Uhulumeni kufanele ushintshe ukwenza ngeSabelomali – isikhulu seBLSA

ISABELOMALI esithulwe namhlanje esifaka ukunyusa intela ebanjwa ezimpahleni i-value-added tax (i-VAT) ngo-0.5 percentage points kulo nyaka okuzophinda nangonyaka ozayo, ngeshwa kubanga uvalo olufanayo nolwaqhamuka ngesikhathi singethulwa iSabelomali ngenyanga edlule.

Akungahlehliselwa emuva umsebenzi osuwenziwe wokuthenjwa ngabatshalimali – isikhulu seBLSA 

UKUHLULEKA kukahulumeni wobumbano ukuxazulula ukungaboni ngaso linye ngeSabelomali kuyadumaza futhi akuyona into enhle emabhizinisini. Kokunye kutshengisa ukuthi izinhlangano ezibumbe lo hulumeni ziyakwazi ukuyimela into nokuthi uHulumeni woBumbano ngeke uvele nje uvume yonke into njengokujwayelekile.

Uhulumeni uyakubona ukubaluleka kweqhaza lomasipala ezimbonini zikagesi namanzi – iBLSA

UMENGAMELI uMnu uCyril Ramaphosa ukwenzile okufanele ngokugqugquzela ukuthula izinguquko ikakhulu eziyisigaba sesibili se-Operation Vulindlela ngokugxila ezinguqukweni ezithinta amanzi nokulungisa okungahambi kahle komasipala.  

Luyaqhubeka nokudala amathuba omsebenzi uhlelo lokwakha ifenisha

IPHINI likangqongqoshe womNyango weMfundo ePhakeme lihole ithimba ebelivakashele eMkhumbane Entrepreneurship Support Centre eCato Manor, eThekwini, KwaZulu-Natali, basanda kuhlola ukuqhubeka kohlelo i-Furniture-manufacturing and Upholstery Skills Development Training Programme.

UMasipala waseThekwini uthule amapitsi ezindaweni ezinenkinga yamanzi

UMASIPALA usanda kuthule ngokusemthethweni amapitsi amahlanu ezindaweni
ezinezinselelo zokuhlinzekwa ngamanzi. La mapitsi ethulwe ezindaweni ezihlukene zakuWadi 60, kuWadi 100 nakuWadi 98.

‘Yize sinezinto ezinqindayo kodwa iSabelomali sibeka eqhulwini izinto ezibalulekile’

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) iyamncoma uNgqongqoshe weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ngokukhipha iSabelomali esifanele esitshengisa ukucophelela kodwa futhi siyise imali ezindaweni ezifanele ezizokhulisa umnotho ngokuhamba kwesikhathi.

I-South Regional Durban Business Fair ithuthukisa umnotho wasemalokishini

UMASIPALA waseThekwini unxusa abantu ukuthi beseke amabhizinisi endawo kwiSouth Regional Durban Business Fair (iDBF), eqala namhlanje kuya ngeSonto KwaMnyandu Shopping Centre eMlaza, eningizimu yeTheku, KwaZulu-Natali.

UMasipala waseThekwini nezinhlelo ezinqala zokusimamisa abahwebi

UMASIPALA waseThekwini usanda kwethule izinhlelo ezinqala zokuthuthukisa umnotho wabahwebi abanamatafula engqungqutheleni i-Informal Economy Development Summit.

Kulindeleke izivakashi ezingaphezu ku-1.3 million eThekwini ngaleli hlobo

ZIYABUYA eThekwini ngaleli hlobo. Ukwenza iTheku ukuthi libeyindawo yokuvakashelwa evelele, iMeya yaseThekwini uMnu uCyril Xaba usanda kwethule umkhankaso wasehlobo “i-Endless waves of tranquility”, okusho ukuthi amagagasi angapheli okuthula.

UMasipala waseThekwini usule izikweletu zabangasekho

UMKHANKASO omkhulukazi wokuthula umthwalo imindeni yabantu asebashona, uMasipala waseThekwini uzocisha izikweletu zemizi yenani eliwuR1 million ezingaphezu kweminyaka emibili zikhona.

I-BLSA iyalila ngokudlula kukaGordhan emhlabeni

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) idabuke kakhulu ngemva kokuzwa ngokudlula emhlabeni kwalo owayewungqongqoshe noqweqwe lukasopolitiki uMnu uPravin Gordhan namhlanje, mhlaka-13 wangoSepthemba.

