Ungqongqoshe womNyango wezokuVakasha eNingizimu Afrika uNkk uPatricia de Lille ngesikhathi kwethulwa iNyanga yezokuVakasha eThekwini ngesonto elidlule. Isithombe: Sithunyelwe

Ukuvakasha akuqale ngabantu baseNingizimu Afrika – ungqongqoshe

WUTHOBILE ZWANE

ABANTU baseNingizimu Afrika kufanele basebenzise amathuba okuvakasha ezweni ukuze kusizwe amabhizinisi, kudaleke amathuba emisebenzi futhi kukhuliswe umnotho.

Ungqongqoshe womNyango wezokuVakasha ezweni uNkk uPatricia de Lille usho kanje ngenkathi ethula iNyanga Yezokuvakasha eThekwini, KwaZulu-Natali, ngoLwesine. Indikimba yakulo nyaka ibithi “Growing South Africas Tourism Sector in the Digital Era”, okusho ukusimamisa umkhakha wezokuvakasha ngalesi sikhathi sobuchwepheshe.

Izikhulu zikahulumeni, abezokuvakasha nabamabhizinisi bebebuthene kulo mcimbi, obugxile ekutheni lo mkhakha ungakhula kanjani ngesikhathi ubuchwepheshe bushintsha indlela abantu abathola, abahlela ngayo nababekisa indawo ngayo.

Akubanga yisikhathi sokuthula iNyanga yezokuVakasha kepha futhi kubeyithuba lokubheka ukuthi kungenziwani ukuze imiphumela yalo mkhakha ifinyelele emabhizinisini amancane nasemphakathini.

UNkk uDe Lille uthe abantu baseNingizimu Afrika banomsebenzi omkhulu wokuseka ezokuvakasha, ikakhulu njengoba izindleko zokuphila ziqhubeka nokukhuphuka.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/05/08/konke-kumi-ngomumo-nge-africas-travel-indaba/

UNkk uDe Lille uthe abantu basezweni akudingeki ukuthi balinde izivakashi zakwamanye amazwe ukuze amabhizinisi ezokuvakasha enze imali.

“Ngaphambi kokuthi sikhulume ngokufika kwezigidi zezivakashi zakwamanye amazwe, kufanele siqale sikhulume nabantu bakithi ngokuthatha uhambo lwempelasonto ezweni lethu. Yizwe lenu leli, kufanele nizitike,” kusho yena.

Ngenkathi kuqhubeka ukukhuluma izikhulumi, kugqame ukuthi ukukhula kwezokuvakasha akufanele kugxile kuphela enanini lezivakashi.

Ungqongqoshe womNyango wokuThuthukisa umNotho, ezokuVakasha neMvelo esifundazweni uMfu uMusa Zondi uthe lo mcimbi unike abantu akade bekhono ithuba lokubheka umbuzo obalulekile ngekusasa lalo mkhakha.

“Namuhla sinethuba lokungagcini ngokugubha ezokuvakasha kodwa sibhekane nombuzo obalulekile othi: singazikhulisa kanjani ezokuvakasha, sizenze zikwazi ukuncintisana futhi siqinisekise ukuthi abantu abaningi baseNingizimu Afrika bayahlomula ngazo?” kubuza yena.

UZondi ugcizelele ukuthi ushintsho lobuchwepheshe akufanele lushiye amabhizinisi asezindaweni zasemakhaya ngaphandle. Uthe usomabhizinisi omncane wezokuvakasha osemakhaya kufanele akwazi ukutholwa wumuntu ofuna ukuvakasha oseGoli, eHarare, eLagos, eLondon noma eMumbai.

Uthe ubuchwepheshe obusamuntu nezinye izinkundla zobuchwepheshe bungasiza amabhizinisi ukuthi afinyelele ezimakethe ezintsha futhi axhumane ngqo nezivakashi.

Uthe nokho lobu buchwepheshe kufanele bubeyijnto esiza amabhizinisi, hhayi eyenza kubenzima ukungena kulo mkhakha. “Ubuchwepheshe kufanele bunciphise izinkinga zokungena kulo mkhakha, bungadali ezinye ezintsha,” kusho uZondi.

Usihlalo weKomiti LezokuThuthukisa nokuHlela umNotho kuMasipala waseThekwini, uMnu uThembo Ntuli ugcizelele ukuthi ezokuvakasha azigcine nje ngokubayinto eletha izivakashi edolobheni kodwa lo mkhakha uyindlela yokukhulisa umnotho, ukudala imisebenzi nokuvulela abantu amathuba.

“Ezokuvakasha azigcini nje ngokuvakasha nokungcebeleka. Ziyinsika ebalulekile ekukhuleni komnotho, ekudaleni amathuba emisebenzi nasekuthuthukiseni umphakathi,” kusho uNtuli.

Nakuba umcimbi ubuseThekwini kodwa kuqhakanjiswe nesinye isifundazwe esizoba seqhulwini kulo mkhankaso. ILimpopo yisifundazwe okuzogxilwa kusona kulo nyaka. Usihlalo weLimpopo Tourism Authority uMnu uFreddy Greaver uthe lesi sifundazwe siyaziqhenya ngaleli thuba.

I-Limpopo izosebenzisa leli thuba ukuqhakambisa izindawo zayo zokuvakasha nokukhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bayivakashele ngokomkhankaso iSho’t Left.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page