UMnu uMfundiso Mtatyana, umsunguli we-Abathwa Food Farmers & Nursery ebhusha futhi ilime elokishini. Izithombe: Zithunyelwe

Ufukula umphakathi ngezifundo ezatshalwa wugogo nomkhulu 

WUTHOBILE ZWANE 

UKUKHULELA emakhaya kugogo nomkhulu kumfundise ukulima nokulusa. Uthi umkhulu wakhe wamfundisa ukulusa nokunakekela imfuyo.

Lwatshaleka kanjalo uthando lokulima kuMnu uMfundiso Mtatyana, oneminyaka ewu-33, we-Abathwa Food Farmers & Nursery. Babhusha ukwena futhi balime ezikoleni zaselokishini.

UMtatyana wazalelwa eMatatiele, eningizimu yeKwaZulu-Natali, kodwa usezinze eMlaza, eningizimu yaseThekwini. Uthi wayesebenza enomsebenzi kodwa wagcina eseyekile wazisungulela ibhizinisi lokuwasha izimoto, emva kwalo wangena ebhizinisini lokutshala amaveji.

“Ekuqaleni kwami ukulima ngafundiswa wugogo nomkhulu. Ngangivuka ngiyolima emasimini, ngaleso sikhathi ngangizizwa sengathi ngiyahlukunyezwa ngoba ngangiseyingane. Manje ngiyabona ukuthi

babengithanda bengiqeqesha ngekhono elingajwayelekile engizokhula nalo ingunaphakade,” kusho yena.

Uthi  yena nethimba lakhe abagcini nje ngokudayisa amaveji kodwa babambisane nenhlangano engenzi inzuzo iNtuthuko yaBantu Community Projects & Soup Kitchen ukulelekela umphakathi.

UMtatyana eyibambile ensimini ehlola ispinashi 

Uthi le nkampani wasungulwa wuye kodwa manje isinamalungu ayisihlanu namavolotinya amabili futhi basazama ukufuna  abanye abantu abazoba yingxenye yabazofundiswa ukulima ukuze bathole ikhono bashintshe impilo yabo.

Umphathi wenhlangano engenzi nzuzo Intuthuko Yabantu Community Project uMnu uVukani Dlamini uthi basebenzisana ne-Abathwa ukusiza izingane zesikole ngokuzipha izicathulo zesikole.

“Sibheka imindeni engathathi entweni ngokuyinika usizo ngamaveji esiwatshalayo ensimini, amaphasela okudla, imifaniswano yesikole futhi sibafundise ukulima ukuze bakwazi ukuqhubeka nazilimele emkhaya bakwazi ukulala bedlile,” kusho yena.

Uthi ufisa ukuthi uhulumeni ungabanika umhlaba omkhulu ngoba bafisa ukubanamafemu okufundisa abantu ukuthi kugaywa kanjani ukudla nokuthi kupakishwa kanjani okuya ezitolo ezinkulu.

Umsebenzi wabo usanda kubavulela ithuba lokufundiswa i-Umbedu Oyster Mushrooms Organic Farming ebisebenzisana nomNyango wezoLimo ukubafundisa ukutshala amakhowa.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/03/02/ukudeleleka-komlimi-ngenxa-yeminyaka-yakhe-nomzimba-wakhe-akumvimbanga-ukuthi-afake-isivuno-sakhe-ezitolo-ezinkulu-manje-lezi-zitolo-ezaqala-ngokumeya-sezidla-entendeni-yesandla-sakhe-uxoxe-nolanga/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page