Izinhlelo zeTheku zokuthuthukisa umnotho

KUNENDATHANE yezinhlelo zokuthuthukisa umnotho zikaMasipala waseThekwini eziqhubekayo kanti ezinye umasipala usazihlela. Uphiko iCatalytic Project Unit kumanje luphezu kwezinhlelo ezicela ku-16 zokutshala imali elinganiselwa kuR217 billion, zidale amathuba omsebenzi acela ku-300 000.

I-BLSA ijabulela izichibiyelo zomthetho omusha kagesi 

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) ihalalisela bonke abebeyingxenye yokuchibiyela umthetho olawula ugesi, i-Electricity Regulation Act, osayinwe wuMengameli uCyril Ramaphosa ngoLwesihlanu, mhlaka-16 ngo-Agasti.

Ithuba eliyingqayizivele kubasikingqephu abasafufusa

Ngabe ungumsiki wengqephu onesifiso sokudlondlobalisa igama lebhizinisi lakhe, ukwandisa amathuba okuzikhangisa kwabezindaba, ukwandisa amathuba okusebenzisana nabanye abasiki, ukunyusa inani lemikhiqizo oyidayisayo, ukwakha ubudlelwano obusha nokukhangisa ngemisiko yakho emisha?

Amabhizinisi ayithakasele inkulumo yokuvula iPhalamende

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) imshayela ihlombe uMengameli uCyril Ramaphosa ngokuvula kwakhe iPhalamende okokuqala kusukela kusungulwe uHulumeni woBumbano.

‘Yisikhathi sokufingqa imikhono kuhulumeni’

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) iwahalalisela amalungu ekhabhinethi kahulumeni wobumbano futhi iyayibona imizamo kaMengameli uCyril Ramaphosa nawo wonke amalungu kahulumeni wobumbano yokulibala wukungaboni ngaso linye kwawo agxile ekubekeni eqhulwini izidingo zabantu baseNingizimu Afrika ngokuvumelana ngokushesha ngendlela esheshayo ezokhulisa umnotho ofaka wonke umuntu.

Ukuntula kwentsha imisebenzi yingozi enyelelayo, kuloba uBusi Mavuso 

UHULUMENI ozongena unezinselelo eziningi obhekene nazo. Cishe inkinga enkulu obhekene nayo yizinga eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi, ikakhulukazi lokuthi abantu abasha ababili kwabathathu abasebenzi.

Lusho ukuthini ukhetho kwabamabhizinisi, kuloba uBusisiwe Mavuso

CISHE iNingizimu Afrika izokwenza ushintsho olukhulu isuka ekukhonyeni kweqembu elilodwa iye lapho umbuso uzokwenganyelwa khoa wukubambisana kwamaqembu ahlukene ezweni lonke nasezifundazweni emva kokhetho lwayizolo.

I-BLSA ishaya amakhala ngokusayina iNHI

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) ikhathazekile ngezindaba ezithi uMengameli uCyril Ramaphosa uzosayina umthetho ophasisa ukwethulwa komshwalense wezempilo i-National Health Insurance (iNHI) kusasa, mhlaka-15 Meyi 2024.

I-McDonald’s iphucula izimpilo zabafundi eThekwini. INTATHELI YOMBELE iyabika

KUFANELE abantwana balekelelwe ukulungiselela ikusasa labo kanti enye yezindlela zokukwenza loko wukubacija ngamakhono okusebenzisa amakhompyutha kwazise nesikhathi okuphilwa kusona sisebenzisa ubuchwepheshe kakhulu.

Siphila esikhathini lapho impilo ilawulwa wubuchwepheshe ngezindlela ezihlukene nokwenza ukuthola ulwazi kube lula. Kukhona nezinkundla zokuxhumana lapho noma ngabe wubani, hhayi nje ungoti kuphela ekwazi ukubhala noma yini ayithandayo kuzona. Kodwa akulona lonke ulwazi olutholakala kwi-internet nasezinkundleni zokuxhumana oluyiqiniso nokungakho kumqoka ukwazi ukuthi uyibona kanjani into ukuthi iyiqiniso noma cha. Namhlanje siphothula umkhankaso oxhaswe yi-Africa Check obunicathulisa ngaloku.

