo zezwe.

UKganyago izwe kufanele libeke phambili ukukhula komnotho wezwe ngezinga eliphezulu, kungabiyinto esemsileni wezinhloso zikahulumeni. Ukukhula komnotho akudingi ukuthi kubeyitemu elihambisana neziphawulo zolimi.

Noma enganabanga ngaleli phuzu kodwa kuyacaca ukuthi ubhekise ezinkulumweni ngomnotho wezwe lapho kuvame ukuthi abantu bagcizelele ukuthi kunezinhlobo ezithile zokukhula komnotho okufanele zigcizelelwe. Phakathi kwazo singabala uhlobo okuthiwa lufaka wonke umuntu. Kukhona nemibono ngemisebenzi egcizelela uhlobo olubizwa ngokuthi inesithunzi noma ihloniphekile.

Okunye abanye osomnotho abakuthatha njengebambezela ukukhula komnotho yimigomo yezwe ethi izinkampani ezifuna ukuhweba ezweni kufanele zidayisele abantu abamnyama amanye masheya azo.

UKganyago uthi izwe kufanele ilwele ukunyusa izinga lokukhulu komnotho kuphela. Ubeke ukuthi ukukhula komnotho wezwe kusho ukuthi kufanele izwe lingasabi ukwenza izinto ezingathathwa ngokuthi zinobungozi. Uthe ukuhamba ngale ndlela kubanzima kubantu abaphethe nabacebile.

Uphawule ukuthi izakhamuzi azinqeni ukugembula kodwa azikho magange ukugembula ngekusasa lokunyusa izinga lokukhula komnotho. INingizimu Afrika imagange ukuvikela izimboni, noma izinkampani esezizinzile ezweni futhi inemigomo nemithetho eminingi, osekuneminyaka izinhlangano ezifana ne-International Monetary Fund ne-Organisation for Economic Co-operation Development zikhomba ukuthi iyisiphazamiso kosomabhizinisi.

Noma uKganyago engazange aveze imininingwane ngokuvikela lezo zimboni noma izinkampani esezizinzile kodwa kuyazeka ukuthi miningi imizamo esiyenziwe ukuvikela i-Eskom.

Kuze kwadingeka ukuthi umengameli uMnu uCyril Ramaphosa angenelele odabeni lokuhlukanisa uphiko lwe-Eskom olusabalalisa ugesi noluwuthuthayo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/05/akusekho-ukudideka-ngenkampani-ezimele-ezosabalalisa-ugesi-kuloba-ubusi-mavuso/

Kunedlanzana elingathandi ukuthi kubenenkampani ezimele esabalalisa ugesi, nakuba kuyisinyathelo esibalulekile loku ukuze kwande amathuba okungena kwezinkampani ezizimele ezikhiqiza ugesi ngezindlela ezingangcolisi imvelo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page