NGAPHAMBI kwamaphakathi no-2020, igama elithi DJ Kgaogelo Moagi, odume ngelikaMaster KG, belingasho lutho olutheni kwabaningi futhi akulona abantu abaningi abebengasheshe balikhumbule. Kodwa manje sekuyigama elihambisana nempumelelo emhlabeni jikelele futhi nelaziwa yizigidi ngezigidi zabantu kanjalo nomnikazi walo.

Siphila esikhathini lapho impilo ilawulwa wubuchwepheshe ngezindlela ezihlukene nokwenza ukuthola ulwazi kube lula. Kukhona nezinkundla zokuxhumana lapho noma ngabe wubani, hhayi nje ungoti kuphela ekwazi ukubhala noma yini ayithandayo kuzona. Kodwa akulona lonke ulwazi olutholakala kwi-internet nasezinkundleni zokuxhumana oluyiqiniso nokungakho kumqoka ukwazi ukuthi uyibona kanjani into ukuthi iyiqiniso noma cha. Siyaqhubeka nomkhankaso oxhaswe yi-Africa Check ozonicushisa ngaloku

LE MITHOMBO ingaba yisiqalo sokuzama ukuthola ulwazi olusezingeni eliphezulu. Nakuba kunjalo nokho kumele uhlale ubeke emqondweni ukuthi awukwazi ukuvele uthathe noma iyiphi inkulumo nje bese uzitshela ukuthi inolwazi okuyilona ngesihloko esithile.

Siphila esikhathini lapho impilo ilawulwa wubuchwepheshe ngezindlela ezihlukene nokwenza ukuthola ulwazi kube lula. Kukhona nezinkundla zokuxhumana lapho noma ngabe wubani, hhayi nje ungoti kuphela ekwazi ukubhala noma yini ayithandayo kuzona. Kodwa akulona lonke ulwazi olutholakala kwi-internet nasezinkundleni zokuxhumana oluyiqiniso nokungakho kumqoka ukwazi ukuthi uyibona kanjani into ukuthi iyiqiniso noma cha. SIyaqhubeka nomkhankaso oxhaswe yi-Africa Check ozonicushisa ngaloku.

IQINISO elingenakuphikwa wukuthi izinkundla zokuxhumana zikhuthaza ukusabalaliseka kwezithombe nama-video, nokuthi-ke isithombe esifakwe ezinkundleni zokuxhumana yisona esisethubeni lokusabalala kakhulu ukwedlula umbhalo omude.

Siphila esikhathini lapho impilo ilawulwa wubuchwepheshe ngezindlela ezihlukene nokwenza ukuthola ulwazi kube lula. Kukhona nezinkundla zokuxhumana lapho noma ngabe wubani, hhayi nje ungoti kuphela ekwazi ukubhala noma yini ayithandayo kuzona. Kodwa akulona lonke ulwazi olutholakala kwi-internet nasezinkundleni zokuxhumana oluyiqiniso nokungakho kumqoka ukwazi ukuthi uyibona kanjani into ukuthi iyiqiniso noma cha. Siyaqhubeka nomkhankaso oxhaswe yi-Africa Check ozonicushisa ngaloku

INTSHISEKELO yokuthi njengentatheli kube nguwena oba ngomunye wabokuqala abazisa umphakathi ngodaba oluthile ivame ukudala ixhala nokukhathazeka. Kodwa-ke leyo ntshisekelo yokusheshisa udaba isho ukuthi kufanele uhlolisise ukuthi lokho ofuna ukukusabalalisa kuyiqiniso kangakanani.

Siphila esikhathini lapho impilo ilawulwa wubuchwepheshe ngezindlela ezihlukene nokwenza ukuthola ulwazi kube lula. Kukhona nezinkundla zokuxhumana lapho noma ngabe wubani, hhayi nje ungoti kuphela ekwazi ukubhala noma yini ayithandayo kuzona. Kodwa akulona lonke ulwazi olutholakala kwi-internet nasezinkundleni zokuxhumana oluyiqiniso nokungakho kumqoka ukwazi ukuthi uyibona kanjani into ukuthi iyiqiniso noma cha. Kusukela namhlanje sizokwethulela umkhankaso oxhaswe yi-Africa Check ozonicushisa ngaloku

AKUYONA yonke inkulumo ongakwazi ukubheka uthole ubuqiniso bayo. Umbuzo wokuqala okumele uzibuze wona ngaphambi kokuzama ukubheka ubuqiniso ngothi: ingabe le nkulumo ingahloleka yini noma cha?

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page